Now Reading
Ubeyisiphikeleli soqobo kwezamabhizinisi
Dark Light

Ubeyisiphikeleli soqobo kwezamabhizinisi

Abakhuluma isilungu bathi ikati linezimpilo eziyisishiyagalolunye, kodwa intokazi yakwaNdlovu ikhombisile ukuthi nabantu bayakwazi ukuphila izimpilo ezingaphezu kweyodwa futhi zonke ziphumelele zibatshazwe. Uma kuthiwa ukufa kuyinuku, kusuke kushiwo ngalo mshophi nengozi eyehlile yahlwitha uDkt uThandi Ndlovu. Uma ubheka lapho kusetshenzwa ingqalasizinda kwakhiwa izakhiwo ezahlukahlukene yinto ejwayelekile ukubona igama elithi Motheo Construction Group. Le nkampani engenye ezimbalwa ezinkulu lapha eNingizimu eyasungulwa yaphathwa ngaboHlanga yasungulwa nguDkt uThandi Ndlovu ngonyaka we-1997.

Uyibekile induku ebandla. Isipiliyoni nolwazi lweminyaka engamashumi amabili nambili esembonini yezokwakha ubenikela ngaso kwabaningi abebesidinga. UDkt uNdlovu wafunda waba ngudokotela owelaphayo. Lolu hlobo lweziqu uthi uluqala ube wazi ukuthi luzokuthatha iminyaka eyisishiyagalombili ukuze ugogode. Kuyakhombisa ukuthi uDkt T, njengoba ebebizwa kanjalo, ubeyisiphikeleli soqobo. Kwamphatha kabuhlungu ukushona kukamfowabo uHastings Ndlovu owadutshulwa ngodweshu lwe-1976, intsha ilwela amalungelo. Ngawo lowo nyaka wazinikela emzabalazweni weqa umngcele waya ekudingisweni engena kulabo ababekuKhongolose ekudingisweni. Ugxilile ezinhlelweni ezahlukene zikaKhongolose. Esebuyile ekudingisweni uke wasebenza ngolwazi lwakhe lokwelapha kuSANDF. Kule mpelasonto siphetha kabuhlungu inyanga edume ngokuthi ngeyabesifazane.

Ubengowesifazane ozinikele ukwenza imisebenzi ebeyijwayele ukubonakala igaselwa ngabesilisa. Ungene emkhakheni wokwakha wakhula wagxila futhi wasabalala kule mboni. Ubengusomabhizinisi ovelele futhi ekhombisa isibindi esingavamile kwabaningi. Inkampani iMotheo yakhe izinkulungwane zezizindlu, ikhona futhi kungqalasizinda kagesi, kanti ikhona futhi kwezobunjiniyela. Ngokubuka isidingo sokunikeza ulwazi kwabasakhula basungule iMotheo Academy. Isililo esiqhamuka ezinkalweni ezahlukene sikhombisa ngokusobala ukuthi kuwe umuthi omkhulu.

See Also

AbeBlack Business Council bamchaza njengesiphikeleli, umholi woqobo kwezamabhizinisi obethandwa aziswa kakhulu ezinkundleni zamabhizinisi. ISouth African Housing and Infrastructure Fund (SAHIF) imchaze njengeqhawekazi, owesifazane ongumholi ozinikele ngakho konke, kwesinye isikhathi aze azikhohlwe yena. Bayadingeka abesifazane abafuze le ntokazi, ikakhulukazi ezimbonini ebezinabesilisa kakhulu. Akungabazeki ukuthi le mboni izomdinga omunye ofana noDkt uNdlovu. Ubehlonishwa ngabesifazane nabesilisa kwezamabhizinisi, ngoba ubenamandla nesibindi sokuthatha izinqumo ezinqala. Ezinkundleni zokuxhumana baningi abababaza amakhono kaDkt uNdlovu njengoLakela Kaunda omchaza njengomuntu obegasela kunoma yiliphi izinga lobuholi uma kufanele kulungiswe izinto, elwela izinguquko ezimbonini kodwa enokuzehlisa okukhulu. Kuningi esingakufunda uma singabuka ezinyathelweni zenkosazane yakoGatsheni ukuthi impumelelo iyasetshenzelwa futhi akusiyo eyabebala elithile nobulili obuthile kuphela.

Scroll To Top