Now Reading
OkaMajola: Isikhumba esihlula abeshuki
Dark Light

OkaMajola: Isikhumba esihlula abeshuki

Iqembu labiza uMbeki wavuma, labiza uZuma wavuma umkhotho wajama kwiMeya yeTheku

UMENGAMELI woPhiko Lwabesifazane kuKhongolose uNks uBathabile Dlamini ephawula ngesinqumo sesigungu esiphezulu KwaZulu-Natal sokuxosha uNkk uZandile Gumede esikhundleni seMeya wathi abathokozile ngendlela asuswe ngayo esikhundleni. Eqhubeka nokuphawula awathi: “Kuyaxaka ukuthi owesifazane kuba lula ukumsusa esikhundleni uma kukhona okuvelile ngaye kodwa lokho akwenzeki kozakwethu besilisa abasezikhundleni ezifanayo”. Lawa mazwi akhombisa ukuthi uphiko lwabesifazane luyazwelana nomunye wabo futhi kwabanye le nkulumo yayimusheka ngokuthi  awangachithwa amanzi ngoba zisengajika izinto. Umyalezo ongene ngoLwesithathu uphuma kwabezokuxhumana ukhuluma ngokuhlehliswa kokufungiswa kweMeya entsha uMnu uMxolisi Kaunda izolo ngoLwesine ubusho ukuthi kukhulu osekwenzekile. Lithe lishona elangoLwesithathu zabe sezisabalele izindaba zokuthi uNkk uGumede ushaye ungqimphothwe wayihoxisa incwadi yakhe yokwesula.

UNkk uGumede udaba lwakhe uludlulisele kuNobhala Jikelele we-ANC uMnu u-Ace Magashule. Naye uMfo kaMagashule uzihlangulile wathi isigungu se-ANC esifundazweni yisona okumele sithathe isinqumo esiguquju ngalolu daba okusho khona ukuthi uNkk uGumede kusazomele abhekane nozakwabo esifundazweni. Encwadini ayibhalile yokuhoxisa ukwesula kwakhe ubalula ukuthi abenziwanga ubulungiswa unxusa ukuba isigungu siphinde sisibuyekeze isinqumo saso sokumxosha. Kukhona konke okwenzekayo kulesi sikhathi, abukeka emancane amathuba okuthi isigungu sikaKhongolose esifundazweni siguquke esinqumweni saso ngoba lokho kuyosho ukuthi kumele kwenzeke okufanayo naseMsunduzi lapho kuxoshwe khona uMnu uThemba Njilo nesigungu sonke sakhe. Okhulumela i-ANC esifundazweni uMnu uRicardo Mthembu uthe bazoyicubungula incwadi kaNkk uGumede bathathe isinqumo ngayo kungekudala kodwa njengeProvincial Executive Committee basamile kwabakusho.

Okhulumela i-ANC kuzwelonke uMnu uPule Mabe uthe akekho umuntu onelungelo lokuphambana nomyalelo we-ANC okuyiyona esuke imjubile esikhundleni. “I-ANC uma isithi lapho ibikujube khona isiyakususa kumele ukuhloniphe lokho njengesisebenzi ngoba iyona enamandla ukuthumela abantu nokubahoxisa ezikhundleni,” kusho uMabe. UNkk uGumede unguSihlalo we-ANC esifundeni iTheku okuyiso esinezithunywa eziningi ezibamba iqhaza ezingqungqutheleni ziKhongolose okwenza iKZN kube yisona sifundazwe esiba nezithunywa eziningi. Lokhu kusho ukuthi uNkk uGumede usenamandla amakhulu futhi kusekhona abamesekayo buthule. Leli phephandaba like labhala ngaphambilini ukuthi odabeni lukaNkk uGumede uKhongolose ubhekene nesinqumo esinqala sokubangula iva okungathi uma wenza kabi buchitheke bugayiwe. Kukhona abaveza ukuthi akubethusanga ukuyihlaba inhlali kukaMagashule. Babona ukuthi uMagashule bekukuncane kakhulu angalekelela ngakho kulolu daba ngoba kwayena ziyamnetha kulezi zinsuku ngenxa yobufakazi obumninda ngenkohlakalo obethulwa kuKhomishini ephenya ngezinsolo zokugwamandwa kombuso kaMehluleli uRaymond Zondo. Ngokobufakazi obethulwe kuleli sonto obesekwa nayizinkulumo ezibhalwe phansi okwakuxhunywanwa ngazo kuma-imeyili, kukhona lapho kuvela khona ukuthi u-AM okumele u-Ace Magashule kumele agixabezwe ngo-R10 million.

See Also

Isinqumo sikaNkk uGumede sokungalishiyi iHhovisi noma iqembu lakhe okuyilo elimjube ehhovisi selinqumile kusho ukuthi kuzobambezeleka zonke izinhlelo zokungena kwamakhansela amasha ngoba ngaphambi kokuba uKaunda angene nezakhe kumele bonke abadala kube bashiyile ezikhundleni. Ngaphambi kokukhonjwa indlela uNkk uGumede ubehlatshiswe ikhefu ebelilolukhu livuselelwa ngenxa yamacala abhekene nawo enkohlakalo ethinta izigidi ezingama-R208 ngethenda yokuqowa kukadoti eThekwini. Ungaphandle ngebheyili yezi-R50 000. Namuhla uKhongolose usendaweni ongakaze uzithole ukuyo ngisho nasodabeni lukaZuma awukaze uzithole usunqakisana nomholi ojutshwe yiyo esikhundleni. Wakwazi ukubiza uMbeki wesabela, wabiza uZuma wasabela, wabiza uMahumapelo eNorth West kwangandabazalutho, wabiza umfo wakaNyawozekewu uMnu uSenzo Mchunu kwacweba isiziba. Kulokhu kubukeka ubhekene nokunye njengoba okaMajola edweba phansi ethi angeke alale engandlalelwe. Yize kusasekuseni izinkomba zithi kuyosala oyedwa.            

Scroll To Top