Now Reading
Bagane unwabu ngesinqumo kwelikaChang
Dark Light

Bagane unwabu ngesinqumo kwelikaChang

 

UNGQONGQOSHE Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo u-Advocate uMichael Masutha ongafungiswanga njengelungu lePhalamende ngenxa yokuba kude ohlwini lwamalungu e-ANC uzokhunjulwa kulo Mnyango ngesinqumo sokugcina asithathile sokuchayisa i-United States of America (USA).

UMasutha uthathe isinqumo ebesingalindelekile ebuyisela eMozambique uManuel Chang owayenguNgqongqoshe Wezezimali kuleliya lizwe obhekene noxhaxha lwamacala okukhwabanisa nokuqola eMozambique nase-USA. UChang ufunwa uthuli i-United States of America ukuze azobhekana namacala akhe kuleliya lizwe.

Izinhlangano zomphakathi eMaputo zisola ukuthi uChang uzokubalekela ukubhekana namacala eMozambique. Kula macala kukhona awomgunyathi ngezinkontileka zemikhumbi ezadla laliya lizwe imali eyizigidigidi ezi-$2 ($2bn).  “Siyanxusa kuHulumeni waseNingizimu Afrika ukuba uthumele uChang e-United States of America ukuze abhekane namacala, ahlukumeza abantu bakuleli lizwe kwahamba ngendlela engekho emthethweni imali kaHulumeni waseMozambique engaphezu kwezigidi ezingama-$700 ($700mn),” kusho okhulumela iNxusa lase-USA ePitoli uMnu uRobert Mearkle.

Uthi baphoxekile ngesinyathelo esithathwe iNingizimu Afrika nesitatimende esikhishwe uNgqongqoshe u-Advocate uMasutha omemezele ukuthi bazombuyisela kwelakubo uChang, nakuba bese sibanikeze incwadi yesicelo sethu singakenzeki esikaHulumeni waseMozambique. Eqhuba uthe kunezingxoxo eziqhubekayo noHulumeni wakuleli ukubheka ukuthi ayikho yini indlela okungabuyekezwa ngayo lesi sinqumo.

UChang waboshwa esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International eGoli zingama-30 kuZibandlela wezi-2018 emuva kokuba i-Interpol ikhiphe incwadi egunyaza ukuba avalelwe lapho etholwa khona. Le ncwadi yayikhishwe egameni likaHulumeni wase-United States of America. Le ncwadi yayinxusa nokuthi uma ebanjwa athunyelwe e-USA ngokushesha ukuze abhekane namacala.

Kuthiwa wathatha elinganiselwa ezigidigidini ezi-$2 kuHulumeni waseMozambique ethi uzothenga imikhumbi emikhulu yokudoba neyokuqapha olwandle phakathi konyaka wezi-2013 nowezi-2014. NgoMbasa iNkantolo yeMantshi eKempton Park yakhipha isinqumo sokuthi uChang wayengabuyiselwa kunoma yiliphi izwe yashiyela iNingizimu Afrika ukuba ithathe leso sinqumo. Khonamanjalo iqembu elibusayo eMozambique iRenamo  lithe lishaqekile ngesinqumo sikaMasutha sokubuyisela uChang khona kunokuba simkhombe e-USA ukuze abhekane namacala akhe enkohlakalo nokushintshanisana ngemali.

Okhulumela iRenamo uMnu uJose Manteigas  uthe inqubo yezomthetho eMozambique ayisinikezi isiqiniseko sokuthi uChang uzokwazi ukubhekana nmacala akhe khona. Uthi ngisho nezinkampani ayezisebenzisa akubonakali zizokwazi ukukhokha zonke izindleko zemali eyathathwa uChang okusho ukuthi uHulumeni kuzomele kube yiwona oshaya iphakethe.

See Also

UManteigas usole uhlelo lwezobulungiswa ezweni ngokungasebenzi ngendlela njengokuhluleka ukuphenya amacala amakhulu okubulala njengelithinta ukufa kukaMehlulelii eNkantolo yoMthethosisekelo uGilles Cistac ngowezi-2015 nosomnotho uSiba-Siba Macuacua, ngowezi-2001 owabulawa ezama ukuqoqa imali eyayikweletwa ibhange elizimele iBanco Austral.

Eqhuba uManteigas uthe njengeqembu banovalo ngokuphepha kukaChang njengoba esebuyele eMozambique uma kwenzeka elalelwa unyendle.

Uthi uyethemba ukuthi kukhona uHulumeni ozokwenza ukuze bonke abathinteka emacaleni enkohlakalo nokukhwabanisa bathathelwe izinyathelo zomthetho.

Scroll To Top