Now Reading
Ubuchule okwahlanganiswa ngabo izwekazi i-Afrika
Dark Light

Ubuchule okwahlanganiswa ngabo izwekazi i-Afrika

UMA ungakaze uzwe ngamachule abaseNyakatho ukwala ukuthi isakhiwo esibizwa nge Great Zimbabwe namuhla sasakhiwe ngabokudabuka e-Afrika, kuyobe awulwazi udaba. Uma ungakaze uhlangabezane nemibhalo ecasulayo yabacwaningi baphesheya abafana noGetrude Caton Thompson owavuma ukuthi iGreat Zimbabwe yakhiwa ngabangokudabuka e-Afrika kepha wabahlambalaza ngokuthi athi noma kunjalo lesakhiwo sikhombisa ukuthi abakhi baso babengakhaliphile ngokwanele, kuyobe awulwazi udaba. Namuhla, kuyavunywa ukuthi iGreat Zimbabwe iwuphawu olukhombisa ukuthi leli zwekazi lalinezizwe ezaziholwa yilabo ababenobuhlakani futhi besebenzisa impucuko yabo. Uma ungakaze ufunde imibhalo kaHugh-Trevor Ropen, amaNgisi azigqajayo ngaye njengesinye sezifundiswa zawo ikakhulukazi kwezomlando, kuningi okusamele ukufunde ngemizamo yokudicikelela phansi isithunzi saba se-Afrika.

URopen waba nesibindi ngonyaka wezi-1963 sokuthi lelizwekazi okuthiwa yi- Afrika alinamlando, ngakho- ke akungachithwa isikhathi kuzanywa ukubhala ngalo. Waqhubeka wathi umlando okhona nokuyiwo kuphela okungabhalwa ngawo ngokhuluma ngokwenziwa ngabaseNyakatho e-Afrika. Uma ungazi ukuthi inhloso yesihluku sobuholi basemandulo beRome (Roman Empire) sokuthi ibhubhise idolobha i-Carthage sasingaqondile kuphela ukuqumba phansi umbuso owawuse-Afrika kepha kuphindwe kuqedwe ngempucuko lelidolobha elalidume ngayo, kuyobe awulwazi udaba. Namuhla izindonga ezisamile zase Carthage ziwuphawu lo gobe olwakhiwa ngabase Nyakatho ukucikelela phansi ulwazi, ubunjalo, kanye nomlando okhombisa ubuhlakani balabo ababezinze kulelizwekazi. Uma ungakaze umangazwe ubuhlakani obuqukethwe futhi bubonakaliswe yizikwelemjico (Pyramids) zase-Egypt (Kemet) yase mandulo kobe awulwazi udaba.

Uma lezakhiwo kanye nalezo zase Great Zimbabwe, Mapungubwe, ne Carthage zingakwenzi ukuthi ufune ukwazi kanzulu ngalabo njiniyela, ososayensi nezichitha buchopho zase Africa ezabeka lezakhiwo, kuyobe awunalo ugqozi lokuthi ulwazi udaba. Lolu ngudaba lokujula komlando wezwekazi. Udaba lwemizamo yezifiki ukuthi umlando wezwekazi, omuhle nomubi, ufihlwe ukuze kugqanyiswe lokho bona abeza nakho. Uma ungakaze uzwe ngo ‘Mbuso ka Prester John’ kanye nezwe okuthiwa wayelibusa kobe awulwazi udaba. Igama elithi ‘umbuso ka Prester John’ laqanjwa ngababeqhamuka eNyakatho okwagcina sekuxova umlando wezwekazi ngoba akekho owayazi ngaleyo minyaka ukuthi ngubani u‘Prester John, ngoba owayaziwa kwabe kungama khosi ase- Abysssinia. Wonke lo lomlando uyinkomba yokuthi abaseNyakatho babengazixaki ngokucwaningisisa ngabase- Afrika, babevele bazinqumele ngendlela abayithandayo ngoba bezitshela ukuthi okwabo,

nabakwaziyo kungcono kunalokhu okwakukhona e-Afrika. Ngudaba lomlando walelizwekazi okumele luthathwe njengengqikithi yesinqumo esathathwa ngonyaka wezi 1958 mhla kuhlangene abaholi ababelwela ukukhululwa kwamazwe ase-Afrika e Accra, eGhana. Kulo mhlangano kwathiwa akusungulwe usuku olwabizwa nge-Africa Freedom Day nalapho kwathiwa kumele kube wusuku “lokubuyekeza imizamo yokukhulula izwekazi, luphinde lube wuphawu lokukhombisa ukuphikelela kwabangabokudabuka e-Afrika ukuthi bazikhulule ekubusweni yizifiki nokuxhashazwa.” Njengoba lenyanga ka Nhlaba imiselwe imigubho eyahlukene yokubungaza ukukhululeka kwe- Afrika, okumele kungakhohlwa yilesibophezelo sangaphambili sokuthi kwakulwelwa ukuba lelizwekazi lizikhulule ebugqilini bokuthi umhlaba wokhokho ungabuswa yithi, nokuthi kusetshenzelwe ukubuyisa isithunzi sezizwe ezahlukene. Kukho konke okuzokwenziwa kwi migubho ezobakhona kule ephezulu, neminye esazolandela unyaka nonyaka, akungakhohlwa ukuthi le nyanga nosuku lomhla wama-25, kumele luphinde lusetshenziselwe ukuba yisikhumbuzo sakho konke okwenzeka phambilini okwacishe kwesula ukubaluleka komlando wezwekazi ngaphambi kokufika kwabangaphandle.

See Also

Lo mlando awubalulekile ngoba kuthiwa kumele kubuyelwe emuva, kepha ubaluleke ngoba kuwo kulele ulwazi, ubuhlakani, izimfundiso ezisesemqoka nanamuhla ukuze kufezeke izinjongo zokwakha izwekazi elinokuthula, neminotho edlondlobalayo. Iphutha eselivame ukwenzeka ngelokuthi inyanga kaNhlaba kanye nemibhiyozo yomhla wama-25, kungagxilwa kakhulu kulokho okumele kwenziwe ukuze ‘kubuyelwe’ ezimpandeni nesi sisekelo sobunjalo bethu njengabokudabuka kuleli zwekazi. Kumele kuphinde kubalulwe ukuthi izingqinamba eziningi leli zwekazi elibhekene nazo kungaba kwezomnotho, ubudlelwane namanye amazwekazi kanye nezinye izizwe, ububha obubhekene nezakhamuzi, zingasombululeka ngokuthi kuqoqwe bese kusetshenziswa ulwazi lwangaphambili. Namanje sisasho ukuthi emhlabeni wonke, asikho isizwe esikwazi ukuzakha uma singanqiki kulwazi lwaso. Lokhu kuxhashazwa nokudicilelwa phansi kwezwekazi abaholi abakhuluma ngakho ngowe-1958 okusaqhubeka ngazindlela thize nanamuhla, bophela mhlazane izakhamuzi zase Afrika zizibophezelela ekusebenziseni ulwazi olungolokudabuka kulelizwekazi.

Scroll To Top