Yize selimathunzi kuMaritzburg United abalahli mbeleko
ISITOBHA seMaritzburg United uNazeer Allie uthi usanethemba ukuthi ezakhe zisangalivika izembe okungenani zidlale amaplay-off.
IMaritzburg United ihlulwe ngegoli elilodwa eqandeni yi- Orlando Pirates ngoLwesithathu eHarry Gwala Stadium, eMaritzburg. Ukuhlulwa kwayo kwenze yasala ngamaphuzu amane kwezikaChippa Mpengesi iChippa United, elele endaweni ye-15 kulogi.
“Sazi kahle ukuthi abantu sebelilahlile ithemba ngathi njengoba silokhu siqhubeke njalo nokulahla amaphuzu, kodwa thina siyiqembu sisenakho ukuzethemba ekutheni singagcina sidlala amaplayoff noma sibe sendaweni ye- 14 uma kugoqwa isizini. Size kulo mdlalo sifuna ukunqoba kodwa kwangenzeka. Kuhlezi kunzima ukubhekana nePirates, ibiwadinga amaphuzu njengoba isembangweni weligi nje,” kubeka u-Allie oqokwe njengomdlali wosuku kulo mdlalo.
Leli qembu elicijwa ngu- Eric Tinkler selidlale imidlalo engama-27 lanqoba emine, ladlala ngokulingana kweyisi-8 lahlulwa kweli-15, lanamaphuzu angama-20. Lisalelwe imidlalo emithathu ngaphambi kokuthi kusongwe isizini.
Luzotholana phezulu neBlack Leopards kusasa, ngoMgqibelo eThohoyandou Stadium, eLimpopo ngelesithathu ntambama, olandelayo kube ngoweSupersport United mhla zinhlanu kuNhlaba eHarry Gwala Stadium. Umdlalo wokugcina uzofana nowamanqamu lapho izobhekana neBaroka FC, nayo engekho esimweni esikahle, ePietersburg Stadium mhla zili-11 kuNhlaba.
“Indlela esidlala ngayo ayikho yimbi kakhulu, sishodi ngokuthi sisebenzise amathuba. NgoLwesithathu sidlale kahle nePirates, inkinga yaba sekutheni asilitholi igoli. Mithathu imidlalo esisalele. Ngeke ngisho ukuthi kulele kubadlali baphambili ngekusasa, kodwa sonke siyiqembu kumele silwe ngoba nami ngiyisitobha ngingalishaya igoli sithathe amaphuzu agcwele,” kubeka u-Allie.
Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-33 ngaphambi kokujoyina iTeam of Choice (iMaritzburg United) ubedlalela i-Ajax Cape Town esembangweni wokunyukela ku-Absa Premiership isuka kuNational First Division njengoba ilele endaweni yesithathu. Uphinde wadlalela iBidvest Wits.
UTinkler ephawula ufakazelane no-Allie ngokuthi ithemba yinto esekhona.
“Kubuhlungu ukuthi uwuphathe wonke umdlalo ujike wehlulwe. Lesi simo sibhekene nathi lapho siwadinga khona amaphuzu njengoba sifuna ukusuka emsileni. Sisalelwe imidlalo emithathu. Kusho ukuthi kumele sidlalele amaphuzu ayisi-9, kanti le midlalo nakanjani kumele siyinqobe uma sifuna ukuzibona sigijima ku-Absa Premiership nangesizini ezayo,” kuchaza uTinkler.