Now Reading
Ubukeka esazoyidonsa imikhala uPutin
Dark Light

Ubukeka esazoyidonsa imikhala uPutin

ANGASE aphoxeke esethembile amazwe aseNtshonalanga ngokhetho lwaseRussia lukazwelonke lwangowezi-2024. Kunethemba emazweni aseNtshonalanga lokuthi lolu khetho luzoba lungelokuqala kusukela ngowe-1999 lapho khona uMnu uVladimir Vladimirovich Putin engagaqele sikhundla kuHulumeni.

NgokoMthethosisekelo waseRussia uPutin ngeke akwazi ukukhankasela esobumengameli okhethweni lwangowezi-2024 njengoba ezobe eseqede amahlandla amabili elandelana, elokuqala elaqala ngowezi-2012 laphela ngowezi-2018, elesibili laqala ngowezi-2018 njengoba lizophela ngowezi-2024 njengoba ihlandla ngalinye eRussia liba iminyaka eyisithupha.

Ngowezi-2024 iyobe isingama-25 iminyaka uMnu uPutin abamba izintambo zombuso eRussia njengoba kusukela ngowe-1999 ngesikhathi uMnu uBoris Nikolayevich Yeltsin emqokela kwesobuNdunankulu, ngowezi-2000 kuya kowezi-2004 kwaba ihlandla lakhe lokuqala kwesobumengameli, ngowezi-2004 kuya kowezi-2008 kwaba ihlandla lakhe lesibili. Ngenxa yokungavunyelwa uMthethosisekelo ukuthi ahlale ngaphezu kwamahlandla amabili elandelana kwesobumengameli wabe esebuyela kwesobuNdunankulu ngowezi-2008 kuya kowezi-2012. Ngokugunyazwa uMthethosisekelo, ngowezi-2012 wabe esebuyela kwesobumengameli njengoba aphinde aqokelwa elesibili nyakenye elizophela ngowezi-2024

Abukaze baba buhle ubudlelwano phakathi kukaMnu uPutin namazwe aseNtshonalanga njengoba behlezi benukana ngokuthize. Kumanje iRussia ibhekene nonswinyo kwezomnotho oluqhutshwa i-USA ngokubambisana nenhlangano yamazwe ase- Europe, i-European Union (EU). Imbangela yalolu nswinyo kwaba isenzo sikaHulumeni kaPutin sangowezi-2014 sokugwamanda ingxenye ye-Ukraine esemngceleni wayo iCrimea.

AwaseNtshonalanga asola uMnu uPutin ngokuzama ukuvuselela inqubo yobukhomanisi ngalesi senzo sokugwinya iCrimea njengoba isizathu esivela kuHulumeni waseRussia ngalesi senzo ukuthi sivele kwakungesaso lesi sifunda esalahleka ngesikhathi sekuntengantenga umbuso weSoviet Union.

Ukungahoshelani phakathi kukaMnu uPutin nawaseNtshonalanga kuphinde kubhebhethekiswe nangumbono wokuthi kunokucindezelwa kwabasebudlelwaneni bobulili obufanayo.

Kunombono wokuthi owezi-2024 kuzobe kungunyaka wokugcina wombuso kaPutin okungase kunike izintambo zombuso ozohambisana nenqubomgomo yawaseNtshonalanga. Kungase kube nokuphoxeka ngaleli themba njengoba kubonakala ekhona okade ayelungiselelwa ukuphatha eRussia.

Kubonakala uMnu uDmitry Anatolyevich Medvedev kunguye ozongena ezicathulweni zikaPutin ngowezi-2024. Ngowe-1999 ngesikhathi uPutin eqokwa uMnu uYeltsin kwesobuNdunankulu waqoka uMedvedev njengesekela lakhe. Ngowezi-2008 ngesikhathi uPutin esehlangabezana nenkinga engasakwazi ukubuyela kwesobumengameli ihlandla lesithathu waqoka uMedvedev kwesobumengameli okwathi yena uPutin waba nguNdunankulu okwaze kwaba owezi-2012. Ngesikhathi uPutin esebuyela kwesobumengameli ngowezi-2012 waqoka uMedvedev kwesobuNdunankulu okuze kube manje usenguye kuze kube owezi-2024.

Njengoba uMedvedev ahlala ihlandla elilodwa kwesobumengameli usengakwazi ukubuya ngowezi-2024 aphathe amahlandla amabili okusho ukuthi kusukela kowezi-2024 kuya kowezi-2036. Njengoba uMengameli kunguye onamandla okuqoka uNdunankulu, akubonakali uMedvedev uma enqoba ukhetho ngowezi-2024 engaqoka omunye umuntu kulesi sikhundla ngaphandle kukaPutin njengoba kade baqala befukamelana.

See Also

Noma engamnika isikhundla sokuba ungqongqoshe wezokuxhumanisa namazwe namazwe noma esobungqongqoshe embuthweni wezokuvikela. Akubonakali kungenzeka ukuthi uMedvedev angene emandleni ombuso emshiye ngaphandle uPutin njengoba noPutin engakaze amshiye.

Ngowezi-2011 iqembu i-United Russia lahlangana namanye amaqembu amancane kanye nezinhlangano ezizimele ukuze bakhe iqembu i-All-Russia People’s Front nakuba ingakaze yathweswa inkinga yi-United Russia kulona lonke ukhetho lwaphambilini. Lokhu kuhlangana kwawanqinda amandla amanye amaqembu ezepolitiki kuleli lizwe njengoba izinhlangano okwahlanganwa nazo kwakungezilwela amalungelo abesifazane, awezinkonkoni kanye nezilwane okuyizinto owawusolwa ngokungazihloniphi uHulumeni kaPutin noMadvedev.

Zabonakala izithelo zalokhu kuhlangana okhethweni lwangowezi-2018 njengoba leli qembu lathola amavoti angama-76.6% lisuka kwangama-63.3% elaliwatholile okhethweni lwaphambilini.

Akubonakali kukhona okungaphazamisa i-All-Russia People’s Front ekunqobeni ukhetho ngowezi-2024 njengoba kubonakala lingenamelami kupolitiki yaseRussia okungachaza ukuthi uMedvedev uzoba ngumengameli bese uPutin ethole isikhundla esinohlonze kuHulumeni

Scroll To Top