Now Reading
Ngabe isinqumo seNkatolo siphuce iDagga Party isihlangu
Dark Light

Ngabe isinqumo seNkatolo siphuce iDagga Party isihlangu

ZILI-18 kuMfunfu wanyakenye kwaqopheka umlando eNingizimu Afrika ngesikhathi iNkantolo Ephakeme yaseWestern Cape ivuna isicelo sezithandani uMnu uMyrtle Clark and noNks uJulian Stobbs sokubhema insangu. Le Nkantolo yabe isicela ukuthi isidlulisele eNkantolo YoMthethosisekelo lesi sinqumo sayo ukuze kuzoba khona ukucaciseke ekutheni ngabe uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uyakuvuma yini ukuthi insangu isetshenziswe ngasese. INkantolo YoMthethosisekelo yabe isikucacisa ukuthi ngokoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika insangu ingasetshenziswa ngasese.

Lesi siphakamiso sokusetshenziswa kwensangu eNingizimu Afrika singumgogodla weDagga Party of South Africa enethemba lokuthi ohlwini lwe-Independent Electoral Commission of South Africa (IEC) lwamaqembu azoncintisana okhethweni lukazwelonke olungoNhlaba. Isizathu sokuthi lingabaze ukuba khona kwalo leli qembu ukuthi uLwesithathu bekuwusuku lokugcina emaqenjini ezepolitiki ukuthi akhokhe imali yokubhalisela ukungenela ukhetho okungamarandi ayizi-200 000 kanti lona lithi akucacanga kahle ukuthi i-IEC iyitholile imali evela kubo njengoba umshini akade bewusebenzisa ukhombe ukuba nenkingana okungase kungabathusi uma bengasaveli ohlwini lwamaqembu azoncintisanela ukhetho.

Leli qembu lasungulwa ngoNhlolanja wezi-2009 ngesikhathi ukusetshenziswa kwensangu kungakavunyelwa eNingizimu Afrika. NgokukaNks uJulian Stobbs bangaphezu kwama-600 ababhadla emajele ngenxa yokuboshelwa ukusebenzisa insangu.

See Also

Ngokongoti bezomthetho waseNingizimu Afrika abantu ababoshelwa ukusebenzisa insangu ngaphambi kwesinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo abazukuhlomula kulesi sinqumo ngoba ukuboshwa kwabo kwakuvunwe uMthethosisekelo wangalesi sikhathi. Lokhu kusho ukuthini ngamathuba eDagga Party kuyiwa okhethweni? Ngabe isinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika sigqilaze ukubaluleka kwayo kupolitiki yaseNingizimu Afrika? Yize umholi waleli qembu uMnu uJeremy Acton ethi usezogxila ekulweleni labo ababoshelwa ukusebenzisa insangu, kodwa akubonakali abantu abangama-600 bengayisa iqembu ePhalamende. Ngabe isinqumo seNkantolo yayiphuca isihlangu iDagga Party of South Africa noma baningi abangakagculiseki ngoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika kwele nsangu?

Scroll To Top