Ugadle kojenene bombutho wezempi uMnangagwa


NGOLWEZI kowezi-2017 kwabanoguquko olwalungakaze lubonwe eminyakeni engama-37 kwatholakala inkululeko kuHulumeni wase-Britain. Umbutho wezempi owawuholwa uJenene Constantino Chiwenga wagasela ekomkhulu iHarare ngezwi lokuthi uvikela umzabalazo owabalekisa i-Britain ngowe-1980. Nakuba uJenene uChiwenga akuqinisekisa ukuthi lokhu abakwenzayo akukhona ukuketula umbuso, kodwa wakuveza futhi nokuthi uma bebona ukuthi sekudelelwa izibopho zomzabalazo ngeke bahlale bangangeneleli ukulungisa isimo. Emva kokungenelela kombutho wezempi inhlangano ebusayo iZanu PF yabe isiqoka u-Emmerson Dambudzo Mnangagwa njengoMengameli wayo omusha njengoba kwakubhekwe okhethweni ngoNtulikazi wangonyaka olandelayo. Ngokuthi le nhlangano iyona eyayinamalungu amaningi ePhalamende, yabe isiqoka uMnangagwa waba nguMengameli wezwe omusha. NgoNtulikazi wanyakenye iZanu-PF yabe isinqoba ukhetho lukazwelone okwamenza wamanguMengameli ngokugcwele uMnangagwa.
Umbutho wezempi waseZimbabwe ugamenxe ezindabeni zombusazwe. Lokhu kugamanxa kwawo sekudale ukuthi kube nenkulumompikiswano ngonguMengameli wangempela waleli lizwe. Kuzokwazeka ukuthi nyakenye uMengameli uMnangagwa waqoka uChiwenga njengesekela lakhe. Ngosuku lokuphuma kwemiphumela yokhetho, umholi wePeople’s Democratic Party (PDP) eyayibophe amaxhama okusebenzisana neMovement for Democratic Change (MDC) eholwa uNelson Chamisa, uTendai Biti wamemezela ezinkundleni zokuxhumana ukuthi nguChamisa onqobe ukhetho kodwa iZimbabwe Electoral Commission yakuchitha lokhu yathi uMnangagwa onqobile. UChamisa noBiti bathi abayamukeli le miphumela ngoba bayazi ukuthi ilawulwa inkohlakalo, okuyinto eyakhuthaza abalandeli babo ukuthi bagcwale imigwaqo bebhikisha bephikisana nemiphumela. Umbutho wezempi wabe usungenelela kwasala enkundleni abayisithupha ababhikishi ngenxa yalokhu kutholana phezulu nombutho wezempi. Izazi zepolitiki zaqala zagagula ukuthi umbutho wezempi osubusa eZimbabwe kwazise iwona owaqikelela ukuthi uMnangagwa uqokwa njengoMengameli we- Zanu-PF okwase kubalula ukuthi aqokelwe kwesobumengameli bezwe. Bakhombana ngeminwe uChamisa noMnangagwa ngenxa yesibhicongo sokufa kwabantu.
Phakathi kukaZibandlela wanyakenye noMasingana kulo nyaka, odokotela nabahlengikazi bebegcwele imigwaqo bekhala ngamaholo. Uphindile umbutho wezempi wangenelela uzama ukunqanda le mibhikisho. Ababhikishi bakhala ngokuthi umbutho wezempi awusebenzisi isisi esikhalisa unyembezi okanye izinhlamvu zenjoloba kodwa usebenzisa izinhlamvu zangempela okuyindlela yokubaphoqa ukuthi babuyele emsebenzini nakuba bengagculisekile.
Okufanayo sekuphinde kwenzeka nakule nyanga lapho khona uNgqongqoshe Wezezimali uMthuli Ncube ememezela ukuthi kuzokhuphuka intengo kaphethroli njengezinye zezindlela zokulungisa isimo somnotho esilengela eweni. Abantu akubagculisanga lokhu njengoba bagcwala imigwaqo bephikisana nalokho, waphinda wangenelela umbutho wezempi nakhona futhi ophinde usolwe ngokusebenzisa izinhlamvu zangempela ekubeni imibhikisho ilawulwa ngezinhlamvu zenjoloba.
Konke lokhu kungenelela kombutho wezempi bekwenzeka uMengameli uMnangagwa esaphumile esayonxenxa amazwe asentshonalanga ukuthi ayeke unswinyomnotho olubhekiswe ezweni lakhe. Ngesikhathi umbutho ungenelela emibhikishweni yabahlengi nabahlengikazi, uMnangagwa wayeseNtshonalanga waphinde wakhombisa nokungazi nokuthi kwenzakalani ezweni lakhe ngesikhathi efaka inkulumo kuTwitter encoma ukuhamba kahle kwezingxongxo namazwe awavakashele. Kulo mbhikisho wakamuva ubebheke kunkomfa yokucobelelana ngamasu kwezomnotho ebakhona njalo ngonyaka ebiseDavos. Waphinda wakhombisa khona futhi ukungazi ukuthi kwenzakalani njengoba wadalula izinhlelo zakhe kuTwitter zokudlulela kwamanye amazwe uma eseqedile eDavos. Abantu bamazisa ukuthi isimo simazonzo ezweni lakhe njengoba edalula lezi zinhlelo nje, okuyinto eyamphoqa ukuthi aphindele emuva ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kwalesi simo.
Zizine kule nyanga, uChiwenga ufikelwe ukugula weza eNingizimu Afrika ukuzolashwa, wabe esedlulela eNew Delhi e-India. Akabanga esapholisa maseko uMnangagwa njengoba ethathise impesheni oJenene abane ababehamba phambili ekuguqiseni umbuso kaMugabe, okuyisenzo izazi zepolitiki ezisibona njengendlela yokuzama yokunqinda amandla umbutho wezempi.
Imibiko ephuma eZimbabwe iveza ukuthi abanye oJenene abeneme ngalokhu kuthathiswa kwempesheni kozakwabo njengoba engekho umholi wabo uChiwenga. Lokhu kufikisela ngombuzo wokuthi ngabe uMnangagwa uzama ukunqinda amandla ombutho wezempi yini kanti wona umbutho uyakwamukela yini lokhu okwenziwa kuwo.