Iminyaka engama-40 yoholo luka-Ayatollah


NGOWE-1979 kuNhlolanja, umholi wenkolo yamaSulumane u-Ayatollah Khomeini wahola ukhukhulelangoqo wemibhikisho eyaholela ekuguqeni kombuso weNkosi uMohammad Reza Pahlav.
Yaba nyamanambana le Nkosi kubantu bayo emuva kokukhombisa ukuyishaya indiva imigomo yokuziphatha nokulawula yenkolo yobuSulumane. Lokhu kungayihloniphi inkolo kwaba inxeba angena ngalo u-Ayatollah Khomeini njengoba wayelokhu ekugcizelele ukuthi i-Iran yizwe ongeke walihlukanisa nenkolo yobuSulumane.
Imibhalo kanye nokuqoshwe yizikhulu zale nceku ekhuluma ngokubaluleka kwenkolo yamaSulumane e-Iran yayifundwa iphinde ilalelwe emisakazweni. Yafikelwa itwetwe iNkosi uPahlav ngale nceku, okwaholela ekutheni zinhlanu kuNhlangulana ngowe-1963 amaphoyisa ayibophe le nceku.
Alithathanga sikhathi ukuthi liphume elokuthi isikhalelwe ngamasongo kaSigonyela le nceku, okwaholela emibhikishweni enodlame kuzona zonke izingxenye ze- Iran. Bali-15 000 abantu abafa emuva kokuthi amaphoyisa engenelele ekuzameni ukunqanda ukubhebhetheka kwale mibhikisho ngenxa yokudubula kwawo ezixukwini.
Inceku uKhomeini yazithola ingasenakhaya ngowe-1964 emuva kokuthi iNkosi uPahlav imyalele ukuthi akaphume a phele e-Iran. Inceku uKhomeini yabe isibhaca eFrance iminyaka eli-14 ngaphambi kokubuya izohola imibhikisho eyalela iNkosi Pahlav ukuthi ayiphume iphele e-Iran, okwaba yimpumelelo. Kusukela ngowe-1979, i-Iran ibuswa ngezimiso zenkolo yobuSulumane.
NgoMsombuluko, leli lizwe belibungaza ukuphela kweminyaka engama-40 kwabakhona imibhikisho eyaguqisa ubuholi bukaPahlav kwabuswa ngemigomo yobuSulumane. Izinkumbi zabantu bezigcwele ekomkhulu iTehran zizothamela inkulumo kaMengameli uHassan Rouhani yokubungaza le minyaka yokuguqisa ubuholi bukaPahlav.
Okushiwo nokwenzekile kulo mbungazo kusho lukhulu ngesimo sepolitiki e-Iran. Okucoshekayo kulo mbungazo ukuthi kungamampunge ukuthi kungekudala singase sibone okunye ukuvukelwa kombuso e-Iran ngoba abantu bakhathele ukubuswa ngokwenkolo yobuSulumane ngaphansi kwesandla sika-Ali Khomeini.
NgokoMthethosisekelo wase-Iran, nakuba ekhona umengameli okhethwe ngevoti, kodwa izwi lokugcina liphuma kumholi oqokwe isigungu sezenkolo okumanje ngu-Ali Khomeini selokhu kwasukela ngowe-1989 emuva kokudlula emhlabeni kuka- Ayatollah Khomeini.
Kusukela zingama-28 kuZibandlela wezi-2018 kuya mhla zimbili kuMasingana kophezulu, bekuba nemibhikisho ezingxenyeni eziningi zezwe ababhikishi belibeka ngembaba elokuthi akahoxe umholi u-Ali Khomeini.
Babalelwa ezi-3700 ababoshwa kule mibhikisho, kanti bangama-23 abasala enkundleni itholene phezulu namaphoyisa. UMengameli wase-USA uMnu uDonald Trump akapholisanga maseko wangenelela kwelokuthi akashenxe lo mholi.
Izazi zezombusazwe ziqagula ukuthi ukuguqa kombuso walo mholi kungasho enkulu impumelelo ebuholini bukaTrump.
Ngowezi-2015 owayenguMengameli e-USA uMnu uBarack Obama waxegisa unswinyo lwezomnotho olwalubhekiswe e-Iran. Akapholisanga maseko uTrump emuva kokunqoba ukhetho walubuyisela seluphindwe kabili unswinyo.
Kusukela ekubuyisweni kwalolu nswinyo kwaba nokujikijelana ngamazwi phakathi kukaMengameli uTrump nomholi uKhomeini. Izazi zezombusazwe zaseNtshonalanga bezilubona luthela izithelo uhlelo lukaTrump ekuguqiseni ubuholi bukaKhomeini.
Ukuziphatha kwezihambeli zombungazo wama-40 kuphikisana nokushiwo izazi njengoba igama likaTrump nele- USA beliphambili enkulumeni kaMengameli uHassan Rouhani.
kaMengameli uHassan Rouhani. Ekhuluma ngobudlelwano bezwe lakhe ne-USA, izihambeli ziphinde amazwi ashiwo ngumholi uKhomeini kusizindalwebu sakhe enkulumeni ayibhekise ezihambelini zombungazo ezithi “Ayife i-USA”.
UMengameli uRouhani uthe; “Sengathi uTrump isilima”. Kwachwaza izihambeli eziphendule zathi “Ayife i-USA”.
Unyaka wonke wezi- 2018 akukaze kube khona ababhikishela ukuthi kushenxe umholi u-Ali Khomeini okuze kube manje. Nakuba izazi zasentshonalanga zithi lokhu kudalwa ukuthi amaphoyisa enkolo nakaHulumeni asanikwa igunya lokusebenzisa isihluku kulabo abathi akashenxe umholi, okudala ukuthi abantu besabe ukuhlangana babhikishe.
Ukuziphatha kwezihambeli zombungazo kusolisa ukuthi iningi labantu e-Iran libona isitha sokuqala kuyi-USA. Azigcinanga ngokuthi zikhulume amazwi okungayinambithisisi i-USA, kuphinde kwashiswa ifulegi laleli lizwe abanye belidubula ngezibhamu bekubeka kucace ukuthi selungamane lukhale ematsheni ubhoko bakhathele ukudlala i-USA.