UPitso akafunde ukulawula imizwa yakhe
UMUNTU omazi njengoba ezazi uPitso ‘Jingles’ Mosimane wu- Ephraim ‘Jomo’ Sono. Kufanele kube njalo ngoba wuJomo owavumbulula ithalente likaMosimane esadlala kuRockville Hungry Lions wamakha waba ngumshayi magoli ohamba phambili kuNational Soccer League (NSL). Ukusuka lapho uMosimane wawelela phesheya kwezilwandle ku-Ionikos yaseGreece lapho enza khona kahle kakhulu. Ebuya lapho wajoyina iMamelodi Sundowns lapho aba nenkinga khona yokushaya amagoli uJomo waze wamcela ukuthi abuyele kuCosmos sekusele kancane kuphele isizini. Waqhulula amagoli alishumi nanye emidlalweni embalwa eyayisalele iCosmos.
Asikho-ke emlandweni kaMosimane wokuba ngumdlali. Lapho sibheke khona yikulokho asekwenzele iNingizimu Afrika njengomqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana, oweSupersport United neMamelodi Sundowns. Uma uJomo Sono echaza uMosimane uthi, ‘ungumdlali onokuzithwala’ lokhu ngolimi lwangaphesheya okuthiwa yi ‘arrogance.’ UJomo uye abale isigameko uPitso esadlala naye kuCosmos lapho kwavela khona iplace kick okwakwaziwa ukuthi ayishawa muntu eqenjini ngaphandle kwakhe uJomo.
Okuhlekisayo ngale ndaba wukuthi uJomo uthi wamtshela kahle uPitso ukuthi aleqe ibhola bese yena uSono uyalishaya. Esikhundleni sokuthi aleqe ibhola uPitso wavele walikhahlela laye labhajwa enethini. Uma eyiphetha indaba yakhe uJomo uthi kwaba kuhle ukuthi uPitso ayishaye ingene enethini leyo place kick ngoba babengeke bazwane impela ukube yamehlula. UJomo ube esevala ngala mazwi ngoMosimane, “Leso sigameko sangenza ngambona ukuthi uya kude nempilo uPitso ngoba unesibindi sokwenza akholelwa kukho. Ngangiwumqashi wakhe kuCosmos kodwa sisenkundleni uPitso wayengibuka njengomlingani okufanele sonke sisebenzele impumelelo yeqembu,’ kuphetha uJomo.
Lokhu okuphawuleka ngoPitso kwempakamo akuyona into entsha kwezemidlalo. UMuhamad Ali wayenjalo, echoma futhi ephumelela. NoPitso uyachoma futhi uyaphumelela. IMamelodi Sundowns isinesithunzi ezwenikazi i-Afrika ngebhola eliphezulu nelikhangayo elidlalayo. Amaqembu asenhla ne-Afrika asatshwayo njenge-Al Ahly, iZamalek neWydad Casablanca aseyayihlonipha iSundowns ngenxa yakhe uMosimane.
Esenze kahle kangaka uPitso kunesidingo sokulawula imizwa yakhe. Unokuhluleka impela ukulawula imizwa yakhe uma kukhona okungamphathanga kahle. Kokunye uze aphimise amagama angasamfanele ngokwezinga asekulo. Ngizobala isigameko somdlalo weqembu lakhe neCasablanca ngoMgqibelo odlule. Iyaziwa impatho embi amaqembu akuleli adlala kuChampions League ahlangabezana nayo uma eyodlala emazweni asenhla ne- Afrika. Lokho akumniki kodwa uPitso ilungelo lokukhuthaza iqembu ukuthi lidlale ngendlela yokuziphindisela. Amazwi akhuthaza impindiselo kuCasablanca wawasho phambi kwethelevishini nomhlaba wonke ulalele.
Indlela aye kwesinye isikhathi akhulume ngayo nezintatheli uPitso ayihambisani nesithunzi asekuso. Empeleni le ngosi ingakusho ingahlonizi ukuthi uPitso uyithemba leNingizimu Afrika kwezokuqeqesha ngokwempumelelo aseyizuzile ebholeni. Wenza kahle kakhulu. Inkinga yakhe ukuzilibala ukuthi usekuliphi izinga. Umuntu ongamsiza ngamasu okulawula imizwa wuSteve Khompela osengumqeqeshi weGolden Arrows.