Ukuzimisela kukhonge inhlanhla


IBHEKISISA Cricket Ground iyona kuphela inkundla eselokishini elimaphakathi neTheku, iNtuzuma, ebuye yakhiqiza abadlali ababili abenza ezibukwayo ekhilikithini. Laba badlali ababili uThamsanqa Khumalo noSanele Mnqayi abaqhamuka eNtuzuma E. Umdlali okunguye okubukeka ikusasa lakhe liqhakazile muva nje nguThamsanqa oneminyaka yobudala eli-19.
Leli bhungu lazise iBAYEDE ukuthi ukuqala kwalo ukudlala lo mdlalo ongajwayelekile kangako ezindaweni zasemalokishini nasemakhaya kwakungunyaka wezi-2010 eneminyaka eli-10 vo. Ngaleso sikhathi lalifunda eSenzwesihle Primary School khona eNtuzuma E. UThamsanqa oyibatsman eqhuba elandisa leli phephandaba ngokwenza waheheka yilo mdlalo uthe: “Ngeke ngiqambe amanga ngithi bekungumdlalo ebengifi sa ukuwudlala. Lo mdlalo bekuwumdlalo ebengihlezi ngiwubuka ngasekhaya ontanga bewudlala, nami ngibe nothando lwawo ngoba ngichazwa indlela abawudlala ngayo. UZamani Mfusi okunguye owayeqeqesha wabe eseyazinikela ukuthi uzongifundisa nami ngibe yingxenye yeqembu lakhe,” kubeka uThamsanqa.
Ngokwezemfundo waqala amabanga aphansi eSiphosethu Primary School, wadlulela eSenzwesihle Primary wabe eseya kophothula eGlenwood High School.Izinto zaqala ukumhambela kahle ngowezi-2013 lapho athola khona umfundaze wokuthi afunde esikoleni iGlenwood High School. Ukukhethwa kwakhe kwenzeka ngesikhathi enza ezibukwayo eqenjini labangaphansi kweminyaka eli-13, lapho ezakhe zazitholene phezulu nayo iGlenwood yabe isithanda ikhono analo ukuthi azoliqhuba khona esikoleni.
Emva kwalokho amathuba abe eseyazivulekela kule nsizwa njengoba ngowezi-2015 wadlala eqenjini labangaphansi kweminyaka eli-15 elalimele iKwaZulu-Natal. Ngowezi-2016 waqokwa ukuba ahambe neqembu elaliyomela iKwaZulu-Natal eBloemfontein, emqhudelwaneni oba njalo ngonyaka obizwa ngeCoca-Cola Khaya Majola Cricket Week.
Ngonyaka wezi-2017 waqokwa eqenjini lesizwe labangaphansi kweminyaka eli-17 elaliyodlala umqhudelwano obizwa ngokuthi iCups. Ngokwenza kahle kwakhe uThamsanqa nyakenye ube eseba nenhlanhla yokuqokelwa eqenjini lakuleli labangaphansi kweminyaka eli-19, elalizotholana phezulu ne-England emdlalweni yesihle.
Unyaka wezi-2018 kube unyaka wakhe njengoba enze ezibukwayo kuwona, emqhudelwaneni wezikole iSouth Africa Schools washaya amarun ali-113 emabholeni ali-129. Ube eseqokwa kubadlali abali-12 okuyibo abenze kahle kulowo mqhudelwano kazwelonke. Nakulo nyaka esikuwo izinto zibukeka zisaqhubeka nokumhambela kahle, ngeledlule uqokwe ukuba adlalele iqembu elikhulu laKwaZulu-Natal iDolphins umqhudelwaneni i-4 Days Franchise Series.
Eqhuba ekhuluma ngezinto azifi sayo kanye nomdlali azifela ngaye uthe: “Kuningi esengikuzuzile esigabeni sami. Njengoba ngikhula kuningi kakhulu engisafuna ukuthi ngikuzuze. Okunye kwazo engifi sa ukuthi ngibe yingxenye yeqembu lesizwe lakuleli amaProteas, ngokunjalo ngizenzele igama kumaDolphins. Umdlali engibukela kuyena uQuinton de Kock,” kusonga uThamsanqa.
NgoNhlolanja uzoba yingxenye yeqembu elizobhekisa amabombo e-India lapho liyodlala khona imidlalo yobungani. USanele (Mnqayi) naye ngokwenza kahle kwakhe wazitholela umfundaze eGlenwood High School. Nonyaka wenza ibanga le-10 udlalela iqembu labangaphansi kweminyaka eli-17 iKZN U/17.