Now Reading
2018: Unyaka ongoweNyathi kaKhongolose
Dark Light

2018: Unyaka ongoweNyathi kaKhongolose

NGOZIBANDLELA ngalesi sikhathi ngonyaka owedlule kwabe kuphithizela kungekho owaziyo ukuthi kuyophetha kunjani. Kwabanye kwabe kuyinjabulo yodwa njengoba imiphumela yabe isikhishiwe nesinqumo sivuma bona. Laba babezwakala ngehubo elalithi ‘Phakama Ramaphosa ixesha lifikile’. Kanti kwabanye kwaswelakala umgodi wokucasha njengoba ukukhuluma kwabe sekungokunye, esephelile agambaqa. Kulaba umuzwa wabe ungowabantu abazibona begilwe isilo sengubo ngomunye wabo. Umenzi lapha ngokwabo kwabe kunguMnu uDavid Dabede Mabuza owayenguSihlalo waseMpumalanga. Lo mholi nezakhe kwathi sekusemphelandaba sekumele akhethe phakathi kwaloyo ayaziwa ukuthi uhamba naye okwabe kunguDkt uMaDlamini Zuma kanye nembangi yakhe uMnu uRamaphosa, uMabuza wenza okwabe kungalindelwe ngabaningi, waqoka ukuhamba noRamaphosa.

Isenzo sikaMabuza kasiguqulanga nje amatafula kuphela eNasrec lapho kwabe kubanjwe khona ukhetho kepha kwashabalalisa amathemba futhi kwafaka ehlazweni isifundazwe esikhulu kunazo zonke ku- African National Congress (ANC), okuyiKwaZulu-Natal. Lesi sifundazwe esaphuma ekhaya senza lokho isiZulu esabe sikukhuza kokuthi eyesongo kayiphumi ekhaya ngoba ivame ukubuya ilambatha. Amalungu ale nhlangano KwaZulu-Natal agasela eNasrec engabhekani, phakathi kwawo kuyizinkantolo. Kuthe ngokushaya ungqimphothwe kukaMabuza wazika wonke umkhumbi yabhubha yonke impi. Kuyinamuhla cishe okokuqala emlandweni we- ANC lesi sifundazwe sikaDube, sikaLuthuli, sikaLembede, sikaMabhida nesikaHarry Gwala kasimelwe muntu esigungiwini sabayisithupha sokuphatha le nhlangano.

Lesi sikhathi kwaba wukuqala kwekhasi elisha ngale kukaMengameli uZuma. Kwabe kuyisiqalo seminyaka yokuphatha kweNyathi njengoba uRamaphosa bemhasha. Kepha ngisho nayo iNyathi yabe yazi ukuthi isinde kukubi ngakho kuyomele igawule ibheke, idle ijeqeza. Emizamweni yokwenza njalo yaqala yaziveza njengomuntu wokubuyisana ngaphakathi enhlanganweni. Abezindaba kabafihlanga ukuveza ukuthi bakuthakasela ukuqokwa kwakhe, waba linoni abanye ngemibhalo yabo baze bamlokotha besho khona ukuthi kuye kuvuke iminyaka kaMandela. Osozimali balapha nangaphandle bathi ngcingci kamdoli lapho betolika ukuqokwa kukaRamaphosa njengokuqokwa komunye wabo. Okusobala wukuthi iNyathi ifike ziyilindile, zilinde khona ukuyibovula ngaphakathi nangaphandle ku- ANC.

Emaqenjini aphikisayo ukunqoba kukaRamaphosa kwaba yinto enhle nembi, kepha okukhulu kwaba ngokubi. Kwaba kuhle ngoba ukunqoba kwakhe kwasho ukushabalala kwesitha sabo esikhulu uZuma. Nokho lokho kwasho ukuphela kokuxokozela ePhalamende nakupolitiki nje yaseNingizimu Afrika jikelele. Lokhu-ke kwabe kusho ukuphela komgqigqo wamanye amaqembu ngoba ukuxhuga kukaZuma kwabe kuwajabulisa. Ucwaningo lwakamuva luveza khona ukuthi kwamanye amaqembu aphikisayo ukungena kweNyathi kungahle kuwadlisele ogageni uma sekuvotwa.

See Also

URamaphosa ufikele phezu kwezimo ezinzima; kusuka kwezomnotho, kwezepolitiki yakuleli, e-Afrika nasemhlabeni. Kudingeke athobele umthetho alandele okwenziwayo ngoba ufike umdlalo kanjalo nemithetho elawulayo sekwavuyelwana ngakho. Lesi simo besinjalo nangaphakthi eqenjini lapho esaqhubeka nokunyathela ebheka. Lokhu wukwenza komuntu owaziyo ukuthi ulapho ekhona nje akaphelele. Ungene esikhundleni somunye umuntu nokulindeleke ukuthi esakhe isikhathi siqale emuva kokhetho. Namuhla lo mholi ima eqeda unyaka athatha esokuhola uKhongolose. Sekungaba wukuxhomondela ukumahlulela ngokugcwele kulesi sikhathi ngaphandle kokuthi njengoMengameli weqembu okwamanje usakwenzile lokhu ayejutshelwe khona okuwukuqinisekisa ukuthi iqembu kalibhidliki. Namuhla unguMengameli we-ANC kuzwelonke, asikho isifunda esisele ngemuva. Ukwazile futhi ukuzithiba adle ngisho kubaba njengoba ezinye izinkabi aboshelwe nazo kazizwa. Pho kuzothiwani lokhu ngezakwabo kumele ahlakule nazo. Okunye akwenzile njengoMengameli weqembu ukwazile ukupenda iqembu lakhe ngombala owehlukile, wasibuyisa isithunzi yize kusekude phambili.

Okunye okuqaphelekayo wukuthi abaningi wangena becabanga ukuthi uluhlobo oluthile kepha njengoba sekuphela unyaka nje uya ngokuhluba wena owabona ingane ethi ingakhula yehluke. Uyebuza uMatamela, izwe liyaqala ukubona ukuthi isibongo nguRamaphosa kepha imibala yakhe iphuzi, imnyama ibuye ibe yigolide. Uyiqembu lakhe nokuyinto ekubukeka imenza angasuki kakhulu ebuthweni lakhe ngoba uyazi ukuthi angenza njalo ziyomdumela ezegceke nezasezitheni.

Scroll To Top