Now Reading
Inkululeko ifike namathuba okuqonda umthetho
Dark Light

Inkululeko ifike namathuba okuqonda umthetho

UKUNGENA kwenkululeko eNingizimu Afrika kudale ukuthi abantu bawaqonde amalungelo abo futhi bayazi neminyango yezomthetho okumele bangene kuyo uma bedinga izimpendulo. Kulezi zinsuku ukulahlwa yicala enkantolo akusasho ukuphela komhlaba ngoba usuyakwazi ukudlulisela phambili kwenye inkantolo okungenzeka iphume nesinqumo esehlukile. Inkantolo YoMthethosisekelo iyona enamandla amakhulu futhi esikhathini esiningi abantu asebephephela kuyo uma kukhona lapho bengenelisekile khona ngezinqumo zezinkantolo ezingaphansi kwayo. Lokhu kwabonakala kahle ngesikhathi iNkantolo yoMthethosisekelo ikhipha isinqumo ngowayenguNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi uNks uBathabile emuva kwecala elalifakwe iBlack Sash neFreedom Under Law ngokungakhokhelwa kwabantu impesheni ngesikhathi. UMehluleli uJohan Froneman wale Nkantolo wayalela uNks uDlamini ukuba akhokhele lezi zinhlangano ingxenye engamaphesenti angama-20 yemali yezindleko zecala ngokwesiqu sakhe angafaki phakathi uHulumeni.

UNks uDlamini, iSA Social Security Agency (Sassa) nesikhulu esiphezulu sakhona babuye banxuswa ukuba bakhokhe izindleko ezingama-80% zecala. Le nkantolo yabuye yayalela abezokushushisa iDirector of Public Prosecutions ukuba ithathe isinqumo ngokuthi uNks uDlamini angabekwa yini icala ngokuqamba amanga engaphansi kwesifungo. Ukuba namandla amakhulu kweNkantolo YoMthethosisekelo kwadalwa isigaba sokuchitshiyelwa koMthethosisekelo esibizwa ngokuthi i-17th Amendment of the Constitution. Abawulandelayo umthetho bazokhumbula ukuthi emuva kwesichibiyelo lesi sigaba sibe sesinika amandla Inkantolo YoMthethosisekelo ukuba ivumeleke ukucubungulisisa amanye amacala adluliselwa kuyo njengalo elikaNks uDlamini nezikhulu zakwaSassa. Lokhu kuchaza ukuthi le nkantolo yabe isikwazi nokuthatha nezinqumo ngokushesha ngaphandle kokunqunyelwa isikhathi.

Isigatshana 167 (3) soMthethosisekelo kuthe emuva kokuba sekwenziwe isichibiyelo kusukela ngoMandulo wezi- 2013 izinto zashintsha njengoba lo mthetho usuthi iNkantolo YoMthethosisekelo iyiNkantolo eNkulu ezweni. Iyona le Nkantolo enamandla okukhipha izinqumo ezindabeni ezithinta uMthethosisekelo nanoma yiziphi izindaba inqobo nje uma iNkantolo YoMthethosisekelo iqoma ukuludlulisela phambili udaba ngoba kukhona lapho ingazwisisi kahle khona. Iyona enamandla okukhipha isinqumo esingujuqu sokuthi ngabe udaba lolo, lungena ngaphansi kwayo noma cha. Ecaleni likaNgcobo J wenkampani iLufuno Mphaphuli and Associates no-Andrew nabanye lowezi-2009 kusuka emshweni wama-293 kuya kowama-299 lapho kudingidwa khona ngobudlelwano phakathi kweNkantolo Yokwedlulisela Amacala neNkantolo YoMthethosisekelo ngaphambi kokuba kwenziwe isichibiyelo, i-17th Amendment to the Constitution yowe-1996, kwahlaluka ukuthi iNkantolo YoMthethosisekelo akuyona nje inkantolo ejwayelekile, kodwa ineqhaza elibalulekile elibambayo ezindabeni ezithinta uMthethosisekelo, hhayi noma yiziphi izindaba. Nakuba kunjalo kodwa isichibiyelo i-17th Amendment yakuguqula lokho ngenxa yokungenelela kwePhalamende.

See Also

Udaba lwecala likaNgcobo J nabanye kwacaca ukuthi kwakuwudaba okwakungenasidingo sokuthi lwalungaze ludluliselwe eNkantolo YoMthethosisekelo kodwa lwalungadingidwa luphele nakwezinye izinkantolo. Qaphela ukuthi ngaphambilini ngaphambi kokuba kwenziwe isichibiyelo, leli cala lalichazwa ngokuthi luwudaba lweNkantolo YoMthethosisekelo kuphela. Isibonelo nje icala likaLee noNgqongqoshe Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo langowezi-2013 lapho inkantolo yanquma khona ukuthi udaba lwabo kwakumele luphelele eNkantolo Yezokwedlulisela Amacala. ULee owabe eyisiboshwa wayefuna kubhekelelwe amalungelo akhe anikezwe indawo ekahle yokuhlala, anikwe imithi yokwelashwa nokudla okunempilo. INkantolo yanquma ukuthi lolu daba lubalulekile hhayi kuphela kuLee kodwa nakwezinye iziboshwa nomkhakha wezempilo ngobubanzi. Kuhle ukuthi sekwenziwe isichibiyelo ngokusebenza kweNkantolo YoMthethosisekelo akusadingi ukuba ize ichaze kabanzi uma ingeke ikwazi ukudingida amanye amacala.

Scroll To Top