Now Reading
Ukubuyela ezisekelweni kubukeka kungayisiza iChiefs
Dark Light

Ukubuyela ezisekelweni kubukeka kungayisiza iChiefs

USUFIKE wadlula umdlalo wegqubu obubhekwe ngamehlo abovu phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Sekuwumlando ukuthi i-Orlando Pirates iphinde yathela induku iKaizer Chiefs noma kulokhu lithe ukuhlonipheka inani lamagoli eshaywe ngawo iKaizer Chiefs ngoba kube ngamabili kwelilodwa kanti ngokwedlule ayemathathu kwelilodwa.

Omunye angasuke angabheki amagoli kodwa akhale ngamaphuzu amathathu ahambe nalo mdlalo. Phela noma ngabe nishaywe ngelilodwa eqandeni kodwa amaphuzu wona ahlupha ngokuvele ahambe abe mathathu. Kube kubi-ke uma iqembu lisempini yokuwola izicoco. Kuvele kulahlise ithemba impela.

Kuningi osekuzanyiwe ukubuyisela isithunzi saleli qembu lasePhefeni kulokhu esasiyikho kuleya minyaka lapho lalingagayelwa mphako khona uma kukhulunywa ngezicoco. Nabalandeli balibekile elabo ilaka ngalokho abebekubona kungaba yizixazululo kodwa kubukeka kunhlanga zimuka nomoya, ikhambi elishaya emhloleni alitholakali. Zolo lokhu kuphunyuke isicoco seMTN okumanje sisekhabetheni le‘The Citizens’ iCape Town City. Ukushaywa yi-Orlando Pirates kubonakale kuvula igebe ngokwamaphuzu okwenza isicoco seLigi sibe yinto esicishe ibukeke salutalagu yize omunye engathi kusesekuseni ngoba umdlalo bekungowomzuliswano wokuqala. Inkinga isekutheni kunamaqembu afana neWits University aqoqa amaphuzu sengathi umhlaba ugoqwa kusasa, manje uma elenu iqembu liwalahla amaphuzu igebe lilokhu livulekile laphaya phezulu. Uma kukhona izixazululo ezingatholakala kufuneka lokho kusheshe ngoba unyaka uyahamba awumile. Ngiseyibhungu ngaba nenhlanhla yokuhlala emgwaqweni owodwa nensizwa eyaba nethuba lokudlalela iqembu iKaizer Chiefs abanye abalazi ngezika‘Shintsha Guluva’ okuyisiteketiso sikaSihlalo weqembu uKaizer Motaung. Umdlali engikhuluma ngaye kwakungowaseLesotho engumshayi magoli owayevelele impela. Wayeke asixoxele ngokwakwenzeka ngaphakathi uma ufika uzodlalela leli qembu lasePhefeni.

Uma eyixoxa indaba lo mdlali uthi, ngezinsuku zika-Ewert ‘The Lip’ Nene owayeyimeneja ngesikhathi iqembu lisungulwa, ukudlalela iKaizer Chiefs uNene wayekwenza ukubone kuyinto enkulu eyenzeke empilweni yakho uma ungumdlali. Wawaziswa ngendlela okwakumele uziphathe ngayo kusukela ekubeni ngumdlali kuze kuyofika empilweni yakho yangasese.

Lokhu kwakubalulekile ngoba iqembu owawulidlalela kwakungelikhulu kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika. Kwakungagcini lapho. Abadlali ababesayiniswa eqenjini kwakungabekhethelo ezindaweni ababesuke belandwe kuzo. Isibonelo nje abadlali ababeseqenjini lesizwe langaleso sikhathi abaningi babeqhamuka kuleli qembu.

Kwakuno-Abednigo ‘Shaka’ Ngcobo, uPetros ‘Ten Ten’ Nzimande, uMichael ‘Bizzah’ Dlamini, uJoseph ‘Banks’ Sethlodi, uZachariah ‘Computer’ Lamola, u-Ariel ‘Pro’ Khongoane noGerald ‘Mgababa’ Dlamini bonke okwakwakhiwe ngabo iqembu lesizwe.

See Also

Abadlali okwakhiwe ngabo iqembu leChiefs lamanje babukeka belahlekelwe wukuzethemba okungenzeka ukuthi abaphathi ngaphakathi eqenjini abasakwenzi lokhu okwakwenziwa ngesikhathi sikaMnu u-Ewert ‘The Lip’ Nene sokufaka umoya wokwenza abadlali beKaizer Chiefs bazizwe bekhethekile ngokuba yingxenye yaleli qembu.

Umoya wokuzethemba usiza ngokuthi wenza uma niyiqembu nesabeke noma isimo singasavumi. Ngesikhathi iKaizer Chiefs iphezulu kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika lalikhona iqembu iPimville United Brothers ‘The Skom Boys’ elalaziwa ngelePUBS. Laliphethe ikhethelo labadlali abafana noGeorge ‘Brains’ Mchunu, uPhilemon ‘Shakes’ Ntsoseng, u-Ernest ‘Pro’ Ramohai, uGeorge ‘Best’ More, uChilliboy ‘Nobby Styles’ Koloba noBenjamin ‘Thatha’ Mfundisi. Leli qembu alizithathanga lona izicoco ngoba wawungekho lowo moya wokuzethemba owawuphefumulelwe kubadlali beKaizer Chiefs yangaleso sikhathi.

Inkinga yeKaizer Chiefs ayibukeki ikubaqeqeshi kodwa ibukeka isemqondweni wabadlali. Balahlekelwe wukuzethemba. Uma kunje ayakhumbuleka impela amazwi kaLeornard ‘Wagga Wagga’ Lekoebe ngokwakwenziwa kuleli qembu ukuvuselela ukuzethemba kubadlali. Ukubuyela ezisekelweni abadlali benziwe bazibone bebakhulu ngokudlalela leli qembu kubukeka kungaba wusizo impela kulolu sizi lwendlala yezicoco iqembu elibhekene nayo kula masizini ambalwa edlule.

Scroll To Top