Now Reading
Liqhakazile ikusasa lentokazi kowomnqakiswano
Dark Light

Liqhakazile ikusasa lentokazi kowomnqakiswano

IFISA ukumela iqembu lakuleli amaProteas emiqhudelwaneni emikhulu intokazi esizakhele igama ebholeni lomnqakiswano. UXolile Shange uthi esinye isifiso sakhe ukudlala nakwezinye izifundazwe angagcini ngokudlala KwaZulu-Natal kuphela. Ukuveze lokhu engxoxweni neBAYEDE lapho ebechaza khona ngokuningi asekuzuzile kulo mdlalo. Uthi waqala ibhola lomnqakiswano, eneminyaka eli-11 enza ibanga lesithathu eBuhlebethu Primary School, eNanda.

UXolile oneminyaka yobudala engama-21 uthi kungashona ilanga uma engabala abantu abahlakule indima yakhe aze afike eqophelweni asekulo.

“Ngangena ebholeni lomnqakiswano ngisemncane kakhulu ngifunda amabanga aphansi. Umuntu owangibona ukuthi nginalo ikhono uSamkelisiwe Khumalo okunguyena owaba ngumqeqeshi wami wokuqala, nami ngaqala lapho ngabona ukuthi ngingaya kude. Emva kwalokho ngihlangane noBeauty Saunders noPinky Mtshali abangisize kakhulu ukuthi ngidlale emaqenjini amancane enza kahle. Ngibe sengijoyina iqembu elincane leKingdom Stars, ngilekelelwa uPrecious Mthembu yena obedlala kwelikhulu aphinde adlale naseqenjini lesizwe,” kusho uXolile oteketiswa ngelika”Small”.

Uthi imfundo yamabanga aphezulu uyiqedele eNanda Newtown Comprehensive High School.

Amaqembu eseke adlala kuwona iPumas Netball Tea. UXolile usemele iqembu laseThekwini kusuka ngowezi-2011 kwaze kwaba ngowezi-2016. Ube esemela iqembu lezikole ezingeni leKwaZulu-Natal Schools Netball kusukela eneminyaka eli-13 waze waba neminyaka eli-18. Nyakenye uthole inqqayizivele yethuba eyomela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni weNdebe YoMhlaba yabangaphansi kweminyala engama-21 owawubanjelwe eBotswana. Kuyimanje le ntokazi iseqenjini elidlala kuSuper League iGilbert Stars iphinde idlale eqenjini elikhulu lesifundazwe iKwaZulu- Natal iKingdom Stars.

IBAYEDE ibe isimbuza ukuthi ngobani abadlali abayisibonelo kuyo uma kuza emdlalweni webhola lomnqakiswano. Iphendule yathi: “Abadlali engingasho ukuthi ngibukela kubona uBongiwe Msomi noPrecious Mthembu. Okwenza ngibuke kubona ingoba baqhamuka kulesi sifundazwe iKwaZulu-Natal, sebedlale eqenjini lesizwe isikhathi eside nakhona benza kahle kakhulu ingakho

amehlo ami uma bedlala engasuki kubona,” kusho uXolile.

See Also

Nyakenye uXolile uqokwe njengeMidcourt Player of the Year ngaphansi kweKZN Netball Super League kanti muva nje uqokwe njengomdlali ovelele kwabesifazane KwaZulu-Natal kuKZN Netball Super League.

Njengamanje ufunda e-ETA College wenza izifundo ezihambisana nokuzivocavova.

“Ngifisa ukusabalala ngigqame nakwezinye izifundazwe kanti okunye okukhulu kimina wukuthi lo mdlalo uthole abaxhasi. Uma ubheka iqembu lakuleli lisendaweni yesihlanu emhlabeni kodwa abadlali abaholi. Ngiyafisa ukuthi ibhola lomnqakiswano linakwe njengonobhutshuzwayo,” kuphetha uXolile.

Scroll To Top