Now Reading
Isililo ngokwenzelela eringini e-East London
Dark Light

Isililo ngokwenzelela eringini e-East London

ISIKHULU esiphezulu senhlangano yesibhakela kuleli iBoxing South Africa (BSA) sithi bakhathazekile ngezinsolo ezibekwa ngabashayisibhakela ngokwenzelela kwamajaji ezimpini ezisuke zilwelwa e-East London phakathi kwabashayisibhakela bakhona nabangaphandle. Kuthiwa abashayisibhakela bendawo njengaseMdantsane, eMotherwell naseDuncan Village lapho kuphuma khona abashayisibhakela abanamava abaconsi phansi emajajini okwenza banikwe amaphuzu uma belwa nabangaphandle kwale ndawo noma kucaca ukuthi bashayiwe.

Ukuphawula kukaTsholofelo Lejaka kulandela izikhalo eziningi ezibekwa ngabashayisibhakela nabaphathi babo ngokuhlulwa ngendlela abangayiqondi uma belwa nabashayisibhakela base- East London futhi belwela khona. Impi edale ukukhulumisa muva nje ngebiphakathi kukaPhila Mpontshane waseMdantsane noKoos Sibiya waseGauteng okwabe kungeyebhande leSA Junior Lightweight e-Orient Theatre ngoNtulikazi.

Amajaji amabili anika uMpontshane impi kwathi elilodwa lanika uSibiya okuyisinqumo esibizwa ngesplit decision esibhakeleni nakuba kwakucacele nengane encane ukuthi uSibiya nguyena wayenqobile. Imeneja yesibhakela e-Eastern Cape uPhakamile Jacobs icashunwe ithi banawo namagama alawa majaji okungoMandisi Mkile, uSheshe Dunjwa noThandi Ngodwana. Ababukeli ababegcwalise phama lele hholo bashiya abangalazi emajajini bewasola ngokwenzelela ngoba kwakucaca ukuthi uMpontshane uhluliwe.

Abaphathi bakaSibiya bafaka isikhalo kuBoxing South Africa nokugcine ngokuthi le nhlangano ijube abacwaningi abathathu abazimele abayibuke kabusha impi bobathathu bavumelana ngokuthi uSibiya nguye onqobile, okuyisimo esiphoqa iBSA ukuba iyiqale phansi. Ngaleso sikhathi uMpontshane wayeselungiselela ukuvikela ibhande lakhe ku- Anthony Molisiane amhlule ngamaphuzu. Inhlangano yesibhakela isinxuse abaphathi bakaSibiya noMpontshane ukuba bahlele enye impi. ULejaka ukuqinisekisile ukuthi sebekhulumile nabaphathi babo ukuba kubhekwe olunye usuku impi engabanjwa ngalo.

“Sesilinde bona ukuba bafike esivumelwaneni sempinda, kodwa amajaji akhipha isinqumo kule mpi azothathelwa izinyathelo, okwamanje asazi ukuthi zinyathelo zini ezizothathwa,” kusho uLejaka. Uthe sekuzwakala njengehlaya kodwa yinto abayithathela phezulu lena ehlale ishiwo ngabantu esibhakeleni ukuthi ukuze uhlule umshayisibhakela wase-East London kumele umthele phansi ngoba amajaji awakwazi ukwenza ngenye indlela uma esephansi.

UJacob uthethelele amajaji ngokuthi ukukhala kwabashayisibhakela nabaphathi babo yinto eyenzeka emhlabeni wonke.

See Also

“Nathi siyazi ukuthi bakhona abashayisibhakela bendawo abahlala bekhala uma belwa eGauteng ,” kusho uJacobs. Uthi kuyaxaka ukuphawula kwenhlangano yesibhakela ize ithathe nesinqumo sokuthi iphinde le mpi ngoba ihlale ithule lapho kusuke kudingeka khona ukuba iphawule.

Khonamanjalo kunevidiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho umshayisibhakela wasesifundazweni iFree State uNgopane Mokoena ebonakala ekhala emuva kokuba unompempe emise impi yakhe esalwa nembangi yakhe yaseMdantsane uXolisile Voyi. Unompempe wanika impi uVoyi noma uMokoena wayesamile futhi esaqhubeka nokulwa. Akuqondakali ukuthi unompempe wayimiselani impi.

Scroll To Top