Now Reading
Iqembu labesifazane laseKZN lizoba nomthelela e-Uruguay
Dark Light

Iqembu labesifazane laseKZN lizoba nomthelela e-Uruguay

UMQEQESHI weqembu likanobhutshuzwayo labesifazane iSunflower Women Football Club, uSiyabonga Malinga, uthi unethemba elikhulu lokuthi abadlali bakhe bazolisiza kakhulu iqembu lesizwe lakuleli aBantwana ukuthi linqobe iNdebe yoMhlaba yabangaphansi kweminyaka eli- 17. Lo mqhudelwano omkhulu uzobanjelwa e-Uruguay, uzoqala mhla zili-13 kuLwezi uze usongwe mhla lulunye kuZibandlela nonyaka.

USiyabonga Malinga uthe bayaziqhenya beyiSunflower Women Football Club ukuthi bazomelwa abadlali abane eqenjini lesizwe. Labo badlali uSiphumelele Shamase, uThubelihle Shamase, uYolanda Nduli noYenzokuhle Ngubane.

“Ukusebenza kanzima kwethu singabaqeqeshi nokubambisana nabadlali ikhona okwenza iqembu lethu lenze kahle. Kuyasijabulisa kakhulu ukuthi sinabadlali abane abazomela elakuleli emqhudelwaneni omkhulu,” kusho uMalinga osebe ngumqeqeshi kuleli qembu iminyaka engaphezulu kwengama-25. Leli qembu lidlala kuligi enkulu esifundazweni iKwaZulu-Natal, iSasol League, lapho kukhona iDurban Ladies, iLindelani Ladies, iJuventus Ladies. EzikaMalinga muva nje zisendaweni yesithathu kulogi.

Eqhuba uthe: “Ukuqokwa kwalabadlali kunika abanye abasele umfutho wokuthi nabo bazimisele, ukuze bezomela elakuleli nabo ngelinye ilanga. Kuphinde kugqugquzela nabanye abesifazane ukuthi babe nothando kulo mdlalo,” kusho uMalinga.

UYolanda noYenzokuhle bangabadlali abasemumva, uThubelihle noSphumelele bona bayibamba phambili. Laba badlali baneminyaka engaphezulu kwemine bedlalela iSunflower Women Football Club.

Okunikeza kakhulu uMalinga ithemba ukuthi abanye balaba badlali bake baya phesheya kwezilwandle.

“Amawele uThubelihle noSphumelele bahambile ngowezi-2016 bemele iqembu laseThekwini elibizwa ngokuthi i-One Nation elaliye eBremen, eGermany. UYolanda naye waya eGermany, ngowezi-2016 nalo njalo iqembu laseThekwini uphinde wahamba futhi kulo nyaka eye eJapan. Lokhu kungiqinisa idolo ukuthi ngeke basabe ukuthi badlale, bazoqinisa nabanye abadlali isibindi,” kusho uMalinga.

Laba badlali bazobe bengaqali ukugqoka ijezi kuBantwana. UYenzokuhle usadlale imidlalo eyisi-8, uYolanda wadlala eyisi-8, uSphumelele wadlala emine wavalela phakathi amagoli amabili, uThubelihle usadlale eyisi-7 washaya amagoli amabili.

UMalinga uthe amawele angowokudabuka eWaterloo akakungabazi ukuthi azowahlohla amagoli eqenjini likaSimphiwe Dludlu.

“Laba badlali benza kahle kakhulu ngiyethemba ukuthi bazoqhubeka nokwenza kahle e-Uruguay. UDludlu ongumqeqeshi waBantwana angingabazi ukuthi naye amathemba akhe phambili uwabeke kulaba badlali. Ngifisa bazi ukuthi abamele iSunflower Women Football Club, kodwa bamele iNingizimu Afrika,” kusho uMalinga.

IBantwana iseqoqweni B lapho bazotholana phezulu neMexico, iJapan kanye Brazil.

Limi kanje selilonke iqembu:

See Also

Onozinti: uKayde Windvogel; uLeigh Brophy; uMananki Makhoana.

Abasemumva: uLonathemba Mhlongo; uJessica Wade; uYolanda Nduli; uYenzokuhle Ngubane; uNkateko Nkhuna; uFikile Magama.

Esiswini: u-Oratile Mokwena; uKarabo Dhlamini; uSerenity Warner; uZethembiso Vilakazi; uMiche Minnies; uSphumelele Shamase; uSibulele Holweni; uThubelihle Shamase; uKhunjulwa Mali.

Abagadli: uChelsea Daniels; uZikhona Nogqala; u-Amber Edwards.

Scroll To Top