ITelkom ingathoba amanxeba abalandeli
AMAQEMBU amakhulu agijima ku-Absa Premiership iKaizer Chiefs ne- Orlando Pirates azothola ithuba lokuthoba izinhliziyo zabalandeli njengoba sekuphele amasizini amathathu bengayazi inkomishi. Lawa maqembu azoqala umshikashika womqhudelwano womkhumulajezi iTelkom Knockout.
IPirates izotholana phezulu neChippa United emdlalweni wakusasa , iChiefs yona izotholana phezulu neBlack Leopards ngeSonto.
IChiefs okuyiyo ehamba phambili kuleli ngokuqoqa izindebe igcine ukunqoba isicoco ngowezi-2014 lapho yaba khona ngoshampeni be- Absa Premiership kwathi ngawo unyaka ofanayo iPirates yanqoba iNedbank Cup.
Lo mqhudelwano owasungulwa ngowe-1982 yiChiefs iyona esiwunqobe izikhathi ezili-13 kanti iPirates isawunqobe kanye lo mqhudelwano.
IBidvest Wits iyona evikela isicoco. Yahlula iBloemfontein Celtic ngegoli elilodwa eqandeni emdlalweni owawubanjelwe ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Umqeqeshi weChiefs uGiovanni Solinas ephawula ngalo mqhudelwano uthe, “Lo mqhudelwano uzoshuba kakhulu njengoba amaqembu amakhulu ehlulekile ukunqoba IMTN 8. SiyiChiefs inhloso yethu ukuthi sithole inkomishi eyodwa noma ezimbili. Kulezo asiyibali iMacufe Cup. ITelkom Knockout ngibona kuyiyo nakanjani inkomishi enohlonze okumele siyinqobe bese sisalelwa yiligi neNedbank Cup,” kubeka uSolinas.
Uqhube wathi iqembu ngendlela elidlala kahle ngayo liyatshengisa ukuthi liyafuna ukunqoba izindebe okuyinto osekuphele amasizini amathathu leli qembu lagcina ukuyenza.
Ubeke kanje, “Abadlali bakhombise ukubambisana okuyisimanga emdlalweni wethu weMacufe Cup. Ngeke siyithathe kancane iLeopards ngeSonto sifuna nakanjani ukuthi siqhubeke nokubambisana sisebenzise namathuba okuyiwo esihlezi sihlulwa ngenxa yokuthi asiwasebenzisi,” kuphetha uSolinas.
Umqeqeshi wePirates uMilutin Sredojevic yena uthi yize abantu abaningi sebeqalile ukumbuza ngomdlalo wabo neChiefs kodwa ngeke akubalekele ukuthi ngaphambi kwalowo mdlalo bazobhekana neChippa United.
“Iqembu esisuke sizobhekana nalo siyalihlonipha, ingakho kumele sikhulume ngalo mdlalo wethu neChippa ngaphambi kowomkhaya bethu iChiefs. Silindele umdlalo ongelula neze kwazise iChippa idlala ibhola elihle kakhulu. Ngikholwa wukuthi lesi yisikhathi sokuthi sibuyise izinyembezi zenjabulo kubalandeli bethu asebenesikhathi bagcina ukujabula. Le nkomishi yakwaTelkom siyibheke ngabomvu kodwa kuzomele sisebenze ngokubambisana ukuze lifezeke iphupho lethu,” kuphetha uSredojevic naye ongaphansi kwengcindezi yabalandeli abalambele ukunqoba.