Now Reading
Ithemba ngophenyo lwamacala ezepolitiki
Dark Light

Ithemba ngophenyo lwamacala ezepolitiki

UHLAKA lwezokuPhepha olwaqokwa uMengameli uCyril Ramaphosa ukulandelela nokuqapha izehlakalo zodlame nokubulawa kwabantu ezifundazweni ezehlukene ezweni, ngeledlule lihambele esifundazweni iKwaZulu-Natal lapho beliyobika khona ngebanga eselilihambile ekuphenyeni amacala okubulala okuhlobene nezepolitiki.

Phakathi koNgqongqoshe abakha lolu hlaka kukhona owezokuVikela uNkk uNosiviwe Mapisa-Nqakula; owezoBulungiswa uMnu uMichael Masutha; UNgqongqoshe WezobuNhloli uNkk uDipuo Letsatsi-Duba; uNgqongqoshe WezamaPhoyisa uMnu uBheki Cele noKhomishana WamaPhoyisa Kuzwelonke uGeneral Khehla Sitole. Leli Komidi libizwa ngokuthi i-Inter Ministerial Committee (IMC)

Leli komidi lihlangane nobuholi bukaHulumeni KwaZulu-Natal buholwa uNdunankulu obambile uMnu uSihle Zikalala, ophethe Ezokuphepha Komphakathi Nokukhumana uMnu uMxolisi Kaunda, uKhomishana wamaPhoyisa osabambile KwaZulu-Natal uLt General Mkhwanazi. Esitatimendeni esikhishwe ngokuhlanganyela i-InterMinisterial Committee sithe sekuyisikhathi eside leli komidi lisebenza ngokungakhathali liphenya amacala abikiwe okubulala ahlobene nezepolitiki lizama nokuthi libophe abathintekayo.

Isitatimende siqhuba sithi kukhona okuhle osekwenzekile njengokuboshwa kwabasolwa abathile emacaleni ahlukene okuwumphumela wokusebenza ngokubambisana kwazo zonke izinhlaka.

Esithangami sabezindaba sakamuva se-IMC esasingo mhla zinhlanu kuNtulikazi nonyaka, uphiko oluphenya la macala okubulala ezepolitiki lalinikezwe amadokodo ali- 126 ukuba liwaphenye, kodwa manje asenyukile afinyelela e-137 okudinga ukuba aphenywe. Ngokwesitatimende, isizathu esenza ukuba sinyuke isibalo samadokodo aphenywa iTask Team yingoba amanye abekwezinye izinhlaka zabaphenyi enganikeziwe iTask Team.

Amadokodo ali-137 aphuma esifundazweni sonke iKwaZulu- Natal. Lolu hlaka lwezokuPhepha luthi lukhulu oselwenziwe ophenyweni lwamacala.

See Also

Isitatimende siqhuba sithi ukubambisana okuhle okubonakala kuProsecutorial Guided Investigations (PGI), okuwuhlaka oluhlanganisa abashushisi nabaphenyi sekuthele izithelo njengoba uphenyo lusaqhubeka. UHlaka luthi kumele kukhunjulwe ukuthi ngesikhathi kusaphenya iTask Team endala kwakungekho lokhu kuhlangana okubonakala manje. Ikomidi lizishaya isifuba ngokuthi amanye amacala kumanje asesigabeni sokugcina sophenyo, kanti amanye asequlwa ezinkantolo ezihlukene KwaZulu-Natal.

Kusuka kumenyezelwe iTask Team ngoNtulikazi, sekuboshwe abasolwa abangama-28 emacaleni ali-12. Kulaba abangama-28 asebeboshiwe, kubona abangama-22 basezitokisini, ababili bangaphandle ngebheyili, abane badedeliwe kodwa uphenyo lusaqhubeka. Kulolu phenyo kutholwe izibhamu ezincane eziyisishiyagalombili, izinhlamvu ezili-126 nomagazini abayisishiyagalombili. Okunye okubuye kwamenyezelwa kulesi sithangami ukuthi osolwa ngokubulala owayeyilungu lophiko lwentsha ye-ANC uMnu uSindiso Magaqa uvele eNkantolo yesiFunda eMzimkhulu, icala lakhe lahlehliswa. Kuphinde kwavela eNkantolo yesiFunda eMgungundlovu amadoda ayisithupha asolwa ngokubulala uMnu uMusawenkosi “Maqatha” Mchunu. Kwelinye icala kuboshwe uMnu uFisokuhle Ntuli ngamacala ali-16.

UNtuli uthinteka emacaleni ayisishiyagalombili okubulala, okukhona kuwo namathathu okubulala izelamani zakwaZulu nofakazi kuleli cala. Lolu Hlaka luphinde lwaveza ukuthi kunamadokodo angama-22 angaphenywa iTask Team kodwa athinta ukubulawa kwabantu okuncikene nezepolitiki nawo azobhekwa ukuthi akukho yini ukuhlangana kwawo namanye amacala amaphoyisa asephumelele ukubopha kuwo.

Scroll To Top