Kudle fumuka kwadla silaza ukufa kwezikaqedisizungu
KUDLE fumuka kwadla silaza ukufa kwezikaqedisizungu eNingizimu Afrika esikhathini esifushane okushiye kukhalwa nxa zonke.
Ngesikhathi abantu kuleli besakhungathekile ngokudlula emhlabeni kwenkakha yomlingisi weshashalazi uWinston Ntshona, izolo ekuseni iNingizimu Afrika ivuke ngezinye izindaba ezibuhlungu zokushona isigubhukane komculi weHip Hop uLinda Mkhize obaziwa kakhulu ngelika “ProKid” endimeni yomculo. Ubeseneminyaka yobudala engama-37.
Ngeledlule kudlule emhlabeni uBrian Thusi obengumfuthi wezinsimbi, ozongcwatshwa kusasa emathuneni aseLalakahle emuva kwenkonzo ezoba eCity Hill, eHillcrest. Izolo imiyalezo yenduduzo ebiqhamuka kubantu bemikhakha ehlukene kuleli nguSABELO MAPHUMULO ibingena ilakanyana emndenini wakwaMkhize. Lo mculi ogcine esezibiza ngoPro ngoba ethi usekhulile ngokweminyaka kanjalo nasemculweni, uhlatshwe ukugula ekade evakashele umngani wakhe ngoLwesithathu. Umndeni uthi ngesikhathi ehltshwa ukugula kubizwe abosizo lokuqala abazamile ukumtatamisa kodwa ukugula kwamqinisa nokugcine ngokuthi aphangalale. Lo mculi ubethathwa njengevulandlela emculweni weHip Hop kuleli ekanye nozakwabo uProVerb. Uzokhunjulwa ngezingoma zakhe ezashisa izikhotha njengeGhetto Science nethi Uthini Ngo Pro.
OwayeyiMeneja yakhe nongumngani wakhe omkhulu uMpho Motsoaledi, Kudle fumuka kwadla silaza ukufa kwezikaqedisizungu uthe usashaqekile ngalezi zindaba.”Sifi ke lapho ebevakashele khona omunye wabangani esebize abosizo oluphuthumayo. Bathe uma befi ka bazama konke kodwa behluleka wagcina ephelele lapho,” kusho uMotsoaledi maqede wakhihla isililo. UMotsoaledi uthe indima yezomculo angeke iphinde ifane ngaphandle kukaMkhize. Uthe uPro ubengadikibali ngoba ubebuye amenywe ukuyodlala ezindaweni afi ke athole isibalo sabantu abazokwethamela lowo mcimbi sisincane kakhulu, kodwa aqhubeke nokubajabulisa. UNtshona ushone ngeledlule eneminyaka yobudala engama-75.
Uzokhunjulwa ngemidlalo eyayikhuluma ngesimo sezepolitiki eNingizimu Afrika njengeSizwe Banzi is Dead lapho ayedlala khona nenkakha yezokulingisa uJohn Kani. Omunye umdlalo adlala kuwo iThe Island neStatements After an Arrest Under the Immorality Act.