Now Reading
AMakhosi nesizwe bathi iSILOasihole
Dark Light

AMakhosi nesizwe bathi iSILOasihole

ISIMO sezulu ebesishubisa umnkatsha sehlulekile ukuvimba izinkumbi zikaZulu ezitheleke edolobheni las’Ondini enhla neKwaZulu-Natal. Abantu obekubalwa kubo aMakhosi, izinduna, abanumzane, izintombi nezinsizwa bafike ngandlelazonke. Bekukhona abebehamba ngamabhasi, amatekisi, amaveni nangezinyawo. Bonke bebehlanganiswe yilukuluku lokuzolalela ezakamuva ngesiphakamiso sokuba kuchitshiyelwe noma kuqedwe ngomhlaba kaZulu owenganyelwe yi-Ingonyama Trust, oNhloko yayo kuNgongangezwe Lakhe egameni likaZulu ongasekho, ophilayo nalowo osazozalwa. Abanye abebekhona lapha ngabaholi bakaHulumeni noHulumeni nokho okuvele ukuthi balapha njengamaZulu kabamele maqembu noma iminyango kaHulumeni.

Lokhu kubukeke kuhambisana nalokho okushiwo yiSILO enkulunweni yaso. Sikhuluma ISILO sithe: “Kimi kaniyona Inkatha Freedom Party, uKhongolose, iDemocratic Alliance, iNational Freedom Party, iCongress of the People, iPan Africanist Congress, i-Economic Freedom Fighters noma yiliphi iqembu kepha ninguZulu. Lo mhlaba wenu awuthathangwa kini njengamaqembu kepha wathathwa kuZulu.” Phakathi kwabaholi abebekhona bekukhona uNdunakulu Wesifundazwe uMchunu, uNgqongqoshe Wezamaphoyisa uMhlonishwa uBheki Cele, uMphathiswa kuHulumeni waKwaZulu-Natal uMhlonishwa uSithole-Moloi, umholi weDA KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uZwakele Mncwango, umholi we-IFP eSishayamthetho uMhlonishwa uBlessed Gwala nabanye abaningi okubalwa kubo nezimeya. Bekungadingi ukuba ubuze ukuthi uZulu uzizwa kanjani ngalokhu akubiza ngomuga namalumbo.

Imizwa yakhe ibingagcini ngokubonakala nxa enanela inkulumo yoMdala kepha ubuyizwa nakumahubo abeseqanjwe khona enkundleni nabekhala ngokuthi, “UMotlanthe uyedelela”. Ngokusho kweSILO ngeMbizo yangoLwesithathu ‘bekunyakaziswa amathambo kaZulu osenhlabathini’. Usuku lweMbizo langomhla zizine kuNtulikazi luqondane nosuku lomuga owenzeka Ondini eminyakeni eli-139 eyedlule lapho abahlaseli bamaNgisi babhubhisa khona iSigodlo nokwaba wukuqala kokubuswa kukaZulu ngemithetho yamaKoloni ngokuphelele. ONgangezwe Lakhe ubuye waveza ukuthi iMbizo yas’Ondini ibiyisiqalo sochungechunge lwezimbizo ezinkulu ezizoba seThekwini naseGoli. Konke lokhu ngokweSILO kuhlose ukunika uZulu, omncane nomdala ithuba lokuba yingxenye yokunquma ngezwe lawo nangesimiso soBukhosi bukaZulu. OMnyama uthe sekwanele ukuba kubekhona abantu abangamaqhude ukuzibeka bathi bakhuluma egameni likaZulu kepha uZulu kawuzikhulumele.

Ibe sezithebeni Kwenzeke njengoba Omdala elayezile njengoba zithe zisuka nje kwabe sekunikwa uZulu ukuba uphawule ngokungesabi futhi usho okuthandayo. Nembala abantu babe lujenge nokuze kwaphakamiswa ukuba kabanqanyulwe kwathenjiswa ukuthi kuzokwethulwa olunye uhlelo lokwenza baphawule. Kulabo abaphawulile imilomo ibivunana, ikhalela ISILO ngomuga, Bebekhona nabathi ‘bofa lapho ifa khona’ iMbube yoMhlaba. Kuqale aMakhosi ezizwe nabekhulunyelwa yiNkosi uGumede wakwaMakhasa eMkhanyakude neNkosi uShinga Ogwini nabalibeke ngembaba ukuthi bebengakezwa lutho olungabenza bathi uhlaka Ingonyama Trust aluphele. Lokhu kukhuluma kuvunyelwene ngakho ngo ‘elethu’zinkumbi ebezithe shaye. Enye iNkosi ekhulume neBAYEDE, iNkosi

See Also

Scroll To Top