INkatha noKhongolose empini yomgolo
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Amaqembu amabili aboHlanga aduma ngokudlana wodwa namuhla umkhonto ugwaza ekhaya entweni okusobala ukuthi akusiyo eyepolitiki
Enye yezincazelo zokubulala ngokwepolitiki ukusebenzisa ngokungekho emthethweni amandla noma udlame kuqondiswe kubantu noma empahleni ukuze uphoqe noma wesabise uhulumeni noma umphakathi ubhebhezela izinhloso zepolitiki noma zokwenhlalo. Ngakolunye uhlangothi, udlame lwezepolitiki lusetshenziswa kalula ngabantu nohulumeni kuwo wonke umhlaba ukuze bazuze ngokwepolitiki. Izinhlangano nabantu bakholelwa ekutheni izinhlelo zabo zepolitiki ngeke zihambisane nezidingo zepolitiki. Bagcina sebekholelwa ekutheni udlame akusikhona ukuthi lufanele kuphela kodwa futhi luyadingeka ukuzuza izinhloso zepolitiki.
Namuhla iNingizimu Afrika ikakhulukazi isifundazwe iKwaZulu-Natal abaholi kanjalo namaphoyisa baziluma ulimi nxa bezama ukuchaza ukubulawa kwabaholi bepolitiki. Ababukeka bedideke futhi bekhathazeke kakhulu nguHulumeni wesifundazwe noze wajuba iKhomishini ukuthi iphenye ngalokhu, uHulumeni akubiza ngodlame lwezepolitiki. Izwe lisalindile ukuthi iyakuzala nkomoni ngeKhomishini ebiholwa ngu-Adv uMoerane.
NoNqgongqoshe omusha Wezamaphoyisa, uMhlonishwa uBheki Cele naye ubukeka engazibekile phansi emizamweni yokunqanda isihlava sokubulawa kosopolitiki oningi labo livela kuKhongolose nokuyiqembu avela kulo uMhlonishwa uCele. UNgqogqoshe usekhulume kakhulu ngalolu daba ethembisa ukuthi nakanjani bazophuma nabo ababulali. Ubukeka efakwa nayingcindezi zinkulumo zikaMenagmeli we-ANC nofunge wagomela ukuthi bahlale bephunyuka nje ababulali lapha kuHulumeni wakhe bahambe kabi ngoba bazobanjwa.
Ukutshengisa ingcindezi ngalolu daba ngoMsombuluko esiphuma kuwo uMhlonishwa uCele ngokujutshwa nguMengameli wezwe ihole ithimba athe lizobhekana ngqo nalo muga owenzeka kweleNdlovukazi uMthaniya. Kuleli thimba kukhona uMhlonishwa uDipuo MaLetsatsi Duba Wezokuvikelwa koMbuso, uMhlonishwa uKaMapisa Nqakula Wezempi, uMhlonishwa uMasutha Wezobulungiswa, u-Adv. u-Abrahams weNational Presecution Authority kanye noKhomishana kazwelonke Wamaphoyisa uJenene uKehla Sitole. Kuseva ukubona ukuthi ngabe lokhu kuzoba yikhambi yini kwazise akuqali ukuhlanganisa kwabantu neminyango ukubhekana nesimo esifanayo.
Ephawula ngalokhu okwenzeka KwaZulu-Natal kokubulawa kwabaholi namalungu ezinhlangano zepolitiki, uRamaphosa wathi “angeke sivume ukuba lesi sifundazwe siphenduke isizinda sokubulala eNingizimu Afrika”.
Umgolo nxazonke
UKhongolose nokuyiwo osulahlekelwe kakhulu kawukufihli ukuthi empeleni uzalelwe yinja endlini njengoba umkhonto ugwaza ekhaya. Okunye osuqala ukungakufihli wukuthi ukubulawa kwabaholi lokhu akukhona okwepolitiki lapho kubangwa inqubomgomo kepha isikhona nenhlese yomgolo ohlanganisa ukubangwa kwezikhundla okuyizo ezisemlonyeni wemali kanye namathenda okuthiwa abantu sebaba ngamatubesi ngawo lapha phandle.
Ilungu lokugcina ukubulawa kuKhongolose kube nguMnu uMusawenkosi “Maqatha” Mchunu eMsunduzi nohlaselwe ngababulali engena nje emzini wakhe. Yize amaphoyisa esaphenya kepha imilomo iyavunana ekutheni ukubulawa kwakhe kuhlangene nombango ongaphakathi kuKhongolose. Lo mbango akuwona owezidingo zomphakathi kepha ngowokuthi ngubani okumele ahole iqembu.
Naku-IFP sekungene
Okushaqisile muva nje kube yinkulumo eyenziwe nguMtwana wakwaPhindangene. Ekhuluma njengomholi we-Inkatha Freedom Party (IFP), uMntwana emuva kokubulawa komholi wentsha nobemele iqembu lakhe eZululand, uMnu uSibuyiselo Dlamini uveze ukuthi umkhuba usekhaya.
Ekhuluma eDlebe kufihlwa uDlamini, uMntwana uthe: “Okungibangela ubuhlungu obungayiwa ulwazi lokuthi lesi senzo esibi kangaka sokusoconga besingagwemeka, futhi besingavinjelwa. IKhansela uDlamini ubazi ukuthi kunozungu lokumsoconga. Indodakazi yami, uMntwana uSibuyiselwe, usebenze naye futhi bengabangani. Ubeneka isifuba sakhe (uDlamini) kuyena (uMntwana) waze wamtshela nokuthi kukhona omfuna efile, waligagula negama lalowo ofuna kwenzeke lokhu.
Ekuseni mhla zili-10 kuNhlaba, ngosuku, wathumela umlayezo obhaliwe kumngani thizeni eThekwini ngaphambi kokuphangalala kwakhe, nalapho egagula igama lalowo ongumsocongi olubalelayo. Ngawubona ngalalwa awami umyalezo.”
Le nkulumo yoMtwana ifakazele umbono othi ukubulawa kosopolitiki yize kungenziwa abantu abangaziwa, iqiniso lithi labo bantu basuke bethunywe ngabantu abazanayo nomufi. Lesi simo sidala ukunukana emalungwini nakubantu endaweni.
Uma kuyikuthi lezi zinsolo ziliqiniso okusobala wukuthi lokhu kubulalana akuzukuphela ngoba lena yimpi yomgolo. Ayikho iKhomishini noma iziphakamiso zayo ezigaqeda umgolo kubantu. Ubufakazi balokho wukuthi kulo leli leNdlovukazi uMthaniya kuke kwaneKhomishini eyabe ibuka udaba lokubulawa kosomatekisi eminyakeni eyedlule kepha ukubulawa kusaqhubeka.
Umbuzo onzulu
Okufaka abantu ingebhe wukuthi ngonyaka ozayo kuyiwa okhethweni.
Njengoba kuyiwa okhethweni nje kuzobangwa uhlu lwamagama abazomela iqembu nosekwaba yinto yokufa nokuphila.
Umbuzo uthi ngabe uHulumeni uzokwazi yini ukunqada le mpi yomgolo ukuthi ingaluphazamisi ukhetho olukhululekile.
Amaphoyisa azokwazi yini ukubopha hhayi abasolwa noma ababulali kepha obhongoza. Nokuthi iKhomishini nezincomo zayo izokwenza kuphi okwehlukile kunamanye ake aba khona? Okwamanje kubukeka zingekho izimpendulo kepha okugqamayo wukugqokisa ichilo lokubulawa kosopolitiki ngengubo enhle kuthiwa kuncike kupolitiki kepha ubufakazi obukhona buveza umgolo.