Now Reading
Ngokuqhakambisa ubuzwe kusukelwa imamba ihleli obhalwini
Dark Light

Ngokuqhakambisa ubuzwe kusukelwa imamba ihleli obhalwini

Iyaqina imizamo yokucija imikhonto phakathi kukaKhongolose noZulu kanti kukhona nokwesabela ukuthi maduze ISILO, uMntwana noZuma bangahle bakhulume ngazwi linye

 

Yize kusakhulunyelwa phansi izinkomba zithi kukhona abagovuza ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwe African National Congress (ANC) kanye noZulu. Okuvelanyo wukuthi lokhu kuvela kwabathile ngaphakathi nangaphandle ku-ANC. Lokhu kuqale njengenkulumo nje eluteku ngesikhathi kuyiwa okhethweni lokuqoka umengameli weqembu nokuthe emuva kwemiphumela kwakhula ukukhuluma. Kulaba abaphehla uzwathi basebenzisa ukungahoshelani nokungathembani kwabalandeli bakaMengameli uRamaphosa kanye naloyo owayenguMengameli uMnu uZuma.

Ukukhuluma kusayiwa engqungqutheleni yeqembu ngoZibandlela ngonyaka owedlule kwakuthi ‘amaZulu ngeke avume ukuholwa yiVenda’. Lokhu kukhuluma bekungaveli ezinhlakeni zikaKhongolose kepha kwabathile. Kukhona nababethi ukuphumelela kwalowo owayencintisana noRamaphosa okunguDkt uMaDlamini Zuma kungahle kwandise ‘amandla neminyaka yokuqhoqhobala kwamaZulu noma abeNguni’ uKhongolose.

Kuguqukile ukukhuluma ngesikhathi uRamaphosa edla umhlanganiso. Kwaphinde kwajiya kakhulu ngesikhathi kubaholi abaphezulu abayisithupha ku-ANC kuzwelonke kungekho noyedwa oqhamuka KwaZulu-Natal. Kodwa izinkuluma zobuzwe zivele kakhulu ngesikathi kukhona ukudideka ekutheni uZuma uzosula yini njengoMengameli wezwe.  Ngaleso sikhathi uZuma usolwe ngabathile ngokuthi emuva kokuphumelela kukaRamaphosa ugovuza amabutho kaZulu ngenhloso yokuzivikela.

Abaqale ukugadla kube ngamaKhomanisi (SACP) akhipha isitatimende mhla ziyisi-6 kuNhlolanja nonyaka kulandela ukuvela  kwemibiko yokuthi uZuma ubehlangene namabutho eThekwini. Esitatimendeni amaKhomanisi athi: “ISouth Africa Communist Party iyabugxeka ubuhlanga ngazo zonke izindlela kanye nokubuthwa ngokobuzwe, kanye nalokho kwamabutho kaZulu okubukeka uMengameli uZuma esemdibi nakho njengengxenye yeqhinga lakhe lokuba aqhubeke abe sesikhundleni.”

Le nkulumo yokulumbanisa amabutho kanye nepolitiki kanye nosopolitiki kayehlanga kahle kuNdunankulu kaZulu, uMntwana wakwaPhindangene. UMntwana waphawula wathi ngesitatimende samaKhomanisi: “Ukungahlonizi kweSACP ukuhlongoza ukuthi uMengameli wayenxenxa amabutho eSILO ayilona iqiniso. Ukuba lokhu kwakuyiqiniso, ngabe ngazi ngakho, ngoba nginguNdunankulu weSILO. Amabutho kaZulu awangeni ndawo ekukhankaseleni umuntu luqobo. Akulungile udonsela iSihlalo SikaZulu ezindabeni zombusazwe,” kusho uMntwana wakwaPhindangene.

Ezinduneni elaboHlanga ezikhulume nazo nezicele ukuba zingavezwa zivumelene ekutheni kuzo okwabe kuseqhulwini emhlanganweni noZuma kwabe kuyimihlomulo yazo.  “Cha thina sathatha nje ithuba lokuyoqedela ukukhuluma kwethu noMengameli odabeni oluthinta imihlomulo yethu. Njengoba izwe lazi nguye uMsholozi owasinika indlebe nakuba siyahola namuhla. Sasazi-ke ukuthi angase ahambe abuye ehle esikhundleni ngakho-ke sakubona kumqoka ukuthi siphothule lokho esabe sikuqalile. Ekutheni lokhu sabe sikwenza ngoba seseka yena njengomZulu, cha mina nalabo ababehamba nami asikwazi lokho futhi ngeke kuguquke ukuthi uMsholozi unguMzulu nathi singamaZulu. Abantu sebengahumusha abakuthandayo”, kusho induna.   

Kanti enye induna ithi yona ibona ukuthi abenza njalo (abasola uMsholozi ngokuhlomisa izinduna) banezinhloso zokuqhatha.

“Uyabona thina siyizinduna zaMakhosi. Silalela  iSILO hhayi omunye umuntu ezindabeni ezithinta isizwe. Yebo sinawo amaqembu ethu kepha siyazi ukuthi kuneSILO, kunoNdunakulu kaZulu, futhi kunaMakhosi. Ngesikhathi sibizwe nguMchunu (uMnu uSenzo Mchunu) noMnyango babengasho ngani ukuthi sihlonyiswa wuMchunu? Awuboni ukuthi bayaganga laba bantu?” kuphetha induna.

UZuma ubuye wazininda ngesikhathi eyokotha ISILO eSigodlweni ONdini. Ngalolu suku izintatheli zabe zikanise Ondini ingena nemibiko yalokhu kuhlangana kanti imilomo yabe ivunana ezweni. Abezindaba ababekanise kusuka ekuseni kwaze kwahlwa koMkhulu babe bika ukuthi oMdala weluleka uZuma ukuba ayivume induku. Lo mbiko wawungabukeka umsulwa kepha wabe wakha isithombe esithi ‘INkosi yamaZulu yiyo enegama lokugcina esinqumeni sepolitiki’. Lesi sithombe sabe sendlalela okwabe kutshalwa kokuthi ‘AmaZulu ayaqoqana, neNkosi yawo iyingxenye yalokho’.   Nanamuhla abukho ubufakazi bokuthi kwaba ngoMdala owaphoqa noma oweluleka uZuma ukuba ehle esikhundeni.

Amaphephandaba angempelasonto ngeledlule abike ngetulo eliphekwa kwaZulu-Natal nelihlose ukuketula uRamaphosa njengoMengameli weqembu noMengameli wezwe. Kunede kwavela lezi zidaba kwavuka futhi ukukhuluma ngobuzwe.

Umbhali uMnu uMax du Preez kweminye yemibhalo yakhe usole uZuma ngokuhlomisa impi ngenhloso yokuginga uRamaphosa. Uthe uZuma uzenza umgilwa yilabo abangesiwo amaZulu futhi kwenye inkathi asole ukuqhoqhobalwa komnotho ngabelungu kuphela ukudida abantu. Wazi kahle kamhlophe ukuthi isifundazwe sakhe sizikhotha amanxeba emva kokuhluleka kukaDkt uMaDlamini Zuma kuRamaphosa embangweni wesikhundla sobumengameli ku-ANC, futhi usesebenzisa lokho.

Loyo onguSihlalo we-ANC kuzwelonke uMnu uMantashe ubuvumile ubungozi bokubutha ngokobuzwe nathi yibo lobu obenzeka ngabathize kwaZulu-Natal.

Uthe ngemibiko yetulo:  “Akukho mbiko onjalo ovela KwaZulu-Natal. Angizamukeli izindaba ezingaveli ezakhiweni (zeqembu). Akukho sakhiwo KwaZulu-Natal esike sakhuluma ngokuqumba phansi uMengameli uRamaphosa. Lokhu kuyimizwa nje futhi eqinisweni kuwumsebenzi wokubuthwa ngokobuzwe okungaba yingozi eqenjini.”

Omunye umholi ozwelana noRamaphosa wazise oZul’azayithole ukuthi okwenzakalayo kungahle kuthunaze imizamo yabo yokubulala “ubuhlanga bukaZuma nezakhe”. Ngesikhathi iBuffalo (kuteketiswa uRamaphosa) iyokotha iSILO sasithi silungise le nto kaZuma nezakhe yobuhlanga. Esho safike sazithela phezu kwale nto kaMotlanthe ethi akuvalwe i-Ingonyama Trust. Manje uyabona ukuthi sekukhona abazosebenzisa lokho ukushaya iBuffalo ekuthini ilwa namaZulu,” kusho lo mholi.

Ubudedengu

OZul’ayithole sebengakuqinisekisa ukuthi udaba lomhlaba ngolunye olungase lusetshenziswe  ekokheleni  ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwe-ANC noBukhosi kanye noZulu wonkana. Ngokuthola kwaleli phephandaba iqhingasu lapha wukusebenzisa ‘ubudedengu’ ekubhalweni kombiko owahlanganiswa nguMnu uMotlanthe. Kulo mbiko ithimba laphakamisa ukuthi kuqedwe  uMthetho Ingonyama Trust ukuze  “iKwaZulu-Natal ihambisane nenqubomgomo yezwe ngelomhlaba”.

Khona lapho umbiko wakha isithombe sokuthi lo mhlaba abakwaZulu  ngowokhokho babo watholakala ngenxa yemizamo yabaholi bangaleso sikhathi okuhlanganisa owayengumengameli umufi uMandela elalisa uboya uZulu neqembu iNkatha. Le nkulumo yathathwa njengenhlamba kuZulu ngoba umhlaba okukhulunywa ngawo wabe ulithonsi nje kwalokho okwabe kuthungwe yiLembe nesizukulwane salo endulo.  Kanti futhi wathathwa kungekho qembu lombusazwe noma lombangazwe.

See Also

Ephawula ngalezi zinkulumo uMntwana wakwaPhindangene onguNdunankulu kaZulu wathi: “Uma beyiqeda iTrust, ngibona ikusasa liluvindi kithina. Okungiphatha kabi ukuthi lokhu kwenziwa aboHlanga kwaboHlanga.”

Ngokuthola kwaleli phephandaba obunye ubudedengu buqhamuka ePhalamende lapho kuvela ukuthi kukhulu ukunengwa okukhona ngalokhu okuchazwa ngokuthi, lobu budedengu buqhamuka kwamanye amalungu ePhalamende kanye neziphathimandla. Isibonelo salokhu sivele ekuxhumaneni kwePhalamende ne-Ingonyama Trust Board (ITB) nokuvele ukuthi kukhona okungahambi kahle. Encwadini yangomhla zingama-29 kuMasingana loyo oyiSikhulu Esiphezulu ku-ITB, uDkt uMadlopha wathumela incwadi kuMnu uKgalema Motlanthe nayilapho ayedlulisa isicelo somhlangano njengesiphakamiso saMakhosi kaZulu ayehlangene mhla zingama-24/25 kuMasingana ngowezi-2018. Isihloko sencwadi sasithi ‘Isimemo Sokuba Semhlanganweni WaMakhosi AKwaZulu-Natal’.

Kulesi simemo akubange kusaphendula loyo owayemenyiwe kepha incwadi yokuphendula yabe isiqhamuka kuNks uTyawa. Okwacaca bha ngale ncwadi wukuthi kukhona umbhali noma isikhungo esabe singaneme ngakho okwenziwe ngaMakhosi aKwaZulu-Natal. Isihloko sencwadi sisodwa nje siveza ukunengwa kanti sikhuluma okungashiwongo yincwadi yesimemo. Isikhloko sithi: Ukuphoqa Ukuba OwayenguMengameli UKgalema Montlanthe Achaze Ngesincomo Sesigungu Esisezingeni Eliphezulu Nge-Ingonyama Trust Akwemukeleki Futhi Kuyinhlaza.

Incwadi iqhubeka ithi: OSihlalo basePhalamende bayamangala ngesinyathelo esiphikisayo esithathwe iNdlu Yobuholi BoMdabu KwaZulu-Natal ngesinye sezincomo zeSigungu Esisezingeni Eliphezulu ngokuHlola uMthetho Osemqoka kanye Nokuphuthunyiswa Koguquko Olusemqoka.

Ngesikhathi udaba lwesiphakamiso sokumuka komhlaba kaZulu, kube nenkulumompikiswano nasezinkundleni zokuxhumana nayilapho bekukukhulu ukuklolodelana nokungcofana kulabo abavumelana nesiphakamiso nalabo abakholwa ukuthi lesi yisenzo seqembu noHulumeni ongawathandi amaZulu noBukhosi bawo. Konke lokhu kukhuluma kuncane, akunakekile futhi kungenzeka ukuthi akunazinhloso ezitheni kepha kubukeka kuqhubeka igebe futhi kwakhela phezu kwezinhloso zabathile abafisa okubi. Izinhlangothi zimbili, kukhona abasola ISILO noZulu ngokuphathwa ngezandla ezintofontofo nguHulumeni kanti abanye bathi uZulu uyashushiswa.

Udungunyane lwangabomu

Zonke lezi zinkulumo ngobuzwe zinenhlese yokudala udungunyane phakathi kweqembu elibusayo noZulu nokuyinto ngokuthola koZulázayithole njengento yamabomu. Ozul’azayithole bakhulume nomunye oyilungu lePhalamende nohlaziye ukwenzeka  kwezinto nothe:   “Ayi wona lo mdlalo waqala kancane kulungiswa esinye isimo sangaphakathi eqenjini lapho kuzanywa ukuchuthwa izimpiko zikaZuma. Sasazi ukuthi uyathanda ukusasazela izimbangi zakhe ngabantu esebenzisa imizwa, futhi wayengakwazi ukusebenzisa ubuhlanga ukuze aphunyuke ezinkingeni zakhe. Buka nje udaba lokuhola kwezinduna, isinqumo sakhe esingaphusile singase siqumbe phansi uHulumeni ngoba ayikho imali yokuholela izinduna. Uma zingasaholi kuzothiwa yi-ANC.

“Kepha kubukeka sengathi sekuzoze konakale ngoba leli dimoni lobuHlanga liyavuka ngaphakathi kuKhongolose. Uzokhumbula udaba lodlame olwabe lubhekiswe kwabokufika, lapho iSILO sasithi ngeke siphume ngoba sasesinindwe ngento eyayingasifaka nasejele. Uzokhumbula futhi ukuthi ngisho nabathile emaphephandabeni babeyingxenye yomkhankaso wokuninda iSILO. Uyakhumbula esinye isitebele sibhala inhlamba yodwa ngeSILO emakhasini okuqala  saphinde saxolisa?  Kwakungelona iphutha,” kusho uMhlonishwa.

Lo mholi uqhube wathi: “Uphenyo olunzulu lweKhomishini Yamalungelo  kanye nalolo lwePhalamende lwadida umdlalo ngoba lwaveza okunye, kodwa okwagcina kwenzekile nokwakungaqondiwe wukudlondlobala kwamandla  eSILO.  Inkulumo esayikhuluma eMabhida  lapho sakhuluma kanye lwaphela udlame kwenza iSILO saba ngumlingisi omqoka okuyinto thina (amalungu ayekhuluma ngazwi linye)  esiyaziyo ubungozi bayo.  Cabanga nje uma iSILO, uButhelezi (uMtwana) noZuma uma sebekhuluma ngezwi elilodwa, yikho ngithi okwaqala kunezinhloso ezithize manje sekungokunye, singase sibhekane nenkinga.” kuphetha leli lungu elingafihli ukuthi lona alisiboni isidingo soBukhosi ngaphansi kwenqubo yedemokhrasi njengoba labe lizindonya isifuba lithi lona liyirepublican.

Scroll To Top