UMntwana ubona ubungozi ngolomhlaba
UMHOLI we-Inkatha Freedom Party (IFP) iNkosi uMangosuthu Buthelezi ibona ukuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo kuzokwandisa ububha kuleli njengoba kunokwenzeka ukuthi abatshalizimali babe manqika ngokufaka izimali kuleli.
UMntwana wakwaPhindangene ukusho lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi leli qembu ligubha iminyaka engama-43 lasungulwa, emcimbini obusezinkundleni zemidlalo iKing Zwelithini, eMlaza, eThekwini.
Nakuba i-IFP ivote ne-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye ne-African National Congress (ANC) ePhalamende ngesikhathi umholi we-EFF eqhamuka nalesi siphakamiso sokuba umhlaba uthathwe ngaphandle kwesinxephezelo, kubukeka sengathi uShenge usecabangisise kahle wabona ubungozi nxa kungathathwa umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
UButhelezi uthi uMengameli uCyril Ramaphosa wenza iphutha elikhulu uma egcizelela ukuthi kuthathwe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo njengoba kwandisa amathuba okuthi abatshalizimali bangayishayi mkhuba iNingizimu Afrika.
“UMhlonishwa uRamaphosa ulokhu egcizelele njalo ukuthi ukuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo kuyinto ezokwenzeka kungekudala. Uze athi lokhu kuzokwenzeka ngaphandle kokuphazamiseka komnotho. Ngiyafisa ukwazi ukuthi ngabe lokho kuyokwenzeka kanjani. Ukube ngingumtshalizimali wase-England, e-Europe noma e-America bengingeke ngiyifake imali ezweni elithatha umhlaba kubantu ngaphandle kwesinxephezelo. Empeleni nje, ngusomabhizinisi oyisiwula ongafaka imali yakhe kulelo lizwe,” kuchaza uButhelezi.
UShenge uthe uma uRamaphosa engayibukisisi indaba yokuthathwa komhlaba kubantu ngaphandle kwesinxephezelo, kunobungozi bokuthi leli lizwe lingafana ncamashi neZimbabwe, njengoba nakhona kwaphucwa abelungu umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo nokwangcina ngokuthi abatshalizimali bangabe besazithinta ngalela lizwe eliholwe uMnu uRobert Mugabe isikhathi eside.
Akagcinanga lapho uMntwana wakwaPhindangene njengoba egxeke kakhulu inkulumo yomholi we-EFF uMnu uJulius Malema ngenkulumo ayibhekise ku-Ingonyama Trust Board, nalapho ethe umhlaba ongaphansi kwale nhlangano nawo kumele ubuyele kuHulumeni. I-Ingonyama Trust ingaphansi kobuholi beSILO.
Kwenzeka lokhu nje, uMalema usevakashe amahlandla amabili eSigodlweni seSILO, nalapho efike khona ephethe isipho sezinkomo, ephathele iSILO.
“Ukube ngiyiSILO bengiyozibuyisela emuva lezo zinkomo ngoba kuyacaca ukuthi unendelelo ngakusho nge-Ingonyama Trust. Kaseneme neze ngakusho,” kusho uButhelezi.
UNgqongqoshe Wezangaphandle e-Australia uMnu uPeter Dutton useveze ukuthi nxa kwenzeka ukuthi abalimi abamhlophe begcina ngokuthathelwa umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, i-Australia izimisele ukubathatha beqhubeke basebenze kuleliya lizwe alichaze ‘njengeliphucuzekile’.
“Uma ubuka kumabonakude, ufunda namaphephandaba aseNingizimu Afrika, kuyacaca ukuthi inkulu inkinga abalimi abamhlophe ababhekene nayo kuleliya lizwe. Kungakho sizimisele ngokubasiza kuleli lizwe lethu eliphucuzekile,” kusho uDutton.
- dladlan@ingabadimedia.com