Kwasala iningi eMpumalanga
INDAWO yaseMpumalanga yaba sematheni eminyakeni edlule ngodlame lwezepolitiki olwaluphakathi kwe-IFP ne- ANC olwacishe lwagcwalisa amathuna aleli lokishi. Imizi yasala dengwane kwavalwa izikole nezinye izikhungo zomphakathi ngoba kwakunzima nokuphuma ezindlini kuleyo mithonseyana yabantu eyayisasele. Ifu lobumnyama lodlame lwezepolitiki lagcina lidlulile kwaba nokubuyisana, kwabuya nenhlansi yethemba. Akekho owayecabanga ukuthi iMpumalanga ingabuyela odakeni njengoba kuthe ngowezi-2007 kwaqubuka umbango wamatekisi oshisa phansi. Lo mbango kubonakala ungagcina usukhipha izidumbu ezingaphezulu kwezodlame lwezepolitiki ngoba ikhambi lokuwunqanda alitholakali. Kuhlengezela izinyembezi kwezinye zezikhulu zamatekisi uma zichaza ngesimo sale mboni nokuthi sebebangaki ozakwabo abalele kobandayo ababengamalungu eMpumalanga Taxi Association.
Lezi zikhulu zithi ukube ukungaboni ngasolinye kwanqandwa zisuka nje ngabe namuhla usoseshini waseMpumalanga ukude ngoba akekho umuntu wakule ndawo owayefisa ukuthi ibuyele esimweni eyayikuso ngesikhathi sodlame. Namuhla unyaka we-11 kwaqubuka umsindo nokuqothwa kosomatekisi abangaphansi kwalo soseshini, okugcine sekukapakela nakubagibeli. Kwezinye zezigameko abasolwa bayaboshwa, badedelwe kokunye batholwe benamacala, kodwa konke lokho akumbuyisi osuke esebulewe. ElaboHlanga linomqulu ochaza kabanzi ngokusuka nokuhlala kwezinxushunxushu zamatekisi eMpumalanga nochungechunge lwemihlangano eyayibanjwa nezikhulu zikaHulumeni ngethemba lokuthola isixazululo kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.
Ngokwalo mqulu umnyombo walo msindo obatshazwa manje waqala ngowezi-2007 (yize wawukhona omunye umsindo ngeminyaka eyedlule) ngesikhathi izinhlangothi ezimbili zingaboni ngaso linye ngobulungu beMpumalanga Taxi Association. Omunye umhlangano owabanjwa okwakwethenjwa ukuthi uzoza nesixazululo waba lulunye kuMfumfu ngowezi-2009 phakathi kweMpumalanga Taxi Association nePinetown Taxi Association lapho kwakubuyekezwa khona isivumelwano semizila phakathi kweMpumalanga nePinetown. Ngenxa yokungatholakali kwesixazululo kwaze kwangenelela uMnu uBheki Cele ngaleso sikhathi owayenguMphathiswa Wezokuthutha esifundazweni. UCele wethula kulezi zinhlangothi zombili uhlelo lokuthula ezazibophezela kulo ngaphandle kokuphoqwa futhi zasayina. Kungakapheli nenyanga bachitheka bugayiwe ngesikhathi kudutshulwa kubulawa ilungu lolunye uhlangothi uMnu uMaxwell Cele.
Kulobo bumnyama uCele esasebenza udaba lwaseMpumalanga washintshelwa kwesinye isikhundla kuHulumeni indawo yakhe yathathwa uMnu uWillies Mchunu. Akazange apholise maseko naye uMchunu wagxuma wahlala ngoba ngoNdasa wezi- 2010 wahlangana nezinhlangothi zombili ngenhloso yokuthola isixazululo. NgoMandulo wezi- 2010 kwakhishwa umyalelo wokuba uMphathiswa uMchunu apenye ngalolu dlame futhi athathe nezinyathelo ezinqala ukwenza isiqiniseko sokuthi luyaphela. Emuva kokuba uMchunu ethole izincomo zeKhomishini eyayiphenya ngokwakwenzeka ngoZibandlela wezi-2010 wabe eseqala uhlelo lokubonisana nababethinteka okwakuhlanganisa nokuthola uvo lwezinhlangano zomphakathi, ezenkolo, abamabhizinisi, izinhlangano zomphakathi emazingeni ehlukene. Umhlangano wabanjelwa ehholo lomphakathi KwaMagaba inhloso yawo kuwukuzobika ngenqubekelaphambili negxathu elase lihanjiwe.
Emuva kophenyo lweKhomishini kwakhishwa umbiiko othi abukho ubuholi obusemthethweni bokuhola iMpumalanga & District Taxi Association. Ngesikhathi uMchunu eseqala eseqinisa isandla elandela enza ngokomyalelo weKhomishini, uhlangothi olwaluholwa uMnu uM. Hlophe lwaqonda enkantolo lafuna iNcwadi Yesivimbelo ukuze uMphathiswa angaqhubeki nokufaka izincomo zeKhomishini. Kuyilapho kwacaca khona ukuthi ikhohlisana ihlomile phakathi kwezinhlangothi zombili olwabe luholwa uHlophe noCele (owabulawa). Kwacaca nokuthi ubuhlobo phakathi kwezinhlangothi zombili akuselula ukuba bulungiseke. Ukuqothwa kosomatekisi bekulokhu kuqhubeka isinyenyela eMpumalanga ngisho ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo phakathi kwalezi zinhlangothi zombili kuze kube yinamuhla. NgoZibandlela wezi-2017 kubulawe uMnu uMbhekeni Hlophe kwalandela uMnu uDoda Mthethwa noMnu uNono Ngubane. Ngasekuqaleni kwalo msindo omunye wababulawa uMnu uMorgan Shezi.