Now Reading
UMbalula uletha izimpendulo emphakathini waseManguzi
Dark Light

UMbalula uletha izimpendulo emphakathini waseManguzi

KUBUYE ithemba emphakathini waseManguzi njengoba uNgqongqoshe Wezamaphoyisa uMnu uFikile Mbalula kubhekeke ukuba namuhla ahambele kule ndawo kulandela ukuchayisa umphakathi ngeledlule. UMbalula uzohlangana nomphakathi enkundleni yezemidlalo eManguzi, kuMasipala uMhlabuyalingana ngehora lesibili emini. Inhloso kuseyikho ukuzobuyisa izimpendulo nokuletha amasu okulwa nobugebengu bokudunwa kwezimoto nokunyuka kwezinga lobugebengu obunhlobonhlobo kule ndawo. Ukuvela kwemibiko yokuthi uMbalula uzohambela kule ndawo kwamukelwe ngemibono ehlukene kulandela ukungasifezi isithembiso sokufika ngesonto eledlule.

Ilungu lomphakathi elidonse ngendlebe leli phephandaba ukuba lingalinge liveze igama lalo ngenxa yokusabela impilo yalo ezigebengwini okuthiwa ziyabulala uma uke wathi vu lithe bethemba ukuthi uNgqongqoshe uzofika nento ephathekayo futhi bazophuma ngobuningi ukuzozwa ukuthi uzobe ekuphethe yini lokhu ayekuthembisile ngesikhathi egcina. “Ezinye zezinto esizifunayo ukuthi abe nohlelo lokuhlangana noHulumeni waseMozambique kubuyiswe lezi zimoto esezantshontshwa ngoba ziyabonakala kuleliya lizwe. Okwesibili ukuthi kuqiniswe ezokuphepha emngceleni iKosi Bay okuyiwo osetshenziswayo ukugila lo mkhuba kuphinde kuqiniswe ezokuphepha emphakathini wonke ngaphansi kwesifunda uMkhanyakude,” kubeka ilungu lomphakathi.

Omunye uthe akasenandaba noma uyeza noma akezi ngoba kuyefana uzobakhohlisa nje. Egcina ukuya eManguzi, uMbalula wayethe uzobuya emva kwamasonto amabili, kodwa kulokhu uthe nakanjani sizotholakala isisombululo kulolu daba oluphenduke undabamlonyeni. Umphakathi wanxusa uNgqongqoshe ukuba angenelele ekuxazululeni lesi simo njengoba umphakathi uphucwa izimoto izinswelaboya, ziweliswe eMozambique.

See Also

Emasontweni amabili adlule umphakathi uphazamise ukusebenza ngaphansi kwalesi sifunda wavala izikole, izitolo nokunye okuningi ngenxa yokufuna ukunakwa nokulalelwa uHulumeni ngezikhalo zawo. Njengamanje isimo sisathule eManguzi. Ukuhambela kukaMbalula eManguzi namuhla kuqinisekiswe nangumxhumanisi eHhovisi lakhe uMnu u-Esethu Hasane. Uthe njengoba uNgqongqoshe uMbalula wayevele ethembisile ekuqaleni ukuthi uzobuya nezimpendulo ezizosiza ngesixazululo ezikhalweni zomphakathi, sekunga ngawo amagama enkehli njengoba kuzokwenzeka namuhla.

Scroll To Top