Qonda uhloniphe uMthetho Wabantu Abadala 13 wezi-2006


LO MTHETHO uhlose ukuvikela, ukukhuthaza nokugcina isimo, amalungelo, inhlalakahle kanye nokuphepha kwabantu asebekhulile (abantu abadala). Lo mthetho uhlose ukulwa nokuhlukunyezwa kwabantu asebekhulile.
Umuntu omdala ngumuntu, uma kwenzeka owesilisa, eneminyaka engama-65 noma ngaphezulu futhi, uma kwenzeka owesifazane, uneminyaka engama-60 noma ngaphezulu.
Ukuhlukumezeka kwabantu asebekhulile kungenzeka kunoma imuphi umuntu, kungaba semndenini kwenziwe ngabantu abathenjiwe okanye kwenziwe ngomakhelwane okanye abantu abanakekela abantu abakhulile noma abadala. Kungenzeka ezimweni ezehlukene – ukungondliwa okanye ukushaywa okanye ukwebelwa izimali okungukubahlukumeza ngokomnotho, noma ukunganakekeli izindleko zabantu asebekhulile noma ukweba izimali zabo zomhlalakahle okanye ukubaxosha emizini yabo, kanye nokudla kwenziwa ngabantwana noma ngabazukulu noma omakhelwane okanye ukubahlukumeza ngokocansi noma ukubethuka nokungukubahlukumeza ngokwengqondo ngamanye amazwi.
Abantu abakhulile banamalungelo okuvikeleka ngezindlela eziningi. Kungaba ngokwamalungelo abawanikwe yi-Older Persons Act okanye yi-Older Persons Portfolio yekhomishini okungenye yezindawo eziyisikhombisa ezibhekene nokuvikelwa nokuqapha ukufezwa kwamalungelo abantu asebekhulile eNingizimu Afrika.
IKhomishini Yamalungelo Abantu ibhekelele ukuqinisekisa ukuthi amalungelo ngokoMthethosisekelo afana neLungelo Lokulingana, iLungelo Lokuhlonishwa kanye neLungelo Lokuvikeleka Ngokwenhlalo kubantu asebekhulile ayavikeleka okanye ayaliwa mayephuliwe, ngenye yezindlela zokuvikela abantu asebekhulile.
Ungazibuza ukuthi wenzenjani uma kunomuntu osekhulile ohlukumezekayo nangoba yiyiphi indlela. Impendulo ithi ngemuva kokuthola umbiko ovela kusonhlalakahle, isikhulu samaphoyisa singakhishwa umhlukumezi osolwa ngesaziso esibhaliwe esimcela ukuba ashiye ikhaya noma indawo yokuhlala umuntu omdala noma ayeke ukungena endaweni enjalo noma oxhumane nomuntu omdala kuze kube yilapho icala libhekwa yinkantolo.
Ngosuku lokukhokha, umantshi uzobhekisisa zonke izindaba eziphakanyiswe embhalweni, futhi ngemuva kwalokho angenza amaphoyisa akhiphe umyalelo wenkantolo. Umantshi angase anikeze umyalelo wokunakekela umhlukumezi, uma kunesidingo. Ukwehluleka ukulalela umyalelo wenkantolo kuyicala. Lapho etholakala enecala, umhlukumezi angadingeka akhokhe inhlawulo noma avalelwe ejele isikhathi esingaphezulu kweminyaka emihlanu.
Noma yisiphi isisebenzi senhlalakahle noma umhlinzeki wezempilo uyohlinzeka umshushisi womphakathi ngesitatimende esifungelwe sokuhlukunyezwa okusolakalayo. Uma umshushisi enelisekile ngombiko, uzocela unobhala wenkantolo ukuba abize umhlukumezi osolwayo.
Umantshi angaphakamisa isigunyaziso sokugunyaza isisebenzi senhlalakahle noma ukunakekelwa kwezempilo okuhlinzekwa ukuthi athathe isikhulu samaphoyisa naye ngenhloso yokuphenya kufanele kube nemingcele yokufinyelela endaweni lapho kusetshenziswe khona ukuhlukunyezwa komuntu omdala.
Kuyicala ukuvimbela isisebenzi senhlalakahle noma umhlinzeki wezempilo ukuba enze imisebenzi yakhe. Umhlukumezi olahlwe yicala angagwetshwa ukukhokha inhlawulo noma aboshwe isikhathi esingeqile eminyakeni emihlanu, noma akhokhele futhi abuyele ejele ngenxa yobugebengu obufanayo.
Imininingwane yomhlukumezi olahlwa yicala ifakwa kuRejista Kazwelonke yabantu abadala, egcinwe nguMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi. Lo Mthetho uvimbela noma yimuphi umuntu ogama lakhe livela kuRejista ekusebenzeni noma eqashwe kunoma iyiphi indawo enikeza abantu abadala. Umuntu obhalisiwe uphinde avinjelwe ekuhlinzekeni noma yikuphi ukunakekelwa komphakathi nokwesekela kubantu asebekhulile. Sekuchaziwe konke okungenhla, kumele singumphakathi kanye nemindeni sikuqaphele kanti futhi siphinde sibike emaphoyiseni nakosonhlalakahle uma kukhona abantu abadala abahlukumezekayo sibe sinolwazi lwalokho. Lokhu kubika kuyimpoqo nomgomo uma ngabe uyisakhamuzi saseNingizimu Afrika ngoba ukungabiki kwethu kungukuqhubeza nokugqugquzela ukwephulwa komthetho. Ngiyazi ubunzima abemndeni nomakhelwane abahlangabezana nabo makufanele babike njengokusolwa ngokususa umsindo kulelo khaya, kepha ‘masivikele abantu abakhulile ngasosonke isikhathi’!
– U-Advocate Hlengiwe Mkhasibe, ungumsunguli nomqondisi weBM Legal Consultants. Umsebnzi omkhulu ukufundisa ngezomthetho ukuze abantu bathole kalula usizo lwezomthetho; lokhu kuwukuhlomisa nokwakha isizwe. Usebenze kakhulu neziteshi ezisakazela umphakathi. Ugxile kakhulu emthethweni wezemindeni (Family Law), owezakhamuzi (Civil Law) nowezohwebo (Commercial Law). Njengamanje usebenza nommeli wezokubangwa komhlaba (Land Disputes).