Ibhuloho elonakele eLovu selikhubaze umphakathi


SEKUSHINTSHE impilo yomphakathi owakhele iLovu nezisondelene nayo ukuvalwa kwebhuloho eliwelela ezimbonini, ezitolo nasezikoleni ebelenza impilo ibe lula futhi umphakathi wonge nezindleko zokuhamba. Selokhu leli bhuloho lavalwa ngonyaka odlule ngoba kuthiwa linobungozi ngenxa yokuntengantenga okudalwa ukuguga kwezinsimbi. Leli bhuloho linqamula emfuleni iLovu, kanti yilo elalisetshenziswa kakhulu eminyakeni edlule ngaphambi kokunwetshwa komgwaqo onguthelawayeka uN2. Kusuka lavalwa impilo isishintshile ngoba umphakathi, abamabhizinisi, izimoto zezimo eziphuthumayo nezithutha impahla sekumele bathathele ngomgwaqo omkhulu.
Imiphakathi ethintekayo ebisizakala ngokusebenza kwali bhuloho owaseSikhaleni, eSiqhingini, eFakazi, eMsahweni, kwaShozi MaZungu, e-Adams, oHlongeni, kwaFelekisi, uMgababa naseLower Illovu uma uya ezindaweni ezihlukene. Abafundi yibona abathwala usizi lwansukuzonke ngoba kumele banqamule ezindaweni ezingaphephile nasemgwaqeni omkhulu bevika izimoto okugcina befike ngemuva kwesikhathi ezikoleni.
Mkhulu umonakalo osudalwe ukuvalwa kwalo leli bhuloho, kuphoqeleka ukuthi umphakathi uhambe ujikeleze ibanga elicishe lifike kumakhilomitha ayi-15 ngenxa yokuthi uyaphoqeleka ukuthi uhambe uyojikeleza ngaseMgababa esikhundleni sebanga elingaphansi kwekhilomitha.
Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa libikele iBAYEDE ukuthi sekubahlukumezile kakhulu ukuvalwa kwaleli bhuloho njengoba kungekho nezimpendulo ezibuyayo ngalo, akukho nencazelo ebambekayo oyitholayo.
“Le ndawo ihlala abantu basemakhaya abasazama impilo. Uma siya emsebenzi siyamosheka kakhulu, sifaka uphethroli siphindaphinda ezimotweni okudlula isikalo ebesisifaka ngenkathi kusasetshenziswa ibhuloho uma siwelela ngaphesheya.” Lithe ugcina ungasakwazi nokuqongelela imali yokwenza ezinye izinto ngenxa yokucononozela imali yokufaka uphethroli.
ElaboHlanga lizibonele usizi lwansuku zonke umphakathi ophila ngaphansi kwalo ngesikhathi lihambele le ndawo. Ibhuloho belivalwe ngemigoqo yezinsimbi izinhlangothi zombili. Izimoto azikwazi ukudlula. Ngaphansi kwalo emfuleni lapho abamba isihlabathi abahamba ngamaloli bayaphoqa bafoshe emfuleni kodwa uma linile ugcwele kuba umqansa. Nabo bagcina sebephoqeleka ukuba bajikeleze baye eMgababa.
Ngokophenyo elaboHlanga elilwenzile lithole ukuthi azikho izigameko ezike zaba khona kuleli bhuloho okungaba ukuphonseka kwabantu noma izimoto. Umphakathi uthi ungajabula uma lingalungiswa ukuze uphile kangcono.
Omunye wabahweba ngesihlabathi kule ndawo uMnu Sibiya (ongathandanga negama lakhe) ukhale kakhulu ngokuvalwa kwaleli bhuloho wathi, “Kusukela ngoNhlangulana wangonyaka odlule livaliwe. Ngilahlekelwe imali eningi ngifaka udizili uma amaloli ethutha isihlabathi, agcina ehamba ibanga elide ejikeleza. Kuthulekile akukho okubuyayo eMnyangweni Wezokuthutha esifundazweni okuyibo abavala lelibhuloho.
Omunye wabantu ohlala lapha ngenxa yokusondezela umsebenzi uMnu uZakhele Sibiya ongowakwaNongoma uthe ufike kulendawo ngokomsebenzi, “Bekungcono lisasebenza leli bhuloho bekuba lula ukuthutha impahla esiyidayisayo futhi kuba lula ukunqamulela uma usuka edolobheni iWinkelspruit uza emsebenzini. Njengamanje uyaphoqeleka ukuthi ujikeleze.”
ElaboHlanga lizame kaningi ukuthola ukuphawula kwaboMnyango Wezokuthutha Esifundazweni ngalolu daba kodwa kwanhla zimuka nomoya.
UMnyango uyaphawula
Inhloko yezokuXhumana eMnyangweni WezokuThutha esifundazweni iKwaZulu Natal uMnu uNathi Sukazi ukuqinisekisile ukuthi leli bhuloho lingaphansi koMnyango futhi yiwo olivalile ngenxa yokubona ukuthi libeke engcupheni impilo yomphakathi. “Kube nezikhawu ezimbili silivala leli bhuloho ngenxa yokubona isimo salo ukuthi alisaphephile. UMnyango uphezu kwezinhlelo zokulilungingisa kulo nyaka wezimali wezi-2018/19 njengoba kuhlelwe ukuthi kwakhiwe ibhuloho elizoba nemizila emibili ephambanayo. Angiphinde ngikucacise ukuthi uMnyango unomthwalo omkhulu kanti nemali yesabelo incane njengoba kunezicelo zokwakhiwa kwamabhuloho ezingama-500 kanye nemigwaqo okumele ilungiswe kuso lesi sabelo sezimali esiyizigidigidi ezi- R3,5.”