Now Reading
UNgqongqoshe uvuma iphutha ngamaTVET
Dark Light

UNgqongqoshe uvuma iphutha ngamaTVET

PHEZU kokuba izikhungo zokucija ngamakhono ezibizwa ngamaTechnical Vocational and Training (TVET) sekushiwo kaningi ukuthi imfundo izoba mahhala kuzo futhi abafundi bazothola uxhaso olufanele ukuze bakwazi ukuqhuba izifundo zabo, kodwa kubukeka zisenephunga lo mzondo kwabaningi.

Ngonyaka odlule iKhomishini kaMehluleli uJonathan Heher yaveza ukuthi kufanele imfundo kulezi zikhungo ibe mahhala futhi kuqinisekiswe ukuthi abafundi bathola zonke izinsiza kusuka ezincwadini kuya emalini yokugibela. Leli khwelo belibonakala sengathi lizodala ukuthi sande isibalo sabafundi abathutheleka kulezi zikhungo kulo nyaka kodwa kubukeka sengathi akekho obakhuthaza ngokwanele ukuba bayoqeqeshwa kuzo.

Ngisho amaqembu ezombusazwe amele abafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme abonakala engayigqizi qakala indaba yamaTVET kunalokho akhuluma ngokubhalisa emanyuvesi. Okunye okukhombise ngokusobala ukuthi lezi zikhungo azikhangisekile ngokwanele futhi nabafundi abagqugquzelwa ngendlela ukuthi bazibone njengezibalulekile, ukugcwala kwabo emanyuvesi beyofuna izikhala ngisho sekushiwo ukuthi azisekho.

Kumanje emanyuvesi amaningi kukhalwa ngokuthi baningi kakhulu abafundi abafake izicelo zokufunda ukwedlula lezo abanazo. Inyuvesi iWitwaters Rand kuvele ukuthi ithole izicelo zabafuna ukwenza unyaka wokuqala eziyizi-56 901 ekubeni benezikhala zabafundi abazokwenza unyaka wokuqala eziyizinkulungwane ezinhlanu.

Umkhulumeli wenyuvesi uSchalk Mouton ukhiphe isitatimende lapho ekubeke kwacaca ukuthi sebebonke abafundi abanezikhala zabo bayizinkulungwane ezibalelwa kuma-36. Le nyuvesi akuyona yodwa ezithola ingenelwa izinkulungwane zezicelo zokufuna izikhala ezingaphezu kokuphindiwe uma kuqhathaniswa nesibalo esidingekayo.

Lokhu kubeke isithombe sokuthi baningi abafundi abasaqhubeka nokuza ngobuningi emanyuvesi nokukhomba ukuthi basebaningi abangakakholelwa kumaTVET. Ngisho uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uSolwazi uHlengiwe Mkhize ukhale kakhulu kuleli sonto ngokuthi isabakhathaza indaba yokuthi abafundi abaningi baya kumaTVET ngoba sebechithiwe emanyuvesi.

“Ngicabanga ukuthi iphutha nathi njengoHulumeni esibe nalo elokuthi asizange sigqugquzele ngokwanele izingane ukuba zingene kumaTVET nokwenza bazicabange uma sebehlangabezane nembibizane yokungamukelwa emanyuvesi abasuke befake izicelo kuwo. Lokhu kufanele sikusukumele ngoba asikwazi ukuthi amaTVET abe nesibalo esincane sabafundi. Ubufakazi bokuthi namanje amaTVET awanakiwe ubona ngesibalo sabafundi abafake izicelo emanyuvesi. Sisibona lesi senzo siyinselelo enkulu eMnyangweni nasemphakathini ngoba akukwazi ukuthi kuba nezikhungo ezibukelwa phansi ekubeni zinohlelo olusezingeni elemukelekile eNingizimu Afrika lokuqeqesha abafundi,” kusho uSolwazi uMkhize obekhuluma nabezindaba ngesikhathi evakashele esinye sezikhungo zemfundo ephakeme e-Eastern Cape kuleli sonto.

Ngokwezibalo ezilokhu zikhishwa izikhungo kuvela ukuthi iSol Plaatjie University inezikhala ezingamakhulu ayisikhombisa kodwa ithole izicelo eziyizinkulungwane ezine. ICentral University of Technology eBloemfontain kuthe kuleli sonto yazithola ibhekene nenqwaba yezicelo ebezibalelwa ezinkulungwaneni ezili-11 ekubeni inezikhala zabafundi bonyaka wokuqala eziyizinkulungwane ezine kuphela. Amanye amanyuvesi avale ngonyaka odlule kuMandulo ukwamukela izicelo kodwa zisaqhubeka nokungena ngobuningi nokusakhombisa ngokusobala ukuthi abafundi basakholelwa ekutheni imfundo engcono ikulezi zikhungo.

See Also

Ekugcineni laba bafundi abangazukuzithola izikhala kubhekwe ukuthi bayozilahla kuwo amaTVET lapho bezozithola sebenza izifundo ebebengazimisele ngazo.Lesi simo sesehlule ngisho kuzanywa ukugqugquzelwa abafundi ukuba baye kumaTVET kodwa kunhlanga zimuka nomoya njengoba abafundi besathatha lezi zikhungo zokuqeqeshwa ngamakhono njengeziphansi ngokwezinga, futhi abathi baya kuzo uma umuntu esexakekile engasathathwanga emanyuvesi.

Ngowezi-2014 owayenguNgqongqoshe weMfundo Ephakeme, uDkt uBlade Nzimande wahlaba ikhwelo encenga amanyuvesi ukuba azamukele iziqu zabafundi abasuke bephuma kumaTVET ngoba yikho okwakuyinselelo enkulu nokuyimbangela edale ukuba lezi zikhungo zibukelwe phansi.

Isikhalo esikhulu kwaba esokuthi abafundi bathi uma sebefisa ukuyoqhubeka nezifundo zabo emanyuvesi besebenzisa iziqu abazithole kumaTvet kodwa bafike babekwangqingetshe bangamukelwa kudingeke ukuba baqale phansi. Okunye okwenze amaTVET abukelwa phansi kube yizinkinga ezibhekana nabafundi abakuzo okubalwa ukukhwabaniselwa izimali abasuke bexhaswe ngazo yisikhwama iNational Student Financial Aid Scheme.

Lezi zinsolo zigcine sezidala imibhikisho engapheli kodwa obekuqeda amandla abafundi ukuthi izikhalo zabo bezingasukunyelwa amaqembu ezepolitiki noHulumeni njengoba kuye kwenzeke emaNyuvesi uma abafundi bakhona betelekile. Kumanje amaTVET azithola esenomthamo wabafundi abaningi abasuke bezofuna izikhala zokufunda uma unyaka usumaphakathi ngenxa yokuthi basuke beqale abangayingena indaba yawo.

Scroll To Top