Kukhalwa ngobugovu obunqunu emnothweni wezemvelo KwaZulu-Natal



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Enethunga isengela phansi, izizwe zaMakhosi zingontembuzana zibe zizungezwe ingcebo
ININGIZIMU AFRIKA yaziwa njengezwe lezilwane ezinhlanu ezimqoka . Lokhu kwenza libe likhulu isasasa kubavakashi kanye nalabo abanothando lokuhweba ngeziqiwu, nokuyibhizinisi elinemali eningi. Ngokwezibalo zomnotho ngonyaka wezi-2014, ibhizinisi lezemvelo lafaka izigidigidi ezintathu emnothweni wakuleli. Umkhakha webhizinisi lezemvelo wehlukene kathathu; kukhona ingxenyana yokufuya okwasendle (okwemvelo), ingxenyana yokuhlwaya ngokwasendle kanye nengxenyana yokukhiqiza ngokwasendle. Kuyo yonke le mikhakha aboHlanga bayingcosana.
Ozul’azayithole bahambele izindawo ezehlukene kweleNdlovukazi uMthaniya ngenhloso yokuthola ukuthi aboHlanga bazuzani ngebhizinisi lezemvelo njengoba iningi lamabhizinisi lawa okubalwa iziqiwu lakhiwe ezindaweni zabo. Lezi zindawo zingaphansi kwe-Ingonyama Trust okuyiyo eyengamele imihlaba yaMakhosi lapho kukhona lezi ziqiwu kanye nemiphakathi yaMakhosi.
Isifunda saseMkhanyakude, KwaZulu-Natal sineziqiwu ezingaphezu kweshumi futhi yisona esihamba phambili ngesibalo seziqiwu ezikhona uma kuqhathaniswa nezinye. Kulezi ziqiwu kubalwa iBonamanzi Game Reserve, iCape Vidal, iFalaza Game Park, iGiants Castle Reserve, iHluhluwe Game Reserve, Imfolozi Game Reserve, iSimangaliso St Lucia, Ithala Game Reserve nezinye. Okucaca nxa uvakashele lezi zindawo ezigaya imali wukuthi uma uya khona wedlula endlaleni, kubantu abakhele izindawo zaMakhosi ababhuqwa ngububha. Kwezinye izindawo umgwaqo ongcono yilo oqonde esiqiwini kuthi lena engenela emphakathini yaboHlanga ibe wubhuqu nje, njengoba kukwanjayiphume uqobo.
ElaboHlanga lithole ukuthi yize kukhona imizamo yokulungisa lesi simo, aMakhosi nezizwe zawo basathola izingqweqe kuthi amaNkinsimane namaQadasi bona babhukuda emafutheni. Libe selixhumana naMakhosi akhele uMkhanyakude nababaze ubugovu obunqunu obenziwa ngongxiwankulu abakhe emhlabeni wokhokho bawo. INkosi uMbhekiseni Gumbi yesizwe sakwaGumbi ikhale kakhulu ngobugovu ngamaphumemile endaweni nabasole ngokuthi kabafuni ukwabelana naboHlanga.
“Ziningi kakhulu iziqiwu ezakhele isizwe sakwaGumbi, lapha ngikhuluma ngesiqiwu sikaSenegal esiseHlambanyathi, zikhona nezikaNjofi nezinye eziningi ezakhelene nendawo yakwaGumbi. Iseyinkinga kakhulu indaba yokuzuza komuntu omnyama kumuntu omhlophe ngoba kusenalokho ukuthi umuntu omnyama ayikho into ongamenzela yona njengomuntu omhlophe, njengoba naye uzithuthukisa yena kuphela ngesiqiwu sakhe umphakathi awuzuzi lutho. Siyaye sithi siyacela uma kunemicimbi bangasiniki lutho, akuhlanganwa ndawo nabo.
“Indaba yabamhlophe uma kukhulunywa ngokuhlalisana nokuthi kusendaweni yeNkosi bakushaya indiva lokho bengakuhloniphi, abazi nakwazi ukuthi kukhona uBukhosi. Izingane zethu akukho abakunikelayo kuzo ikakhulukazi lezo ezihlwempu njengosomabhizinisi abahwebayo endaweni yethu,” kusho iNkosi uGumbi.
USomkhanda uqhube wathi: “Akukho ukuxhumana okuhle hle nabo laba osomabhizinisi abamhlophe kanye noMkhandlu weNkosi. Isizathu ukuthi vele nabo baziphilela epulazini labo, noma sikucabanga, kulukhuni ukufinyelela epulazini lomlungu, ngoba ngisho sinemicimbi bese siyocela inyamazane eyodwa noma ezimbili, kugcina kuhamba isicelo lutho ukuthi kubuye impendulo noma banikele ngalokho. Asikho ngisho nesivumelwano esake sasenza nabo sokuthi kube khona ukusebenzisana. UMnyango wawukuxoxile nathi ukuthi laba belungu akube khona abakuphonsayo esizweni ukuze kuhlomule umphakathi, sasithi kuzokwenzeka lokho kodwa kuze kube manje akukho lutho okuke kwenzeka. Yingakho nathi sekumele sithathe igxathu ukuze sisebenzele phezu kwento ephathekayo. Kuphawula iNkosi yesizwe.
Ibe isithinta olunye udaba okuzwakele ekukhulumeni kwayo ukuthi luyiva, umhlaba. “Into esihlupha kakhulu ukuhamba kancane kohlelo lokubuyiswa kwemihlaba, ngikhuluma nje kunomlungu esakhelene naye lapha endaweni unemihlaba eyisi-8 okungeyakhe kuphela kodwa akaze acabange ukuhlephulela umphakathi. Siyafisa ukuthi uHulumeni asheshise lolu hlelo.”
KwaTembe kungconywana
UBukhosi bakwaTembe khona eMkhanyakude yibona obunothe kakhulu kuso lesi sifunda ngoba buneziqiwu ezaziwayo kakhulu, okubalwa, iTembe Elephant Park engamahektha ayizi-30 000, kuba yingxenye yeNdumo Game Reserve yona engamahektha ayizi-2 000 nendawo yeNkosi yakwaMathenjwa. Kube yiSimangaliso Wetland Park esuka emngceleni waseMozambique kuze kuyofika eMabizo eyizi-17 000 zamahektha.
Iphawula ngalokho okucoshwa ngumphakathi iNkosi uTembe ithe, “Umphakathi kukhona okuzuzayo ngokuba khona kwalezi ziqiwu, okungamathuba emisebenzi, uma kukhona okwenziwayo eziqiwini umphakathi uyaye umenywe ekutheni kubulawe izihlahla zokufika, kube nesabelo sokuthi kube nezinyamazane ezibulawayo ukuze kuhlomule umphakathi kangangokuthi kwehliswa amanani enyama njengoba sazi ukuthi ezitolo inyama ibiza o-R68 ngekhilogremu. Inzuzo etholakala ngaphakathi esiqiwini ngokwamaphrojekthi ehlukene, afana nokudayiswa kwezinkukhu, nokunye, bese kuba uhlelo olwenzekile lapho isiqiwu saqoka khona abafundi abazofunda imfundo ephakeme beze baqede ngemifundaze. Lapha ngikhuluma ngabafundi abangama-300. Kuningi okwenziwayo okuwukwelekelelwa komphakathi.
INkosi uTembe iqhube ngokuthi, “Zikhona izivumelwano ezikhona ukuthi iziqiwu zisebenze ngokubambisana naMakhosi, kuyiqiniso ukuthi imihlaba yanikelwa aMakhosi ukuze kongiwe imvelo, nokuthi uma sekuba khona uhlelo lokubuyiswa kwemihlaba kwase kuba khona izivumelwano ezibhalwe phansi zokusebenzisana. Kubalulekile ukuthi kube khona izithangami lapho yonke imiphakathi yaMakhosi eyakwazi ukuthi ihlomule, sikwazi ukuthi siqwashisane ngokuthi esikwenzayo lapha kwaTembe kuyafana yini nokwenzeka kwaHlabisa, nakwezinye izindawo ukuze sizokwazi nokuthi siqwashisane nalabo uma kuwukuthi khona la abasacindezeleke khona, ngingakhulumi ngemihlomulo emihle mina kanti khona basaphila ngaphansi kwengcindezi. Siyafisa ukuthi sihlangane sixoxisane mhlawumbe kukhona esingaphuma nakho okuzokwazi ukuselekelela,” kuphetha iNkosi uTembe.
Okhulumela isifunda saseMkhanyakude uMnu uMduduzi Dlamini uthe, “Isifunda saseMkhanyakude sithathwa njengendawo eyiTourism Destination, okuyiyona ndawo esidonsela kakhulu izivakashi eziqhamuka emazweni ehlukahlukene, lapha ngingabala oMozambique, iSwaziland, namanye amazwe lapho esuke ezobona khona ubuhle bendawo yethu. UMkhanyakude yisona sifunda esineBig Five, okuyizilwane ezithandwa kakhulu emhlabeni, engingakuqinisekisa ukuthi iziqiwu zilima enkulu indima ukudonsa amehlo ezivakashi bese kukhuphuka nesimo somnotho.
“Kodwa into esasikhathaza kakhulu ukuthi kunendawo eseSodwana Bay eyengamelwe abebala elimhlophe kakhulu ebizwa ngokuthi iSimangaliso Wetland Park ethathwa ngokuthi iyisiqhingi samagugu nemvelo. Le ndawo idle omkhulu umhlaba wabantu bakithi abangasakwazi ukuthi bazithuthukise kuwo kudaleke namathuba emisebenzi. Kumanje le ndawo ibiyelwe, akuvumelekile ukuthi ukwazi ukwakha izinto zokuthuthukisa imiphakathi, kanjengokwakha amahhotela, izindawo zokulala nokunye ngenxa yokuthi isaphethwe yilabantu bebala,” kusho uDlamini.
Kulezi ziqiwu eziKwaZulu-Natal kukhona lezo ezizimele bese kuba khona lezi ezingaphansi kuka-Ezemvelo KZN Wildlife. Ukuthola kabanzi ngalokhu elaboHlanga lixhumane nokhulumela abakwa-Ezemvelo KZN Wildlife uMnu uMusa Mntambo, nalapho ephawule wathi, “Zibalelwa e-120 iziqiwu ezilawulwa yithi, okusho ukuthi zikhona ezingekho ngaphansi kwethu. Uma ngizocacisa nje ukuthi lapho okuneziqiwu zethu khona kunezindawo ezingena ngaphansi kwezindawo zaMakhosi, okusho ukuthi ayikho into eyenzekayo aMakhosi singawazisanga, kunamakomidi amele aMakhosi, kanye nomphakathi okuyiwo esixoxisana nawo nanoma yini esifuna ukuyenza emphakathini. Ukwenaba kabanzi ngalokhu, kunabantu esibaqashayo, abasuka emiphakathini leyo eyakhelene nesiqiwu sethu ngenhloso yokudala amathuba emisebenzi nokubuyisela kuwo umphakathi ukuthi ungabulawa yindlala, uphile. Ukufakazela lokhu siqasha amaField Rangers okungabaqaphi beziqiwu ikakhulukazi labo abaqhamuka kuleyo miphakathi eyakhelene neziqiwu zethu, kunama-environmental monitor abalelwa ema-400 ababhekelela imiphakathi, ukuphepha kwayo ngobungozi obungadalwa yizilwane eziphuma eziqiwini ngezintuba ngaleso sikhathi, kuphinde kube nabantu esibaqashile ababizwa ngamaCommunity Conservation Officers okuyibo abaphuma baye ezikoleni, emiphakathini ukuba beyofundisa ngokusebenza kwesiqiwu, izinto okumele bazenze noma bengazenzi uma kuphume isilwane esithile esiqiwini nokunye okuningi okuwulwazi olubafundisa kabanzi ngesiqiwu.”
UMntambo uqhube ngokuthi, “KunamaLocal Boards akhandwe amalungu omphakathi enganyelwe aMakhosi ukuba abe yingxenye yamalungu omphakathi ukuxhumanisa umphakathi nathi ukuze uma kuba khona uhlelo esifuna ukuluhambisa emphakathini kube yiwo asidlulisela umyalezo emphakathini naseMakhosini,” kuphetha uMntambo.