Now Reading
Iphupho ngebhange Ithala lisewutalagu
Dark Light

Iphupho ngebhange Ithala lisewutalagu

Yize imilomo ivunana ngesidingo sendima okumele ihlakulwe kepha kusala ukwenza yize bephokophelela

NGESIKHATHI njengamagagasi olwandle uphakama umkhankaso wabaholi be-African National Congress (ANC) wokuthi isikhungo IThala Development Finanace Corporation (Ithala), ligcine lithole imvume yokusebenza ngokuzimela ukuze libe yingxenye yenqubomgomo kaHulumeni yokwenza izinguquko emkhakheni wezezimali namabhange, iphupho lalokho libukeka lingakazukufezeka okwamanje. Lokhu kulandela ukuphawula ngebatha ekusebenzeni kwalesi sikhungo okwenziwe nguMnu uKimi Makwetu embikweni wakhe wezi- 2016/2017.

Lo mbiko udwebe isithombe esingesihle ngokusebenza kwe-Ithala nokungathi nxa kungedlulwa kukho kunqinde inkambo yalo yokuzimela. Umbiko ukhomba izinsolo zenkohlakalo nokuthi Ithala lehlulekile ukuletha izitatimende ezichaza ukusetshenziswa kwenkece yonyakamali wezi-2016/2017. Akugcini lapho kodwa okunye akuvezayo ukuthi leli bhange lisabhekene nenkinga yokugcwalisa izikhala ezibalulekile. Ezinyangeni ezedlule leli bhange lilahlekelwe yilowo obeyiSikhulu Esiphezulu, uNks uYvonne Zwane owedlule emhlabeni emuva kokugula.

Sekukaningi lesi sikhungo sizama ukufaka isicelo sokuzimela ukuze lincintisane nezinye izikhondlakhodla kulo mkhakha okuyinto engakenzeki. Phezu kwalokhu kushaya amakhala kweHhovisi likaMgcinimafa Omkhulu, uHulumeni waKwaZulu-Natal ngomlomo walowo okhulumnela uMhlonihswa uZikalala onguMphathiswa obhekelele ukusebenza kwe-Ithala, okunguMnu uBongani Tembe, uthe yize uMcwaningimabhuku Jikelele eveza ezinye zezinto eziyizinselelo kodwa lokho akusho ukuthi basonge izandla.

“Empeleni kula masonto amabili edlule sikwazile ukulungisa ezinye zezinto uMcwaningimabhuku Jikelele akhala ngazo. Ngikhuluma nje izikhulu okubalwa iChief Executive Officer okunguMnu uDanny Zandamela neGroup Chief Financial Officer okunguMnu uFarhana Amond, sibaqokile. Okunye ukuthi njengoba iminyaka emithathu ebesinayo yokuba sihlele konke nge-Ithala ibheke ekupheleni kodwa sesiphinde sanikezwa eminye emibili ngaphezulu. Lokho kusho ukuthi sizoba nesikhathi esanele sokuba sigcine sikwazile ukuthola imvume yokugunyaza Ithala njengebhange elizimele,” kusho uTembe.

Umkhankaso oshisa phansi

Umqondo wokuzimela kwe-Ithala uqiniswa kakhulu nayinkulumompikiswano ekhona ezweni nakumalungu kaKhongolose emayelana noguquko emkhakheni wezezimali kanye namabhange. Ube ususatshalaliswa ngubuholi bukaVukayibambe nongafihlanga ukuthi isifiso sawo yikho ukuthi uHulumeni waKwaZulu-Natal asebenzise Ithala kunokuba asebenzise amabhange azimele.

See Also

Ekhuluma nelaboHlanga lowo okhulumela uVukayibambe esifundazweni, uMnu uMandla Shange uthe yize lesi sikhungo sinezinselelo kodwa okuhle ukuthi uHulumeni wesifundazwe ulibeke eqhulwini.

“Sonke sivumelene ukuthi Ithala libhekene nezinkinga zokungaphathwa ngendlela okufanele zilungiswe. Lokho besikusho ngoba yilona bhange esikholelwa ekutheni lizofeza iphupho esinalo njenge-ANCYL lokuba umnotho wezwe uhlomulise naboHlanga. Yingakho nakuHulumeni udaba lweThala yilo oluseqhulwini ngoba simile ekutheni izimali zikaHulumeni waKwaZulu-Natal aziphume kula mabhange ezibekwa kuwo ziyofakwa eThala. Okunye sifuna zonke izikhulu ezithinteka ekungaphathini ngendlela Ithala zijeziswe ukuze siqinisekise ukuthi lisebenza ngobuqotho,” kusho uShange.

Scroll To Top