Now Reading
UKhongolose emizamweni yokunqanda ubuhlanga
Dark Light

UKhongolose emizamweni yokunqanda ubuhlanga

Kukhona ukwesaba ukuthi ubuhlanga ku-ANC bungase bungene ngenxeba lombango wezikhundla ozayo

‘Idimoni lobuhlanga, ukungaziphathi kahle kokulwa kwamaXhosa namaMfengu, amagqubu akhona phakathi kwamaZulu namaThonga, naphakathi kwabeSotho nabanye boHlanga kufanele kuphele kudalakacwe. Simunye!” Lawa ngamazwi akhulunywa nguDkt uPixley ka Isaka Seme owayengumbumbi kanye noMengameli we-African National Congress (ANC). Okwalandela lapho kwaba yikhwelo lakhe elalithi “Mzulu/ Mxhosa/Msuthu Hlanganani”.

Le nkulumo yaba yisikhali iqembu lakhe elaphunga ngaso impi yobandlululo. Nokho eminyakeni eli-105 uSeme aphimisa la mazwi kwabunjwa ne-ANC, inhlangano yakhe, isemkhankasweni wokulwisana nedimoni lobuhlanga. IBAYEDE isingakuqinisekisa ukuthi ubuholi bale nhlangano kabeneme ngomoya ovunguzayo nokusatshelwa ukuthi ungase udunge ubunye kule nhlangano. Kuyakholaka ukuthi lo moya ungase usatshalaliswe wumcintiswano wobuholi bale nhlangano ozoba ngenyanga kaZibandlela nonyaka.

Ngokuthola kweBAYEDE ukuphakanyiswa kwegama likaDkt uNkosazana Dlamini-Zuma akukhathazi nje kuphela ngoba isibongo singuZuma kepha kanjalo nokuthi uvela kusiphi isifundazwe nokuthi ungumuni. Amanye amagama afana nelikaDkt uZweli Mkhize kanye noMnu uJeff Radebe kanye noBaleka Mbete nawo kunokwesaba okukhona ngawo. Bonke laba baholi bangabeNguni. Elabohlanga lithole ukuthi muva nje kunomuzwa okhona kwabanye kuKhongolose othi le nhlangano isiphathwe kakhulu wuhlangothi lwabeNguni kusuka ngezikhathi zikaMnu u-Oliver Reginald Tambo, uMengameli uNelson Mandela kanye noMengameli uThabo Mbeki.

Laba bakholwa wukuthi ukuthatha izintambo kukaMnu uCyril Ramaphosa kungalungisa lesi simo lapho kungatholakala khona umholi ongeyena umNguni. Kunokwesaba ukuthi lesi simo singase sisetshenziswe ngabathile ukudunga le nhlangano nabangafafaza umoya wokuthi ezinye izizwe kazamukelekile ku-ANC. Ekhuluma emgubhweni we-ANC, uNobhala wamaKhomanisi uDkt uBlade Nzimande uxwayise le nhlangano ngokuthi ingaweli ogibeni lobuhlanga. Ukuphawula kukaDkt uNzimande kubukeka kusindwe zinyawo ngoba ukukhuluma sekuqalile. Bakhona nabaphakamisa ukuthi lokhu kudanjiswe kanjani. Okokuqala sekukhona ukukhuluma okuthi akuvunyelwane ngobuholi kungancintiswana. Kulaba umlando abawubeka phambili yilowo owenzeka ngonyaka we-1991 ngenkomfa yokuqala ye-ANC emuva kokuvulwa umlomo. Lapha kwabe kunomcintiswano phakathi kukaMnu uChris Hani kanye noMnu uThabo Mbeki, isikhundla esabe sisetafuleni ngesikaSekela Mengameli. Nokwathi ngokubona ukucija kwemikhonto, uMengameli uMandela wabacela bobabili laba baholi ukuba behlele ngezansi nokwagcina kuphakame igama likaMnu uWalter Sisulu. Lokhu ngaleso sikhathi kwagwema uqhekeko ku-ANC nakulawo maqembu adlelana nayo. Umbono lapha uthi ukuze kugwenywe lokho kumele ubuholi namalungu angenelele. Kukholakala ukuthi lokhu kungenza kungabi nokuncintisana phakathi kukaDkt uDlamini Zuma osekwa wuphiko lwabesifazane be-ANC kanye noMnu uCyril Ramaphosa yena osekwa yiCosatu.

Okwesibili kukhona abathi uRamaphosa akaphahlwe ngumuntu ovela KwaZulu-Natal okunguDkt uMkhize, kanti abanye bathi abangene bobabili uDkt uDlamini-Zuma noRamaphosa, omunye abe nguMengameli omunye isekela. Lokhu bayakholwa ukuthi kungadambisa umoya lo ongemuhle wobuhlanga. Iphephandaba lesilungu eliphuma nsuku zonke iThe New Age ekuqaleni kwesonto lidalule elikubize ngohlu lwalabo abazoba sethimbeni likaRamaphosa, phakathi kwabo kukhona uDkt uZweli Mkhize obhekwe kwesokuba yiSekela Mengameli kanye noMnu uDavid Makhura onguNdunankulu waseGauteng obhekwe kwesokuba nguNobhala Jikelele. Lolu luhlu yize luveza amagama abantu abavela ezifundeni nasezizweni ezahlukene kubukeka lungase lubakhalise labo abafuna kube yisikhathi sesibhuda ku-ANC. Ohlwini mabili amagama abantu besifazane, okunguNkk uThandi Modise obhekwe kwesokuba nguSihlalo kanye noNks uVuyiswa Tulelo yena obhekwe kwesikaSekela Nobhala.

See Also

Ngakolunye uhlangothi naphezu kokugxekwa uphiko lwabesifazane lumile ekutheni lufuna uDkt uDlamini-Zuma ukuba ahole iqembu. UNobhala Jikelele wale nhlangano uMnu uGwede Mantashe ulugxekile uphiko lwabesifazane neCosatu ngesenzo sabo sokusho ababafunayo, wathi, ‘sidunga amanzi’.

Yize kusesekuseni kepha kubukeka idimoni lobuhlanga elabe liphetshezwa nguSeme lingase livuke nokuyinto engafenyisa iphupho leminyaka engama-105. Ku-ANC, njengoba kunjalo nakwezinye izinhlangano, kukhona abantu abazolivusa hhayi ebuholini kuphela embangweni ozayo kepha bafake nedimoni lobuzwe enhlanganweni elingadlavuza uKhongolose aphele.

Scroll To Top