Now Reading
Abalandeli bahlalisa lubhojozi abaqeqeshi beBafana
Dark Light

Abalandeli bahlalisa lubhojozi abaqeqeshi beBafana

Kubukeka sekungumlingo kuphela ongabeka iBafana Bafana emidlalweni yomhlaba eRussia ngonyaka ozayo

KUYIMPILO kunobhutshuzwayo ukuthi uma iqembu lingenzi kahle, iminwe ikhombe umqeqeshi. Kwesinye isikhathi umqeqeshi uyaye agxekwe ngokushiya ngaphandle abadlali abasuke bethenjwa abalandeli ukuba bangawenza umehluko nxa benikwa ithuba.

Ukuhhewulwa kwabaqeqeshi sekwaba amahlala khona, kwezinye izikhathi umqeqeshi usuke esukelwa kokunye abalandeli basuke benephuzu. Muva nje iBafana Bafana kayenzi kahle ngemuva kokushaya udaka kuCosafa Castle Cup, nokushaywa kabili iCape Verde ekhaya nasekuhambeni emidlalweni yokuhlungela iNdebe YoMhlaba.

Eqinisweni, kubukeka sekungumlingo ongabeka iBafana Bafana eRussia ngonyaka ozayo, ikakhulukazi njengoba iFIFA iveze ukuthi umdlalo weBafana Bafana neSenegal, kuzofanele uphindwe ngenxa yokuthi unondweba owayewuphethe wenza izinqumo ezingezinhle.

Lokho kusho ukuthi elesizwe lakuleli linephuzu elilodwa vo, emidlalweni yokuhlungela emithathu. Kuyinto enzima futhi elukhuni satshe kubaqeqeshi ukujabulisa bonke abantu uma kuza esikimini esizodlala nesizoqala umdlalo. Wonke umuntu unomdlali noma abadlali azifelayo ngabo, angafisa beqale noma okungenani bedlale ngosuku lo mdlalo. Lokhu kuyizinkomba zokuthi abaqeqeshi banomsebenzi onzima okufanele bewenze, wokujabulisa thina. Ngeshwa kuyenzeka kwezinye izikhathi, kungenzeki.

Ngowe-1996, iBafana Bafana yaba nomdlalo wesihle neBrazil eGoli. Ngaleso sikhathi yayicijwa uClive “The Dog” Barker. Esiwombeni sokuqala sabona iBafana izenzela okwafakazelwa ngamagoli amahle avalelwa phakathi uPhilemon “Chippa” Masinga noDoctor “16V” Khumalo. Empeleni kulo mdlalo umfo kaKhumalo wayengayizwa nakuyizwa iBrazil, eyijika kuhleke nomuntu ocashile. Wenza izitobha zeBrazil zikunqene ukumaka zisaba ukuphenduka inhlekisa. Ngesiwombe sesibili uBarker waqoma ukumkhipha uKhumalo, kwabe sekuba ukungena kwamanzi endlini. IBrazil yashaya amagoli amabili okulinganisa ngokushesha avalelwa phakathi uRivaldo okwakungumdlalo wakhe wokuqala neqembu lesizwe. Sekungumlando ukuthi uBebeto wavalela phakathi elokunqoba leBrazil. Lona kwakungumdlalo obalulekile kwazise iBafana yayizozifaka emlandweni wokushaya iBrazil okokuqala.

Ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ngowezi-2010 iBafana Bafana yaqopha umlando ishaya iFrance ngamagoli amabili kwelilodwa eMangaung. Ngaleso sikhathi yayicijwa uCarlos Alberto Parreira waseBrazil. EzikaParreira zivele sezidlala lo mdlalo neFrance, sekungowokugcina eqoqweni A, nesifo sakudala ebholeni lakuleli sokukhipha izinto zokubala uma sisemqhudelwaneni sase sivele sesidlangile. Lokhu kwakudalwa ukuthi emdlalweni wokuqala neMexico, iBafana yadlala ngokulingana kuba yigoli elilodwa nhlangothi zombili. Kuthe emdlalweni wesibili iBafana yalotsholwa i-Uruguay ngamagoli ama-3 eqandeni.

Akekho-ke ongazi ukuthi iBafana yazifaka ehlazweni ihluleka ukungena kweyomkhumulajezi nakuba yayingosokhaya. Kule midlalo emithathu iBafana eyayidlala neMexico, i-Uruguay neFrance yayidlala ngezitobha ezimbili maphakathi emuva okunguBongani Khumalo nokaputeni ngaleso sokhathi u-Aaron “Mbazo” Mokoena.

Yayimningi imibono ngabo, bebodwa ababengayizwa eyalezi zitobha bezisola ngokungasheshi emuva nangamaphutha asabekayo. Ngaleso sikhathi ebhentshini leBafana kwakukhona uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni ongazange alithole ithuba lokudlala kwaze kwaba iBafana Bafana iyaphuma kulo mqhudelwano. Kwavumbuka “iqembu elisha” elalaziwa ngeBaghana Baghana, bayolikhumbula abaningi.

See Also

Sasikhona-ke isikhalo sokuthi kungani kungafakwanga uSangweni emuva, kwazise amagalelo akhe ayengadinge kuchazwa. Nokho umfo kaParreira wabona kungcono uMokoena noKhumalo.

Emasontweni amabili edlule iBafana Bafana ibidlala neCape Verde. Emlenzeni wokuqala u-Andile “Gattuso” Jali walizwa ngendaba ijezi nakuba abaningi babembhekile ukuthi adlale. Ngemuva kwalokho loyo obhekelele izindaba zikaJali uMike Makaab washiya angalazi enkundleni yezokuxhumana uTwitter, ebuza ukuthi kungani uJali engadlaliswanga. Emlenzeni wesibili obuseThekwini, uJali ungene ngomzuzu wama-72. Ufike kwezwakala njengoba eshaye negoli elaba ngumthobanhliziyo kwazise umdlalo waphela kungama-2 kwelilodwa kungamagoli amabili ezivakashini kungelilodwa kuBafana.

Akafunanga nokuyizwa uStuart Baxter ocija iBafana eyokubuzwa ngokuthi kungani ebengamsebenzisi uJali nakweminye imidlalo. Lokhu kuyizinkomba zokuthi abaqeqeshi banendlela yabo yokusebenza okufanele ihlonishwe, nokho kuthi uma izinto sezingasahambi njengoba befisa bezifakele isigcwagcwa kubalandeli.

Scroll To Top