AbakwaGupta balibeke engcupheni ikusasa le-ANC
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Akungabazeki ukuthi iphutha elikhulu elenziwa i-ANC ngelokuzihlobanisa nomndeni wakwaGupta.
Ngenxa yalo mndeni i-ANC isibonakala njengenhlangano engenaluvo kwezepolitiki kuleli yize iyinhlangano ebusayo njengoba ziqina izinsolo zokuthi uMengameli nethimba lakhe kuHulumeni bathatha imiyalelo kulomndeni. Ngesikhathi uMengameli eshintsha ithimba lakhe kuHulumeni umgcinimafa we-ANC uDkt uZweli Mkhize wathi isenzo sikaMengameli sibonakalisa ngokusobala ukuthi amandla ombuso awasekho eLuthuli House kepha asekwenye indawo. Ekhuluma enkomfeni yenyunyana iNUM uNobhala we-ANC uMnu uGwede Mantashe uthe amalungu ale nhlangano awazilungiselele ukuvezwa kwabaholi babo abaningi ophenyweni lokushaqwa kwamandla ombuso ngabathize abangekho kuHulumeni.
UNobhala ukusho lokhu nje kusanda kuputshuka izincwadinyazi (emails) abakwaGupta ngokophenyo labaphenyi abazimele abaziwa ngamaBhungane. Lawama emails aveza ubudlelwano obusolisa inkohlakalo phakathi kwalo mndeni nabathize ku-ANC. Lezi zincwadinyazi ezenza ube nzima umsebenzi we-ANC kuyiwa kowezi-2019 lapho kuyobe kunokhetho lukazwelonke. Mhlasimpe umthelela ongemuhle wabakwaGupta ku-ANC usuqalile njengoba le nhlangano ingasenzi kahle okhethweni lokuchibiyela oluhlasele izindawo eziningi. Emasontweni adlule bekunokhetho lokuchibiyela eNquthu lapho sibone khona abaholi bezepolitiki bephuma ngobuningi beyokhankasa kuleya ndawo. i-ANC ikhalengaphansi ku-IFP abaningi abahlaziyi bebengayiniki thuba njengoba benombono wokuthi le nhlangano isiyaphelelwa amandla. Abaningi abavoti abayanga kovota becabanga abakwaGupta kodwa base befuna ushintsho, kepha kunzima ukucabanga ukuthi akukho namunye owavota ecabanga ukungathembeki kwe-ANC esingathi okukhulu kwakho kudalwe ukudlelana kwayo nabomndeni wakwaGupta njengokubeka kwama emails. Abanye babaholi be-ANC abanjengoDkt Zweli Mkhize, uJackson Mthembu, uCyril Ramaphosa, uGwede Mantashe abangabazi ukuthi abanye bozakwabo bayabaleka enkohlakalweni ebahlanganisa nalo mndeni wakwaGupta njengoba uMantashe eshilo ukuthi awalindele amalungu ukuthi kusazogeqwa amagula ophenyweni oluhlobanisa i-ANC nalo mndeni.
Inkinga enkulu efika ngezinsolo zenkohlakalo ku-ANC eziyihlanganisa nalo mndeni eyekusasa lale nhlangano njengoba ngisho nabaholi abasebasha bale nhlangano behamba phambili ezinsolweni zenkohlakalo ebahlanganisa nalo mndeni. Okumanje umholi ohlongozwa yi-ANC Youth League ne-ANC Woman’s League uDkt uNkosazane Dlamini-Zuma abaningi abahlaziyi abasamniki amathuba amahle okudla umhlanganiso ngoZibandlela kusolakala ukuthi ungomunye wabagqugquzeli benkohlakalo phakathi kwe-ANC nabakwaGupta njengoba kwaziwa kahle kamhlophe ukuthi unobudlelwano obuhle nalo mndeni kwazise akaphuthi eminicimbini ehlelwe yibo kanti nawo usandakumunika indondo njengovelele enyakeni wezi-2015. Ohlongozwa ukuthi abe nguNobhala uMnu u-Ace Magashule yi-ANCYL naye ubalwa kakhulu kule nkohlakalo ethinta lo mndeni wakwaGupta njengoba izincwadinyazi ziveza ukuthi indodana yakhe inobudlelwano obuthanda ukubaluleka nalo mndeni, abanye abahlaziyi babufanisa nalobo balo mndeni nendodana kaMengameli uDuduzane Zuma osolwa kakhulu ngokudonsa uyise nethimba lakhe ngekhala ukuze izinqumo abazithathayo zivune oGupta, kusolwa ukuthi wenza okufanayo nendodana kaMagashule kuyise. Kunokwesaba ukuthi uma kungase kuhambe ngezifiso ze-ANCYL kuqokwe laba baholi ababahlongozayo ingase iye kolwezi-2019 ibuthaka i-ANC, mhlasimpe okokuqala emlandweni ilahlekelwe ngaphezu kwesisodwa noma ezimbili izifunda kweziyisi-8 ezibusayo. Yize ubuthaka be ANC kungasolwa nokungawenzi umsebenzi kwabasuke bethunyiwe kepha akungabazeki ukuthi izikhuni eziningi zihlehla nje yingoba sekunzima ukwehlukanisa le nhlangano negama lomndeni wakwaGupta. Ngale yondlela ulibeke engcupheni ikusasa le-ANC lo mndeni.
Ukwesaba okukhulu ngekusasa le ANC ukuthi abaholi abasebasha abanjengoMnu uMalusi Gigaba no-Ayanda Dlodlo bayathinteka ezinsolweni zenkohlakalo ezithinta lo mndeni. Kunzima ukucabanga ikusasa le-ANC ngaphandle kukaGigaba njengoba uma ubuka ngaphandle kwakhe uthola abaholi abanjengoCollen Maine noFikile Mbalula. Akunzima ukumcabanga esesikhundleni esibalulekile uMbalula kulo mbutho kodwa kunzima ukucabanga uMaine. Yize kunjalo kunzima ukucabanga uGigaba engeyena uMengameli kule nhlangano noma unobhala njengoba kubonakala engathi uvele uphekelwa ukuthatha esinye sazo lezi zikhundla njengoba waba ngomncane ukungena esigungwini esiphezulu kule nhlangano esaziwa ngeNEC, wangena kuHulumeni njengoSekela Ngqongqoshe eMnyangweni Wezasemakhaya eneminyaka engama-33, kanti uvele wayihola i-ANCYL kusukela ngowe-1996 kuya kowezi-2004. Ngaphandle kukaMbalula akekho omunye umholi onesipiliyoni njengoGigaba osemusha ku-ANC. Kodwa ukuhlobana kwakhe nabakwaGupta osekumqhathe ne-EFF njengoba isimvulele amacala enkohlakalo kukwenza ucabange ngekusasa le ANC. UGigaba ubengahlotshaniswa nenkohlakalo njengoba ubaziwa ngokushaya into ecokeme kuyona yonke indawo lapho afika khona kwazise namandla emali kuleli awehlanga ngale ndlela osomnotho ababecabanga ukuthi azokwehla ngayo uma uMengameli exosha uGordhan. Bekunzima ukucabanga umholi onjengoGigaba njengokhohlakele njengoba imisebenzi yakhe ibizikhulumela yona, kodwa ama- emails athanda ukuveza esinye isithombe ngaye osekumqhatha nezinkantolo ngamacala afakwa i-EFF. Lesi esinye isibonelo sokuthi umndeni wakwaGupta ulibulala kanjani ithemba nekusasa le-ANC ukuqhubeka ibuse kuleli.
OsenguNgqongqoshe Wezokuxhumana u-Ayanda Dlodlo ubengabonwa nakancane njengokhohlakele njengoba namaqembu aphikisayo ehluleka ukusho okubi ngaye ngesikhathi uMengameli emfaka ethimbeni lakhe likaHulumeni. Nguyena yedwa ongayikhalisanga iDA ne-EFF ngesikhathi eqokwa, kwazise umholi we-EFF waze wamshayela ihlombe uMengameli ngalesi sinqumo wathi kumele engabe kade amqoka vele njengoba usengomunye walabo abayidlanzana abangekho ngaphansi kwesandla sabakwaGupta. Izincwadinyazi ziveze esinye isithombe ngalo Ngqongqoshe njengoba kwayena ezivumele ukuthi uhambo lwakhe lukaHulumeni olwaluya eDubai lwakhokhelwa ngabakwaGupta kanti lokhu wakwenza kwaba yimfihlo. Lo Ngqongqoshe uthe uzimisele ngokwamukela noma yisiphi isijeziso iNingizimu Afrika ebona simfanele. I-DA ithi kumele avele phambi kwePhalamende ezochaza ngalezi zinsolo okungenjalo iphikelela enkantolo imbeke amacala okuphisana ngolwazi lukaHulumeni kwabathize abazimele okungumndeni wakwaGupta.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo Ngqongqoshe wayengomunye walabo ababeku ANCYL eyavelela ngowezi-2006/07 kanti njengoba esekuHulumeni nje bekubonakala ukuthi i-ANC ilungisela ikusasa. Ngeshwa kubonakala sengathi uMengameli wayemqokela ukuzokwenzela ufefe obhululu bakhe bakwaGupta okuyinto obungeke umcabangele yona lo Ngqongqoshe ngaphambi kokuputshuka kwezincwadinyazi. Kubonakala sengathi i-ANC iphinde yephucwa omunye umholi wakusasa ngenxa yabakwaGupta.
Kunzima ukucabanga abahlali baseNingizimu Afrika bethemba nangabe ubani ohlotshaniswa nomndeni wakwaGupta. Lo mndeni usuchanase kakhulu eNingizimu Afrika njengoba iSACP isize yafika esivumelwaneni sokuthi awadatshulwe amaphepha emvume okuhlala kwalo mndeni eNingizimu Afrika, okukhombisa ukucasuka okukhona ngaphakathi kobuholi obungunxantathu ngenxa yalo mndeni. Yize besolwa ngokushaqwa ngabakwaGupta abaholi abanjengoNkosazana uMaDlamini Zuma kepha ukwesaba okukhulu kungekusasa lale nhlangano emva kobuholi obuzoqokwa ngoZibandlela. Uma i-EFF neDA bengase bephumelele ezinsolweni zabo noGigaba noDlodlo ngabe i-ANC iphucwe iqatha emlonyeni ngobuholi bakusasa njengoba kunzima ukucabanga abaseNingizimu Afrika bephinda bethemba osolwa ngenkohlakalo ikakhulukazi ehlanganisa nomndeni wakwaGupta osubeyixhwala kakhulu ekuthuthukeni kwaleli lizwe njengoba kusolwa ukuthi zonke izinqumo azithathayo uMengameli zisuke zizama ukugculisa bona. Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi abakwaGupta babe abahlobo abeze nesinyama ku-ANC, ngaleyo ndlela ikusasa lale nhlangano alisaqinisekisiwe njengoba lalicatshangwa ngesikhathi ingakaveli imibiko ehlanganisa le nhlangano nalo mndeni.
– UMnu uNtobeko Shozi ongumfundi wezePolitiki e-UKZN.