Ihlomela ehlathini ekamfo kaNyawozekewu



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ukwenza kwakhe kwakamuva kuthumele umlayezo wokuthi iKwaZulu-Natal akuseyona eyeminyaka eyedlule kepha isimagwala mabili
Emveni kwezinyanga enyamalele emehlweni abaningi, uMnu uSenzo Mchunu owayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal usebuyile ebalazweni lepolitiki yesifundazwe kanti futhi kubukeka ezoba ngomunye wabaholi abalinoni uma sekuza okhethweni lwabaholi bakazwelonke be-African National Congress (ANC) ngoZibandlela. Emuveni kokuxoxa nabanye balabo abesekela lo mholi nabakholwa wukuthi isikhundla sobuNdunankulu naleso sokuba nguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal kwathathwa ngejozi, elaboHlanga selingakuqinisekisa ukuthi nembala zikhona izinhlelo zokubuyisa izinduku. Nokuthi iqhingasu lokwenza lokhu lehlukene kabili.
Isigaba sokuqala sikuzwelonke nayilapho lo mholi nabalandeli bakhe bezozinikela ukuba bakhankasele ukuthi lowo oliPhini likaMengameli we-ANC, uMnu uRamaphosa abe nguMengameli. Kulo mkhankaso abazobe bemphebeza nguDkt uNkosazana MaDlamini Zuma othwelwe ngeqoma ngabalandeli balowo onguMengameli we-ANC, uMnu uZuma. Lapha akusekho ukuqagela njengoba kula masonto amabili uMchunu wenze okunenge ubuholi bale nhlangano besifundazwe ngenkathi eba yimpelesi kaRamaphosa emcimbini ubuholi besifundazwe obuthe bebungagunyaziwe yileli qembu.
Umcimbi wokuqala ube enhla neKwaZulu-Natal, esifundeni esibizwa ngokuthi kuseMalahleni se-ANC lapho uRamaphosa abe yisikhulumi khona ehholo ebeligcwele amalungu e-ANC. Kuthe kusabhekwe lokho uMchunu wabe esebonakala noRamaphosa enkonzweni yebandla lamaNazaretha ebiholwa wuNyazi. Lokhu kube ngumyalezo osobala ekutheni isifundazwe iKwaZulu-Natal ebesithathwa njengenqanawe, siyimbumba okuthi nxa sesiphakamise umholi thizeni wonke amalungu ameseke lowo mholi. Namuhla sesimagwala mabili.
UMchunu usethubeni elihle lokuba abe ‘ngumholi’ walabo abeseka uRamaphosa nokungase kwenze igama lakhe libe ngelihamba phambili ohlwini lwabaholi baKwaZulu-Natal abangaba sethimbeni likaRamaphosa kuKhongolose kanye nakuKhabhinethi. Ukukhuluma kuthi lo mholi angase aqokelwe esokuba nguNobhala Jikelele we-ANC okiyisikhundla angeke asexwaya ngoba uke waba nguNobhala wesifundazwe iKwaZulu-Natal.
Isigaba sesibili seqhingasu yileso sokuthatha izihlangu zikaMnu uSihle Zikalala nesigungu sakhe nabasolwa ngokwephuca uMchunu iqatha emlonyeni ‘nangonya’ olwaba khona mhla ibhantshi ligcwala umoya. Kulesi sigaba kukhona icala elisenkantolo nayilapho labo abeseka uMchunu bekhala khona ngomgunyathi ekubalweni kwamavoti. Icala lisezithebeni zenkantolo kanti lizoqulwa ngoNcwaba nonyaka.
Ngokuthola kwelaboHlanga uMchunu ngeke esaba sekhaleni lomkhankaso wokuphatha isifundazwe kepha sekuzongena uMnu uMike Mabuyakhulu ongomunye walabo abakhishwa ezikhundleni kanye noMchunu. UNdiyema wabe engomunye wabaPhathiswa abadala kuHulumeni waKwaZulu-Natal nokwathi angakhishwa kulesi sikhundla wabe eseyasula ekubeni yilungu lesiShayamthetho. Akabanga yedwa uNdiyema kulokhu njengoba nozakwabo uNkk uPeggy Nkonyeni wenza okufanayo. Omunye wabaholi abeseka uMchunu onxuse ukuba singalidaluli igama lakhe uqinisekisile ngezinhlelo ezingoMchunu noMabuyakhulu.
“Uma kwenzeka icala silinqoba enkantolo asisezukumbuyisa uMchunu ngoba yena simhlelela indaba yokuthi akhethelwe ukuba uNobhala Jikelele weqembu engqungqutheleni esizoba nayo kazwelonke ngoZibandlela. Umuntu manje esikhuluma indaba yakhe uMabuyakhulu esifuna uma nje inkantolo isivuna, bese sifolosa ngaye njengomuntu ozoba uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal,” kusho lo mholi.
Uphinde wathi isimo sishube kakhulu emagatsheni ngoba abakaxoli ngokwenzeka, yingakho nabaholi abakhethwa kunzima ukuba bahambele imibuthano. “Uma ubheka nje yikuphi lapho osuke wabona khona uSihlalo waseThekwini umama uZandile Gumede, enombuthano wenhlangano emagatsheni. Kunalokho umbona ehamba njengeMeya eyokwenza imicimbi kaMasipala ngenxa yokuthi umhlabathi awuvundile kuye ukuthi angeza kumalungu kaKhongolose njengoSihlalo.” ElaboHlanga libe selihloma imibuzo lowo okhulumela uhlangothi lwamalungu ayeseka uMchunu, uMnu uSithembiso Mshengu, uthe bacela ukungaphawuli ngalolu daba ngoba okwamanje basabhekene nendaba yecala.
“Okwamanje sisabhekene nendaba yecala elisenkantolo nesilinde ukuba lihlale ngoNcwaba uma zonke izinhlelo zihambe ngendlela efanele. Sisalinde uhlangothi esiphikisana nalo ukuba lufake amaphepha enkantolo okusiphendula. Lokho sikholwa ukuthi kuzokwenzeka noma ngoLwesihlanu lolu. Okwamanje anginaso kahle isiqiniseko ngoba abameli babo basebasha kulolu daba, besizwe ukuthi bebesadinga isikhathi ukuze bakwazi ukulandela kahle leli cala, ” kusho uMshengu.