Selukhishiwe usuku lombhikisho ngabokufika
Bayakuqinisekisa ukuthi impela umhla zingama-27 kuNhlolanja ngelamanqamu
KUFUFUSA olunye udlame nokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwabokufika kanye nabakuleli. Kanti nosuku selubekiwe olungumhla zingama-27 kuNhlolanja nonyaka. Lokhu kungase kufake elakuleli ehlazweni njengoba kungakapheli neminyaka emibili nje kade kubhulwa umlilo ofanayo.
Ngokuthola kwelaboHlanga lokhu kuzoqala esifundazweni saseGauteng edolobheni iTshwane, elokishini iMamelodi. Incwadi wuhlaka oluzibiza ngeMamelodi Concerned Residents (MCR) imemezela ngokhukhulelangoqo wombhikisho nozophelela edolobheni lasePitoli. Kule ncwadi IBAYEDE ifundeka kanje: “Ukhukhulelangoqo wombhikisho oqondiswe kwabokufika abakuleli ngokungemthetho kanye nezinkampani ezibaqashile. Kuzomele basebenzephi abakuleli?”
Iphinde igxeke uHulumeni wakuleli ngokunikezela ngezimvume zokubhaca kubantu bokufika iningi labo abaliqhamukisa emazweni ase-Afrika, ikakhulukazi abaliqhamukisa emazweni okungenazimpi kuwo. “Zikhona yini izimpi eZimbabwe, iNigeria nasePakistan nakwamanye amazwe. Izinga lokwentuleka kwemisebenzi kuleli lingama-34% kodwa uHulumeni umatasa unikeza abokufika izimvume zokubhaca,” kufundeka incwadi yesimemo somhlangano.
Le ncwadi iphinde ibuze ukuthi uHulumeni ucabanga ukuthi abokufika bazoziphilisa ngani njengoba nezinga lokwentuleka kwemisebenzi liphezulu kangaka. “Bazozibandakanya nezenzo zobugebengu. Hamba ezitolo ezifana noSpar, iCash Crusaders, iNandos, namarestaurants nakwezinye zezinkampani ngabokufika kuphela abaqashwe lapha. AmaShayina aqashwe ezweni lawo kodwa abokufika abaliqhamukisa e-Afrika beza lapha ukuzothatha imisebenzi yabantu bakuleli abampofu,” Le ncwadi ibuza ukuthi njengoba sekugcwele abokufika ezitolo ngabe abakuleli bona sebezosebenza kuphi.
Incwadi iphinde ivukuze zonke izinhlangano zakuleli okubalwa nabamhlophe ukuba babambe iqhaza kulo mbhikisho wokuxosha abokufika base-Afrika. “Ngisho nabantu bakithi abamhlophe nabo bantula imisebenzi kodwa uHulumeni umatasa unikeza imisebenzi kubantu baseZimbabwe, nabakwamanye amazwe,” kufundeka incwadi yesimemo.
Abahleli balo mkhankaso bagxeka uHulumeni wakuleli ngokuthi umatasa uvuselelana nemithetho ebandlulula abaMhlophe abangabokudabuka kuleli ekubeni eyeka abokufika base-Afrika. “Abantu baseZimbabwe, eNigeria, ePakistan nakwamanye amazwe akusibo abafowethu. Abantu baseNigeria, ePakistan, eZimbabwe nabanye bakwamanye amazwe akukho abakulethayo kuleli lizwe ngaphandle kokuzocekela phansi izwe lethu. Sebethathe izakhiwo zethu, badayisa nezidakamizwa. Bagxisha izingane zakithi zamantombazane ngezidakamizwa bese beziphendula abaqwayizi. Sebelicekele phansi iGoli lethu elihle manje sebebulala nePitoli lethu,” kuphetha incwadi yesimemo.
ElaboHlanga lithintene nomunye osekhaleni lalo mkhankaso uMnu u-Oupa Mtshweni nokuqinisekisile ukuthi impela umhla zingama-27 kuNhlolanja ngelamanqamu. UMnu uMtshweni uthi isasasa likhulu ezakhamuzini zaseMamelodi ngalo mbhikisho kanjalo futhi nemimoya iphezulu njengoba sekukhona nokwesabisana phakathi kwabokufika nabakuleli. “Mfowethu sithi asihlehli ngalo mbhikisho wethu siya phambili. Ngeke thina ezweni lethu sesantshiswe ngabaseZimbabwe abasesabisa ngokusihlasela uma siqhubeka nalo mbhikisho. Siyizakhamuzi zaseMamelodi sithi abeze siyodibana nabo ngosuku lwemashi,” kusho uMtshweni.
UMnu uMtshweni uthi beyizakhamuzi zaseMamelodi bakhathele ukudlala abantu bokufika ezweni labo. “Okokuqala besingaqondile ukulwa nabo kodwa impi yethu besiyibhekise kuHulumeni wethu okunguye osidayisayo kwabokufika,” kuqhuba uMnu uMtshweni. Ebuzwa ukuthi ngabe likhona yini iqembu lezepolitiki abancike ngaphansi kwalo uphendule wathi: “Asihlangene naqembu lezepolitiki kodwa sizenzela thina njengezakhamuzi. Isizathu sokukhiphela ngaphandle amaqembu ezepoilitki esokugwema izinxushunxushu ezingadaleka uma sizihlanganisa neqembu elithile.”
Amagama anohlalwana
Kwenzeka konke lokhu nje, ihlathi lomile liswele olokhela ngomentshisi njengoba zolo lokhu lowo oyiMeya yaseGoli uMnu uHerman Mashaba ukhiphe amagama anohlalwana ngabokufika kuleli. Enkulumweni yakhe usole abokufika abangabhalisiwe ngokusemthethweni ngokunukubeza iGoli, wathi kuhle bahambe. Ushaqise izwe ngesikhathi ethuka abokufika abakuleli ngokungemthetho ebabiza ngezigebengu waphinde wamemezela kwabezindaba ukuthi bonke abaphume baphele edolobheni lakhe.
UMnu uMashaba uphinde wathi uzocela nabammeli bamalungelo esintu ukuba bamsize ekubakhipheni. UMnu uMashaba uphinde wadalula nokuthi usekhulume namanxusa amele amazwe ahlukahlukene nawo asevumile ukwelekelela. “Uyabona uma ngithi laba bantu yizigebengu ngifuna bakuqonde ukuthi bayizigebengu. Babambe izwe lethu njengezimpango. Ngizoba ngowokugcina eNingizimu Afrika ukungakuvumeli lokho,” kusho uMnu uMashaba.
UMnu uMashaba uqhube wathi akwenzayo ukuqonda kahle ukuthi ngokwesikhundla sakhe mancane amandla anawo ukulwisana nalokhu ngoba uHulumeni kazwelonke nguye ovulele lezi zigebengu imingcele yezwe. “Kodwa iqembu leDA lizokuguqula konke lokho uma selithatha amandla okuphatha ngowezi- 2019. Okwamanje sengiqalile ukukhulumisana namanxusa abo ukuze azi ukuthi abantu babo abakuleli balapha ngobugebengu. Sizokhulumisana futhi noHulumeni wesifundazwe kanjalo nokazwelonke ukuba uselekelele kulo mshikashika. Ngempela angikholwa ukuthi kuzomele sibekezelele izenzo zabo zobugebengu,” kuphetha uMnu uMashaba.
UMashaba ugxeke iqembu le-ANC okuyilona elibusayo ukuthi ngaphansi kobuholi balo izigebengu ezingabokufika zidedelwe ukuba zingene kuleli ngaphandle kwezimvume okuyinto engeke yenzeke ngaphansi kobuholi beDA.
Le nkulumo kaMnu uMashaba ithole okukhulu ukugxekwa okubalwa noNgqongqoshe Wezasekhaya uMhlonishwa uMalusi Gigaba othe inkulumo yakhe izobhebhezela ukuba kuhlaselwe abokufika. Ne-African National Congress (ANC) imgxekile ngalokho njengoba nayo igcine imangalele uMnu uMashaba enhlanganweni emele amalungelo esintu, iHuman Rights Commission ngekubize ngenkulumo enenhlese yenzondo nokugqugquzela ukuba kuhlaselwe abokufika.
Okhulumela i-ANC eGoli, UMnu uJolidee Matongo uthi ngokumangalela uMnu uMashaba kuHuman Rights Commission bazama ukunqanda umbhedukazwe ongase ube khona ezweni ngenxa yenkulumo yakhe. “Sifuna uMnu uMashaba ukuba achaze ukuthi kungani ekhiphe isitatimende esinobudedengu ekubeni kunomlando wokuhlaselwa kwabokufika.”
UMatonga uqhube wathi: “Umholi oqotho kumele azi ukuthi ukwenza izitatimende zalolu hlobo kungase kuqubule ezinye izigameko zokuhlaselwa kwabokufika,” noSihlalo we-African Diaspora Forum, uMnu uMarc uGbaffou naye ukhwele wadilika kuMnu uMashaba ethi ngale nkulumo yakhe uqonde ukuthela ngentelezi abakuleli ukuba bahlasele abokufika.