Now Reading
Ubengumvundla ekugcineni egeja umgodi u-Obama
Dark Light

Ubengumvundla ekugcineni egeja umgodi u-Obama

 Izenzo zakhe zakamuva ziveze esinye isithombe ngomholi ohlonishwa ngobuhlakani kanye nokuhlale ebeke phansi umoya

 

NGESIKHATHI kuphuma imiphumelo yokhetho izigidi zabantu zabe zijabule. Bonke babe nombono omuhle wekusasa. Kanti iningi alikhohlwa yisithombe sikaMfundisi uJesse Jackson zehla mi izinyembezi. Unyaka kwakungowezi-2008 kuLwezi. Lokhu okwabe kukhalisa lesi sigomagoma somzabalazo wabacindezelwa e-USA nasemhlabeni jikelele kwabe kuwukugcwaliseka kwephupho. Leli kwakuyiphupho lomhlobo nomholi wakhe ongasekho, uMfundisi uMartin Lurther King Jr. Phambi kukaMfundisi uJackson nasemhlabeni kwabe kumi uMengameli wokuqala woHlanga. Kwabase-Afrika ikakhulukazi eKenya kwakumi ithambo labo.

Okunye okwaba ngundabamlonyeni yindlela abantu abasha bazo zonke izinhlanga abamukela ngayo lo mengameli igama lakhe kunguBarack Hussein Obama. Nembala sasikhona isizathu esenza umhlaba ube nesasasa. Ngesikhathi sokukhankasa lo mholi akathembisanga nje abase-USA kuphela kepha umhlaba wonke ukuthi ukungena kwakhe kuyosho ukuguquka kwezinto ezithize abantu asebezejwayele. Ngofuqufuqu watshala ithemba ekuthini konke kungenzeka.

Kwakunethemba nokwabe kuncike ezinkulumeni zakhe ukuthi i-USA izophuma ezimpini zamabomu nezomgolo lapho kuhlikizwa inqubo yamazwe ukuze kuzuzwe ngowoyela emazweni ama-Arabhu. Wathi uyolwisana nenqubo yokucindezela ukusabalaliswa kolwazi okwabe kuqhutshwa ngomenagmeli bangaphambili. Kepha okwakunkenteza kamnandi ezindlebeni zabaningi e-USA yisethembiso sika-Obama sokuthi uma esephethe i-USA izobuyela ekubeni “ngumholi wamazwe omhlaba” nokuyinto eyabe isishabalala ngesikathi sikaMengameli uGeorge W. Bush.

Basazobhala ongoti ngezibongo zika-Obama njengomengameli wokuqala waboHlanga nokho kukhona okusobala nokungadingi kutolikwa nabuchule ukukubona noma ukukuhlaziya. Okokuqala wukwehluleka kuka-Obama ukusebenzisana neSishayamthetho sase-USA nokumphoqe ukuthi izinqumo zakhe (imithetho) azithathe ngokuthi asebenzise amandla akhe njengoMengameli. Lokhu yize kungelona icala kepha kuveza isithombe somholi obesenkingeni nabashayimthetho. Okumangazayo wukuthi ubehlonishwa kwamanye amazwe kepha ekhaya kungenjalo.

Ukutshengisa ukuthi kahlonishwa sampela kwabo, iSishayamthetho esiholwa ngamaRepublican senze okungakaze kwenziwe ngesikhathi sona qobo simema umholi wakwa-Israel, uMnu uBenjamin Netanyahu ukuba abe yisikhulumi endlini yeSishayamtheo. Lokhu kwabe kuwukubukela phansi u-Obama njengoba amaRepublican ayesebenzisa izinombolo zawo ukubukela phansi amandla ka-Obama okuphatha. Okunye ehluleke wancama ukukugcina wukuthi i-USA ibe ngophumasilwe. Umonakalo owenzeke eSyria nokuzaleka kwebutho le-ISS ngesikhathi sakhe kumenze wafana nabanye omengameli bangaphambilini. Umonakalo oseSyria wedlula kude le lona ose-Iraq kanti namuhla i-ISS iyingozi ngokuphindiwe kune Al-Qaeda kamufi uBin Ladin.

Kepha lapho kubukeka eshaye khona udaka nokungase kushabalalise konke asekwenzile abuye ajeziswe ngakho kube yindlela asebenze ngayo udaba olubandakanya izwe laseRussia kanye nokungenelela kwe-USA eSyria. Ihlaya lapha wukuthi ngonyaka wezi-2002 nguye u-Obama owayephikisa amaRepublican ayethi  iRussia ngusathane isibili nokuthi “iyingozi okumele i-USA iyiqaphe ngelokhozi”.  Phezu kokuphika kwakhe izinsuku zokugcina zika-Obama ziyongena emlandweni njengezibe zimbi kakhulu ekuphatheni kwakhe.

See Also

Ngenyanga eyedlule u-Obama udingise osomaqhinga abangama-35 baseRussia nabasola ngokuthi babe lumbimbi esenzweni sokukhwabanisa imiphumelo yokhetho kanjalo nokuntshontsha ulwazi kuzizindalwebu zikahumeni nezinhlangano ezithile zase-USA. Lesi senzo sihumusheke ngokuthi u-Obama ubecuphela uMengameli waseRussia uVladimir Putin umgogo emuva kokucanulwa wukwehlulwa kweqembu lakhe ebelimelwe nguNkk uHillary Clinton nesinqumo seRussia sokuyikhipha inyumbazane i-USA ezinhlelweni zokuthula eSyria yaqoka iTurkey ne-Iran. Okokuqala ngqa emlandweni wempi yaseSyria i-USA kayinazwi kepha yiyo eyahlomisa amavukelambuso.

Isenzo sakhe  (u-Obama) simhlekise namazwe njengoba esenze nje sekusele amasonto amane ehle esikhundleni nokuthi akasebenzisanga iSishayamthetho kepha uzithathele isinqumo, ethi kulandela ukwelulekwa yiCIA neFBI ngesenzo seRussia.

Okufake usawoti enxebeni kube yisenzo sikaPutin sokungenzi njengoba bekucatshangwa, njengoba bekulindeleke ukuthi neRussia nayo ixoshe osomaqhinga abathile base-USA. Kunalokho uPutin uthe useyolinda umengameli omusha wase-USA ngoba akukho angakwenza no-Obama osephuma. UMengameli omusha uMnu uDonald Trump naye umgxekile u-Obama watusa ubuhlakani bukaPutin bokuthi agweme ‘umgogo’ abekelwe wona. Lokhu kumphendule umpushana u-Obama njengoba kungasakhulunywa ngezinto ezinhle azenzile kepha sekugqanyiswa isithombe somholi ohlulwe ngumdlalo wepolitiki yamazwe ngamazwe, nonegqubu.

Scroll To Top