Now Reading
Lisho ukuthini iholo okusukelwa kulo kuleli?
Dark Light

Lisho ukuthini iholo okusukelwa kulo kuleli?

Ongoti balubuka ngamanye amehlo udaba lwemali encane engaholwa umqashwa

USEKELA Mengameli uCyril Ramaphosa nethimba lakhe bamemezele ukuthi imali encane kunayo yonke umsebenzi angayihola kungaba amangqushana ayizi-R3.500. Noma lo mcabango ungakezukuba umthetho ozophoqwa kuwona wonke umqashi, kodwa sebeqalile ongoti bayabeka ngawo. Engifuna sikubheke ngalolu daba nakhu; yini edale kuze kube khona isidingo sokunqunywa kwaleli nani? Libaluleke ngani kuHulumeni nakubantu baseNingizimu Afrika? Lizoba namthelela muni kubaqashi nakubasenzi? Abaqaguli bathi kusekuningi ukungalingani eNingizimu Afrika.

Ngokusho kwabo kusenenkebenkebe yegebe phakathi kwabahola kancane nabadla izambane likapondo. Kukhona labo abaphila impilo yezitatamiswa kuphinde kube khona nalabo abadla imbuya ngothi. Yize noma kuwona wonke amazwe ikhona le nkinga kodwa lana eNingizimu Afrika indaba yokungalingani ngokwezinga lempilo isenkulu kakhulu njengoba izimpande zayo sizilanda esikhathini sikaHulumeni wobandlululo.

Abamhlophe basahamba phambili ngokomnotho kanti labo aboHlanga asebedla izambane likapondo ababe besabheka emuva. Lolu daba silulanda kuHulumeni wobandlululo ngoba uvele wayenguhulumeni owayehlose ukukhanda ukungalingani. UHulumeni wabamhlophe wawufuna labo abamhlophe babuse kuthi labo aboHlanga bancenge imisebenzi kwabamhlophe. Lolu kwakunguhlelo lukaHulumeni wencindezelo okunhloso yalo kwakungukwenza aboHlanga bancike kwabamhlophe, ngaleyo ndlela abamhlophe babe yisizwe esiphambili.

Kubalulekile kuHulumeni nasekukhuleni komnotho ukuthi abantu babe nayo imali, noma bahole kangconywana. UHulumeni wakithi usancike kakhulu ekuqoqeni intela ukuze alethe izidingo kubantu. Uma abantu benayo imali yokuyisebenzisa noma yokuyonga, lokho kuhlomulisa umnotho njengoba amabhange azobe ethola imali yokubolekisa emalini yalabo abayifunayo, izitolo zithola ukuthengwa kwempahla okodala iyilande kakhulu kunakuqala okuhle kudale amathuba omsebenzi.

Ukuba khona kwamathuba omsebenzi kubaluleke kubantu nakuHulumeni njengoba kuyobe kusho ukuthi uHulumeni usenayo indawo angaqoqa kuyo intela, kantu kubantu kusho ukuphila kangconywana. Yize noma izi-R3500 zingabonwa sengathi imali encane kodwa uyawenza umehluko kulabo abahlwemphu, ikakhulukazi uma nje kungake kube nokusimama komnotho kuvuleke amathuba omsebenzi; lokho kobe sekusho ukukhula okukhulu komnotho njengoba kobe kusho ukuthi abantu sebenayo imali yokuziphilisa kanti labo abebencike esondlweni sikaHulumeni bobe sebethi khumu.

Bukhona ubuhlakani obenziwe ngokuyibeka ezi-R3500 le mali. Ngokomthetho kaHulumeni waseNingizimu Afrika, umuntu oqala ukuthathelwa intela ngumuntu oqala ukuhola izi-R3000 ngenyanga. Bangacabangi abantu ukuthi uHulumeni uvele waqagela nje uma eqagula le mali, zenziwe izibalo zabheka nezingcwepheshi. Abantu okumele bakwazi ukuthi injongo yaleli nani ibhekiswe kumabhizinisi azimele. Yize kwaziwa ukuthi abantu abasebenza emapulazini, abasizi basemakhaya, nabamatoho basaholelwa amantongomane kodwa noHulumeni unezinhloso zakhe naye ngalolu daba.

Imali ephuma kubatshalimali iyakubasebenzi ihlomulisa kakhulu uHulumeni. Yize kuzwakala sengathi lezi yizindaba ezimnandi ikakhulukazi kulabo abasathola ukudeleleka ezindaweni abasebenza kuzo, ongoti bathi azizukuba mnandi njengoba becabanga. Bathi ongoti lolu hlelo lungase luqede inqwaba yemisebenzi. Abaqaguli base-University of Cape Town bathi kungase kulahleke imisebenzi evile ezi-500 000 kanti ihhovisi likamgcinimafa lona lithi ingahle ibe ngaphezu kwesi-1715 000. Kubonakala sengathi iNingizimu Afrika ayikalulungeli lolu hlelo kwazise iseyizwe elibadinga kakhulu abatshalimali njengoba nomnotho wethu usancike kakhulu kwezimbiwa phansi nazo ezingasathengisi kahle.

See Also

Ngokwami, abangase bethinteke kakhulu ngalolu hlelo ngabamabhizinisi amancane njengoba basuke vele bengakayenzi inzuzo etheni kanti uma sekunomthetho okwenza kungabi semthethweni ukuholela umuntu inani elithize, kungahle kuphoqe zivale iminyango. Kodwa kwezinye izindawo ngibona sekunehaba nje elikhona elingenziwa nxa ngabe ukuthi abatshalimali bazama ukusabisa uHulumeni angaqhubeki nalolu hlelo. Izinkampani ezinjengalezo zemayini nezezinkontileka, azikwazi zona ukunciphisa imisebenzi ngoba lokho kolimaza zona ngqo. Zivele lezi zinkampani zigwevile nemali ekubeni zinayo. Abasebenza ezimayini ikakhulukazi akumele basabele ukulahlekelwa ngumsebenzi, empeleni bona bathulwe umthwalo emahlombe njengoba abasebenzi bakhona befuna inani elicela ezi-R12 500 ngenyanga. Lezi zinkampani sezisizakele ngokuhlongozwa kwale ndaba.

Abasebenzi okumele basabe yilabo abasebenza emapulazini nasezindlini. Kwamanye amazwe anjengo-USA lezi zimboni zombili yizona ezihamba phambili ngokucashela lolu hlelo. Abakwenzayo ukuthi ababe besamqasha umsebenzi ngokugcwele, umuntu ulindela ucingo ngalolo lusuku abayombiza ngalo.

Uma benzenjalo bavimba izindleko kanye nezinhlelo ezikanjena ezithinta umsebenzi. Usuke ungawona owabo kepha usuke ungumsizi. Ngokwenkulumo udaba lweholo okuqalwa kulo kodwa uma kufanele yenzeke kungumqansa ngisho nase-USA abakabi nalo uhlelo lokulwa nalo.

Scroll To Top