Now Reading
‘Ngeke kuyizuzise lutho ukufa kwami iNFP’
Dark Light

‘Ngeke kuyizuzise lutho ukufa kwami iNFP’

Umkhuba uwukhomba ekhaya umholi weNational Freedom Party osinde esocongwa

 

NJENGOBA kunjalo nxa kulusuku lwakhe lokuzalwa, usuku lamhla zili–15 kuMbasa ngowezi-2016 uyohlale ukhumbuleka kuMhlonishwa uVikizitha Mlotshwa onguSihlalo weNational Freedom Party (NFP) KwaZulu-Natal. Lolu kwabe kuwusuku akholwa ukuthi kwakumele endele koyisemkhulu ngalo ehamba ngesikhali.  Ngokwedokodo uCAS39/4/2016, ngezithuba zehora leshumi kusihlwa (22:10) uMlotshwa owabe ehamba ngemoto yohlobo lweToyota Hilux  wahlaselwa ngabantu ababili nabafike bafayela ngenhlamvu beqondise kuye. Ezinhlamvini ezintathu, eyodwa yashaya iwindi langaphambili kwathi ezimbili zafinyelela esitulweni somshayeli. Nokho uMlotshwa waphuma lapho engenamyocu. Ezekela iphephandaba laboHlanga uMlotshwa akananazanga ukukhomba ukuthi umhlola ungaphi. Uvele wawukhomba ekhaya kwaNFP.

“Akuyona imfihlo ukuthi konke lokhu kwenzeka ngesikhathi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kweSigungu Sokuphatha saKwaZulu-Natal kanye negxenye ethize kuNational Council. Ngihlaselwa nje ngakusasa (ngoMgqibelo) bekumele ngiyokwenza isethulo ohlakeni olwaziwa ngeNational Working Committee (NWC). Akudingi-ke isazi esitheni ukuqonda ukuthi uma ngike ngafika bengingeke ngibe yingxenye yomhlangano ungunaphakade.”

UMlotshwa uthe yize kukhona okusha ekungaboneni ngasolinye lokhu okwenzekayo kungumvuka wendulo ngoba umdonsiswano nohlaka lukazwelonke usekutheni bahlakula ensimini yinye nakubone njengento engenasidingo.

“Njengoba igama lizisho ukuthi kuneProvicial Executive Committee (PEC) okumele ibhekele izinhlelo zesifundazwe bese kuthi iNational Executive Committee (NEC) yenze okuthinta uzwelonke, lapha kithi kubukeka kwenzeka okwehlukile. Amalungu eqembu akuNEC wonke, mhlawumbe ngenxa yokuthi iningi ngelalapha KwaZulu-Natal ukusebenza kwawo kulapha, okungeyona into embi uma kunohlelo. Inkinga isekutheni ekwenzeni njalo beqa  isakhiwo sesifundazwe. Lokhu kuphetha sesinezinhlelo eziphikisanayo,” kuchaza uMlotshwa.

Usihlabile isenzo sozakwabo kuNEC nathe ukunamathela kwaZulu-Natal lapho kungekho zinkinga khona kuncisha ezinye izifundazwe ithuba lokuba zihlomule ngamava eNEC, okuyinto engenzeki njengoba isinqwabelene KwaZulu-Natal.

Khona lapho ube esekuveza ukuthi imizamo yokuthi lolu daba luxoxwe (ukugxambukela kweNEC) lwavinjwa nguSihlalo Kazwelonke wale nhlangano, uShelembe, nathe lokho kwabamangaza beyisifundazwe. Kuthiwa uShelembe wenqaba ukuthi udaba olungezikhalo isifundazwe esinazo lungene ezithebeni zeNEC nokwagcina sekuphoqa ukuba bayokwenza izethulo kuNWC nangabanga esakwazi ukuya kuyo ngoba ngayizolo wahlaselwa.

Kulokhu uMlotshwa uthe waziswa nguNobhala Jikelele weqembu uSolwazi uNhlanhla Khubisa ukuthi impela kwala ngisho udaba selwamukeliwe nguSekela Mengameli wenhlangano uMnu uRammekoa Kekana, uShelembe washaya phansi ngonyawo.

“Kuyaxaka lokhu ngoba sayibhalela iNEC njengokwelulekwa yisigungu esifanayo ezingeni lesifundazwe (NWC) nayilapho eyayithe nazi izinto esiphakamisa ukuba  zibukwe yiNEC. INWC yaze yaphakamisa ukuthi kulowo mhlangano nayo iyafisa ukuba khona ukuze kucace ukuthi akusiyona nje iPEC enezikhalo. Akwenzekanga lokho, impendulo enginayo ebhaliwe ithi uSekela Mengameli wavuma ukuthi akuhlalwe, kwathi uSihlalo kazwelonke wakuphika ukuthi sibizwe size emhlanganweni.”

Izinsolo zomkhonyovu

Ube esededela udalimede lapho eveza akubize ngomgunyathi owenzeka ngokhetho, nathi wenziwa ngabangaphandle kepha kukhona abanolwazi kuyo iNFP.

“Kanti okunye osekucaca ukuthi ngeke lusasombululeka udaba lomgunyathi owenziwa yiqembu le-African National Congress (ANC) kithi nesikholwa wukuthi bakhona abanye bethu ababa nesandla kulokho. Njengesifundazwe sibuza sibuzile ukuthi kwenzekani ngoba amalungu ethu nomphakathi nje jikelele uyadinga ukwazi.” Lo mholi uthe umkhonyovu lona waqala ukwenzeka oThukela lapho njengengxenye yesivumelwano ne-ANC kwakumele babelane amandla okusebenza nokuyinto engenzekanga. Uthi kwathi kusalungiswa nezinombolo zibavuna kwase “kushushumbiswa” amanye amakhansela abo (iBAYEDE inawo amagama awo). Abe esevela ohlwini njenge-ANC nokwabe sekwehlisa isibalo seNFP. Lokhu kwenza i-ANC eMkhandlwini uThukela yaba nesibalo esikhulu kungafanele ukuze iphathe uMasipala ngokubambisana nathi njengoba yayikade ithole izihlalo ezili-15, i-IFP yathola eziyisi- 8, iDA yona yathola ezimbili kwathi thina sathola eziyisi-6. I-ANC igcine isinezihlalo ezili-17 ngoba isikhwabanise amakhansela  ethu amabili afakwa ohlwini lwayo lwePR. Empeleni kuMasipala uThukela kwakumele sizikhethele ukuthi sisebenzisana nobani kodwa ngenxa yesivumelwano ne-ANC sanqindeka,” kusho uMlotshwa.

Uqhube wathi nakuMasipala Wendawo iNdaka kwenzeke esifanayo nesasoThukela waphinde wafunga ukuthi ngeke baluyeke ukulubuza lolu daba. “Ngeke siphumule singazitholile izincazelo ngalesi senzo sokushushumbisa amakhansela ethu asiwe ku-ANC. Ngisho bangangibulala mina baningi abaholi beNFP KwaZulu-Natal abazoqhubeka nokuzifuna lezi zincazelo. Phela bayasibuza abalandeli bethu ukuthi bazoqhubeka kanjani basivotele uma thina futhi sijika sithathe amakhansela abo abasuke bewavotele siyowapha i-ANC,” kusho uMhlonishwa uMlotshwa.

IBAYEDE ibe isimbuzo ngezinkulumo ezibhekiswe kuye ikakhulukazi lezo ezithinta ubudlelwane bakhe noMengameli weNFP. UMlotshwa kakufihlanga ukuthi kukhona udaba abangabonanga ngasolinye ngalo nathi lwaphela ngoba umbono wakhe wehlulwa kulo. Uthe yena wayengayizwa indaba yobudlelwane ne-ANC nathe uyajabula ukuthi kulo nyaka lesi sivumelwano siyaphela ukuze iNFP ikwazi ukuzimela.

“Ngomhla zi-3 kuNcwaba kuphelile nathi ne-ANC, sizobe singenele ukhetho njengeNFP hhayi ukubambisana nabanye. Sifuna ukuzimela gelekeqe siziphathele imikhandlu,” kusho uMlotshwa. Uphinde wakuveza ukujabula kwakhe ngokubuya komholi weqembu.

See Also

“Okungijabulisayo ngokubuya kukaMengameli wukuthi njengoba ebuyile nje usezokwazi ukuzikhulumela , asho ukuthi uMlotshwa wathini kuye njengoba besekukhona abakhuluma bethi uMengameli uthe. Engikujabulelayo uMengameli usezofika athi wena Mlothswa wangifonela,” kusho uMlotshwa. Uthe akekho umuntu ongeneme njengoba kubuye uMengameli, nathe ukubuya kwakhe kuzokwandisa amathuba okuthi iKwaZulu-Natal iphinde ihlomule amavoti.

Ebuzwa ukuthi ngabe ukuhlaselwa kwakhe kusho ukuthini, uMlotshwa uthe: “Wonke umuntu ekugcineni uyofa ngoba sonke simelwe wukufa. Kepha okumele kwazeke wukuthi ukufa kukaMlotshwa ngeke kuzuzise muntu kuNFP. Mhlawumbe abangahlomula ngakho yizitha zeNFP kwazise sesingenisile KwaZulu-Natal.  Kanti futhi noma angafa uMlotshwa, iNFP ngeke isafa, abantu sebeyayazi, uphawu lwayo luyaziwa.

[divider style=”solid” top=”20″ bottom=”20″]

Impethu eyaphethula amanye amaqembu isingene

NJENGAWO wonke amaqembu amasha asungulwe ngale konyaka we-1994, iNational Freedom Party ibingaphansi kwengcindezi yokuqinisekisa ukuthi kayigwilizi ngesikhathi amanzi epolitiki ephakama. Phambi kwabo bekukhona ubufakazi bezinkinga amaqembu amasha abhekana nazo, bayibona  igwiliza iNadeco eyabe iholwa nguMfu uHawu Mbatha kanye noDkt uZiba Jiyane, bawubona umbango weCongress of the People (Cope), babona nokuphela kweNew National Party.

Bazibona izinkantolo ziphenduka izigcawu zokulungisa imibango yangaphakathi emaqenjini. Ngenxa yalo mlando ubuholi bale nhlangano bafunga ukuthi lokhu ngeke kwenzeke kubo ngoba bayabazi ubungozi balokho. Ephawula ngalokho ngonyaka wezi-2013, uKaMagwaza Msibi wathi: “Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi leli qembu lethulwa kwaba nezinkulumo zokuthi ngeke sikhule, sizofana namanye amaqembu aseke aba khona ngale konyaka we-1994. Nokho sibamangazile abaningi ngoba siye okhethweni safike sazuza abavoti abayizigidi ezingu-1.2.”

Ngonyaka olandelayo ekhuluma nabezindaba ngenyanga kaMfumfu wezi-2014, uMengameli waleli qembu wazichitha izinsolo zokuthi sokungaboni ngasolinye kuleli qembu emuva kokuvela kwezindaba zokuthi kukhona abangasabuzwa kahle ubuholi bakhe nokwakuthiwa baholwa nguSihlalo weNFP Kazwelonke uMhlonishwa uMaliyakhe Shelembe kanye noMhlonishwa uMlotshwa. Echitha lezo zinkulumo umholi weNFP wathi: “Kunabantu abathile abangaphathekile kahle ngokuthi silokhu siyimbumba kuze kube manje. Laba izitha zeNFP kanti banobusathane bokufafaza amahemuhemu athi sesimaqembuqembu. Ngeke sizikhathaze ngabo njengoba silungiselela iqembu lethu ukuba libhekane nokhetho lowezi-2016 olunzima lohulumeni bezindawo.” Kuleso sithangami sabezindaba, uSihlalo Kazwelonke weNFP uMaliyakhe Shelembe, osolwa ngokuhola iqeqeba eliphikisana noMagwaza-Msibi, ukuphikile ukuthi unesandla kunoma yiliphi icebo eliphikisa uMagwaza-Msibi, wathi: “Ngiyaziqhelelanisa nalezo zinsolo. Ngithanda ukukubeka kucace ukuthi ngibeseka ngokuphelele ubuholi bukaMengameli wethu (uMagwaza-Msibi). KuNFP sizoqhubeka nokulwela ubunye. Safunda okusemqoka emaqenjini amasha njengeCope (iCongress of the People), iNadeco (iNational Democratic Movement) namanye avele aphela emveni kweminyakana ebunjiwe. Asifuni ukuphinda lelo phutha.”

Nokho kubukeka sengathi  laba baholi bashesha baphawula ngoba emuva kwalokho iNFP yahlaselwa yizinkinga zobuholi. Iqembu okwabe kubikwa ngalo emithonjeni yabezinda ngokuhle kanjalo nezimanga elizenzayo laphenduka (ngenxa yemibiko) iqembu elinabaholi abathanda izikhundla. Njengoba kwenzeka kwamanye amaqembu izindaba zalo ezinye zaphelela ezinkantolo, abanye bakhonjwa indlela. Lokhu kwasho khona ukuthi impethu edla amanye amaqembu, aqhamuke ngale konyaka we-1994, isiqalile ukuyiphethula iNFP.

IBAYEDE isibike kaningana ngombango kuleli qembu nayilapho kunokunukana phakathi kwabaholi bayo. Ubuso bale mibango bekunguMhlonishwa uShelembe, uMhlonishwa uMlotshwa, uMnu uMzonjani Zulu, uMnu uMuziwamandla Mzobe kanye noMnu uWiseman Mcoyi. Kumalungu, kanjalo nakubaholi, eNFP bambalwa asebengaphika ukuthi impethu isingene. Akekho osengaphika ukuthi leli qembu nalo alisekho msulwa ngoba nalo selinombango wezikhundla.

Scroll To Top