ULionel Richie yingwe emabala
UKhumalo uqweqwe lombhali wamabhuku nemidlalo yomsakazo.
ULionel Richie uyindoda enamakhono amaningi njengoba ecula, abhale amaculo, abe ngumlingisi aphinde abe nguphrojusa waseMelika
INDIMA yomculo ingenye yezindima ezinzima kakhulu. Kunezingqinamba eziningi abantu abakulo mkhakha abahlangabezana nazo, kusukela besangena kuyona ngisho sebephakathi kuyafana.
Abantu abaningi baye babone abaculi sebephumelele sebaziwa umhlaba wonke bazitshele ukuthi yonke into iyashelela nje kule ndima, kanti akunjalo. Ngesikhathi abaculi besaqala ukungena kulo mkhakha kufanele bathole inkampani abazoqopha ngaphansi kwayo, emva kwalokho kufanele bazazise kubantu ukuze umculo wabo umaketheke, khona abantu bezowuthenga.
Kanti abanye baye baqale benze eminye imisebenzi eyehlukile efike ibadide noma ibahlule ngaphambi kokuthi babone ithalente labo ukuthi lisemculweni,
Inkakha yomculo opholile nowezothando uLionel Brockman Richie nayo yize esaziwa umhlaba wonke kodwa kukhona angakusho ukuthi kuyingqinamba abhekana nayo ukuze abe lapha esekhona. Kanti naye akavelanga walibona ithalente lakhe lokucula. Lo mculi wake wafisa ukuba ngumfundisi ngesikhathi engakaliboni ithalente lakhe lokucula, kodwa ekuhambeni kwesikhathi wabona ukuthi akusilo ubizo lwakhe lolo
ULionel Richie uyindoda enamakhono amaningi njengoba ecula, abhale amaculo, abe ngumlingisi aphinde abe nguphrojusa waseMelika. Lo mculi ungomunye wabaculi asebekhulile ngokweminyaka kodwa abasayibambile kule ndima njengoba azalwa mhla zingama-20 kuNhlangulana ngowe-1949. Kwazise kule ndima amaciko amaningi ayafika aphinde anyamalale ngenxa yokuthi kusuke sekushintshe isikhathi umculo olalelwayo usuwehlukile noma sekufike amaciko amasha anesigqi esisha.
Ngesikhathi esafunda wayecula emaqembini ahlukahlukene eRnB, ngonyaka we-1968 waqala wacula eqenjini elalidla ubhedu ngaleyo minyaka iCommodores. Leli qembu lalicula amaculo amnandi nayekwenza udanse ngisho ungathandi. Leli qembu laduma ngamanoni afana noMachine Guns, Brick House.
Ekuhambeni kwesikhathi uLionel Richie waqala ukuzibhalela izingoma futhi eseziculela yedwa ngezwi lakhe elimtoti nelipholile ecula ngezothando. Izingoma aduma ngazo i-Easy, iThree Times a Lady, iStill neSail On. Abanye abaculi balibona ithalente lakhe lokubhala amaculo, abanye base bemcela ukuthi ababhalele. Ngonyaka we-1970 usuyophela wabhalela uKenny Rogers ingoma eyayithi Lady. Lo mculi usedayise amakhophi angaphezulu kuka 100 million. Kanti abantu basaqhubeka nokuthokozela umculo wakhe.
URichie ulokhu eqhubekile nje engundabuzekwayo ezweni laseNingizimu Afrika, njengoba kube nesimemezelo esakhishwa yinkampani iBig Concerts ezinyangeni ezedlule sokuthi uzohambela leli zwe lapho ezobe ecula khona ezindaweni ezahlukene. Uzonandisa eThekwini eMoses Mabhida Stadium ngomhla zili-13 kuNdasa, eKapa uzoba sezinkundleni zaseCape Town ngomhla zili-18,
Kanti iGoli libukeka sengathi iyona ndawo egcwele abalandeli bakhe kakhulu njengoba kuze kwaphoqeleka ukuthi abagqugquzeli balo mcimbi benze acule izinsuku ezintathu khona ngoba amathikithi abesephelile kodwa abantu bebelokhu betheleka bewafuna. Kule ndawo uzocula ngomhla zili-15, zingama-20 namhla zingama-21 kuNdasa eTicketpro Dome.
Umlando omfishane kaLionel Richie kwezomculo
- Uzuze izindondo zePeople’s Choice Award for Favorite New Song ngowe-1981, owe-1983 nangowe-1986 ngezingoma ezintathu iWe Are the World, iTruly neLady.
- Ngonyaka we-1983 wathola indondo ye-American Music Award for Favorite Pop/Rock Single ngengoma ethiTruly; iGrammy Award for Best Male Pop Vocal Performance ngengoma ethi Truly.
- Wabuye wazuza izindondo ze-American Music Award for Favourite Soul/R&B Male Artist. Ngeminyaka okungowe-1983, we-1985 nowe-1987.
- Ngonyaka we-1985 wathola indodo yeGrammy Award for Album of the Year nge-albhamu yakhe ayeyikhiphile ethiCan’t Slow Down neGrammy Award for Producer of the Year nge-albhamu ethiNon-Classical.
- Unyaka we-1986 awuphelanga engazuzanga lutho nakhu ethola indondo iGrammy Award for Song of the Year ngeculo elithi We Are the World kanye ne-Academy Award for Best Original Song ngeculo elithiSay You, Say Me. Ngawo unyaka ofanayo usethola indondo yeGolden Globe Award for Best Original Song ngalo iculo elithiSay You, Say Me.
- Onyakeni owalandela ngowe-1987 wathola indondo yePeople’s Choice Award for Favourite Music Video ngengoma ethi Dancing on the Ceiling nePeople’s Choice Award for Favourite Male Artist.
- Eminyakeni emibili, edlule ngowe-2014 wathola indondo yeBET Lifetime Achievement Award.