IKhomishani kolwamabhasi KwaZulu-Natal



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Izisulu zicela uMengameli wezwe ukuba aqoke iKhomishani ezophenya uMnyango WezokuThutha nosomabhizinisi bamaNdiya ngenkohlakalo
UMNU uChris Nyathi owayemele osomabhizinisi boHlanga abaqolwa ngowomdabu waseNdiya inkampani yabo iMidlands Bus Services eDumbe, ugeqa amagula ngeqhaza lezikhulu zoMnyango WezokuThutha KwaZulu-Natal okubalwa noMhlonishwa uSibusiso Ndebele kulo mkhonyovu.
Ngokusho kukaMnu uClive Nyathi owayemele abanikazi benkampani iMidlands Bus Services uthi namanje inhliziyo yakhe isaqaqamba uma ecabanga ngesenzo esinesihluku sikaMhlonishwa uNdebele nozakwabo eMnyangweni sokwephuca aboHlanga ifa labo ababelithenge ngemali yezithukuthuku zabo kuMnu uFanie Jourbert.
“Lezi zikhulu zoMnyango zathatha inkampani yabantu zayinikeza uMnu u-Ishamel Bhayla waseLadysmith ongumnikazi wenkampani iNondweni Bus Services ngomgunyathi. Phela uBhayla wayelethwe nguMnyango kucashwe ngokuthi uzoqeqesha aboHlanga ngolwazi lokuphatha ibhizinisi lamabhasi kanti yicebo lokuba azoyidla,’’ kusho uMnu UNyathi.
Eyizeka indaba, uMnu uNyathi uthi ngesikhathi uJoubert esethatha umhlalaphansi wathi ngeke abasebenzi bakhe abakhokhele izimali zabo zempesheni kodwa uzobanikeza yonke inkampani yakhe okubalwa namabhasi ayi-14.
“Kuthe ngisabalungiselela amaphepha okuba ngabanikazi benkampani kwaqhamuka umlisa thizeni engisakhumbula igama lakhe owathi unguMdu ethi ngeke le nkampani idluliselwe kwaboHlanga ngoba naye ngeyakhe nokuthi ngesikhathi isengekaMnu uJourbert wayefake imali yakhe enkulu kuthengwa amabhasi amasha. Ngathi kuye makaveze ubufakazi ngalokhu akushoyo wathi asikho isidingo,’’ kusho uNyathi.
UNyathi uqhuba uthi: “Kuthe esamangazwa nguMdu kube sekuvumbuka isikhulu somnyango, uMnu uGeorge Mahlalela esezothi ngeke aboHlanga bavunyelwe ukuthatha le nkampani ngoba izobehlula abanaso isipiliyoni. Ngamtshela uMahlalela ukuhti ngizobalwela abantu kuze kube sekugcineni ngoba uMnyango awunalo ilungelo lokwephuca abantu ifa labo.’’
Khona lapho uthi uMahlalela wabe esemtshela emehlweni ukuthi vele ngeke kusasiza ngoba uMnyango uzoyidla le nkampani njengoba iyakweleta.
Kuthe emva kwalokho kwatheleka uMfundisi uThemba Vundla, owabe eyisikhulu kuHulumeni. Wasibikela ukuthi nembala uMnyango usuyidlile inkampani.
“Kuthe uma uMnyango ubona ukuthi ngiyabalwela abantu wabe usuqhamuka nesu lokuthi okungcono umsebenzi ngamunye uzonikezwa ibhasi eyodwa noma imali bese eyaphuma kule nkampani ngoba ngeke uMnyango ubavumele bathathe nesikhumulo samabhasi. Nangempela uMnyango wabe usuletha omakhenikha bezokhanda amabhasi ayesemadala nokuyiwo anikezwa aboHlanga kwathiwa abashaye izishwapha baphele enkampanini,’’ kuqhuba uMnu uNyathi.
“Ngalwisana futhi nalokho kangangoba uMnyango wagcina usuletha, uMnu u-Ishamel Bhayla kuthiwa uzoqeqesha aboHlanga kwezamabhizinisi kanti sekungukudliwa kwenkampani yabo nguMnu uBhayla,’’ kuqhuba uNyathi.
Uthi wazama ukubalwela aboHlanga kodwa wagcina ehoxile ngenxa yezinsongo zokubulawa uma eqhubeka nokubamela.
Wabuye waveza ukuthi miningi imihlangano ayibambe nezikhulu zoMnyango okubalwa noMahlalela eminye yayo beyibambela emaHhovisi oMnyango ayeseMngeni eThekwini.
“Ngikhumbula komunye umhlangano sacishe sabambana ngezandla noMahlalela ngoba engithuka engehlisa nesithunzi ethi ngicabanga ukuthi ngingummeli ongunombolo bani ongaphikisana nabo beyizikhondlakhondla. Ngathukuthela ngambhunyela ngamanzi ebusweni ayesengilazini,’’ kuqhuba yena.
UNyathi uthi wakwenza lokho ngoba kwase kumume emphinjeni ukwedelelwa nguMahlalela.
“Ngamtshela kwezikabhoqo ukuthi ngelusa mina ngakho angacabangi ukuthi ngiyamesaba. Ngathi uma enenkinga singaphumela phandle siqedane inkani. Ngenxa yokushuba kwesimo nomhlangano awubange usaqhubeka wavele wahlakazeka,’’ kusaqhuba yena.
Uqhubeke wathi babona sekufika iphumalimi abalibiza ngoChris owayesebenza eMnyangweni ezoletha uMnu uBhayla okwathiwa uzosiza aboHlanga.
“Ngemuva kokumpitshela ekhoneni, uMnu uBhayla ukuthi ungene kanjani kule nkampani wagcina ebhobokile ukuthi kahle kahle le nkampani wayeyeyinikezwe nguNdebele ngoba naye emthengele ipulazi eliseMgungundlovu,’’ kuqhuba uNyathi.
UMnu uNyathi uthi ugcine esehoxile ekuqhubekeni nokumela aboHlanga ngenxa yezinsongo ayezithola zokumbulala.
“Ngaze ngathintwa ngomunye wesifazane osebenzela uMnyango eMgungundlovu engeluleka ngokuthi kumele ngihoxe kule nto ngoba ngizogcina ngibulewe ngalolu daba olufaka abantu abakhulu,’’ kuphetha uNyathi.
UMnu uMichael Mbatha owayesisulu futhi engomunye wabanikazi bale nkampani uhambe emagameni kaNyathi ethi inkampani yabo bayiqolwa nguNdebele nozakwabo eMnyangweni.
“Nathi sagcina sizwile ukuthi inkampani yethu yadayiselwa uBhayla ngoba ethengele uNdebele ipulazi eMgungundlovu. Kubuhlungu esakwenziwa nguNdebele nozakwabo okubalwa noMahlalela bethengisa ngenkampani esayithenga ngezithukuthuku zethu. Abanye bethu bavele bashona ngemuva kwezinsukwana ithathiwe ngenxa yokumelwa zinhliziyo,’’ kusho uMnu uMbatha.
UMbatha kumanje usesebenzela uMnu uBhayla njengomshayeli ukuze akwazi ukuxosha ikati eziko.
NoNkk uBonisiwe Mbatha ongumfelokazi kaMnu uSamson Mbatha ukuqinisekisile ukuthi uNdebele nezikhulu zoMnyango okubalwa noMahlalela babenzela phansi aboHlanga.
“Siyafisa ukuba uMengameli wezwe uJacob Zuma aqoke ikhomishana ezophenya ngalezi zigameko zokucekelwa phansi kosomabhizinisi boHlanga kwenziwa yizikhuku zoMnyango WezokuThutha zihlangene namaNdiya.’’
Uqhuba uthi umyeni wakhe naye wanikezwa ibhasi eliyisikorokoro nguMnyango.
“Kwathiwa yiwona mhlomulo wakhe. Ngenxa yokuthi leli bhasi belifa njalo umyeni wami ugcine esebuyela kuMnu u-Ishamael Bhayla eyothenga elinye ibhasi ukuze akwazi ukuqhwandela izingane zakhe. Kwalona leli lesibili ubelikhokhela izi-R10 000 njalo ngenyanga nakuba ngiyakhuluma ukuthi ngisekule mboni yamabhasi,’’ kuqhuba uNkk uMbatha.
UNyathi uthi uphinde wahlangabezana nezimbila zithutha ngesikhathi esemele uMnu uGezani Chili wenkampani iThalente Lama-Afrika Bus Services eNanda. Naye uMnu uChili wagunyathwa inkampani yakhe okubalwa namasheya akhe namabhasi ayi-11 nguMnu uSuren Singh owayelethwe kuye nguMnu uMahlalela benoJay Singh.
“Mfowethu ngacishe ngadubuleka ngesikhathi ngizithela phezu kwamadoda ayehlome ngezibhamu ezobulala uMnu uChili edepo yakhe ePhoenix.
“Ngathi ngifika ngazithela phezu kwamadoda ayekhombe ngezibhamu abasebenzi bakaChili ebaqoqele ndawonye efuna uChili owayesaphumile eyokwelekelela umakhenikha owayekhanda elinye ibhasi. Ngaqhamuka ngomunye uMnyango bengalindele base beyabaleka.’’
UNyathi uqhuba uthi ngakusasa omunye umfana waseNanda owayeyingxenye yabahlaseli wafonela uMnu uChili ukuba bazohlangana ngasendaweni yokucima ukoma iButterworth engaseTeachers Centre ngoba kukhona afuna ukumxoxela khona.
“UMnu Chili wabe esengicela ukuba ngimphelezele ayobona lo mfana. Nembala lo mfana wafike walikhipha lonke iqiniso ngokuhlaselwa kwakhe. Wathi bebethunywe nguMnu uSuren Singh ukuba bazombulala.Ngakho uyaxolisa ngakho konke. Lo mfana wathi waphazamiseka ngoba ubecabanga ukuthi ngamaphoyisa,’’ kusaqhuba yena.
UMnu uNyathi uthi lesi sigameko sokuhlaselwa kukaChili senzeka ngemuva kokuthi naye kade ethole ucingo ngomunye wabasebenzi boMnyango owamxwayisa ngokuthi makahoxe ekuzihlanganiseni nodaba lukaChili ngoba uzobulawa bese umndeni wakhe usale udla udaka.
“Lona wesifazane wathi uyangexwayisa ngoba engidabukela ngoba udaba lokudliwa kwenkampani kaChili luthinta abantu abaphezulu nosopolitiki. Ibuhlungu le nto eyenziwe yizikhulu zoMnyango ngokuncela igazi lo muntu oMnyama ngale ndlela,” kuphetha uNyathi.