UCassper Nyovest: Insizwa yamaphupho


Kuvamile ukuthi uma umuntu ekhuluma ngephupho analo abantu banganaki
KWENZEKA kakhulu uma loyo muntu esemncane nokugcina sekunokukhuluma kokuthi uyahhema, noma uphupha impela. Nokho kuleli sonto eledlule insizwa esencane yaseNingizimu Afrika, ngezenzo itshengisile ukuthi amaphupho ayafezeka. Loyo kube ngu Refiloe Maelo Phoolo owaziwa kakhulu ngelikaCassper Nyovest
Leli bhungu lazalwa mhla zili-16 kuZibandlela 1990 endaweni yaseMafikeng, ukhulele eMontshiwa kuyona le ndawo. Ungumculi ongaconsi phansi wakuleli lizwe iNingizimu Afrika. UCassper Nyovest wafunda eSol Plaatje Secondary School wayethanda ukugijima kanye neminye imidlalo eminingi.
Waqala ukucula efunda ibanga lesi-6 eneminyaka eli-12. Ngesikhathi enza ibanga le-10 akaphasanga, wabe esephoqeleka ukuthi ahambe ayohlala nogogo wakhe ePotchefstroom.
Ngonyaka wezi-2004 wayeyilungu leqembu lomculo elalaziwa ngeChildhood Gangsters (CHG), elagcina livaliwe. Wabe esephinda ejoyina iqembu elalaziwa ngeSlow Motion elalineqembu iGanja Beats.
Ngonyaka wezi-2006 eseneminyaka eli-16 wakhetha ukusishiya isikole ngoba ethi ulandela iphupho lakhe. Watshela abazali bakhe ukuthi ukhetha ukulandela iphupho lakhe akholelwa ukuthi lizophumelela, kunokuthi aligcine ngoba uzozisola impilo yakhe yonke. Wabe esethutha wayohlala eGoli, waqala indlela yokufeza iphupho lakhe lokuba ngumculi.
Wasayinwa iMotswako Label, emva kweminyaka emibili engakaze aqophe wabe esehamba waqala eyakhe inkampani yokusungula umculo. Emva kwezinyangana umculi uHHP, wabona uCassper ecula emcimbini othile, wabe esebona ithalente, benza ingoma ndawonye ethi Wamo Tseba Motho eyafakwa ku-albhamu kaHHP iDumela. Wabe eseqala ehamba noHHP beya naphesheya kwezilwandle beyocula, okuyilapho azakhela khona udumo njengomculi.
Useke wacula endaweni eyodwa nabaculi baphesheya okubalwa uKid Cudi, uKendrick Lamar, Nas, uTalib Kweli kanye noWiz Khalifa.
Ngonyaka wezi-2013 wakhipha iculo elithi Gusheshe njengeculo lokuqala ku-albhamu yakhe ethi Tsholofelo. Leli culo laduma lathandwa izwe lonke. Emva kwalelo culo wabe esekhipha elithi Doc Shebeleza elivele lakhomba ukuthi usephumelele. Leli culo laba ngelesine emaculweni ahamba phambili kuleli, ngisho uYvonne Chaka Chaka walincoma leli culo.
Ngomhla zili-18 kuNtulikazi 2014 wakhipha i-album ethi Tsholofelo, eyadla ubhedu kuma-iTunes, ngoMfumfu 2014 waqokwa yiMTV Base njengomculi weHip Hop ohamba phambili e-Afrika.
Usehlabene ngezindondo eziningi kumaChannel O Awards, kuMetro FM, kuSouth African Music Awards, kuSouth African Hip Hop Awards. Kanti zihlanganiswa zonke izindondo aseziwinile nge-albhamu eyodwa zili-16.
Lo mculi waziwa kakhulu ngokuthi bayinkukhu nempaka beno-AKA ongumculi naye, njengoba behlale beqopha amaculo begconana kuwona, kanti sekube nezigameko eziningi bexabana.
Emva kokukhipha iTshelofelo, edayise kakhulu uCassper wamemezela ukuthi useqalile ukusebenzela i-albhamu yakhe yesibili kanti futhi ufuna ukwenza ikhonsathi mhla zingama-31 kuMfumfu 2015, eTicket Pro Dome, wayibiza nge “FILL UP THE DOME” aphinde akhiphe i-albhamu yakhe yesibili ngalo lolu suku.
Waqhuba wathi ufuna ukugcwalisa idome, equkatha abantu abazi-20 000. Ezinkundleni zokuxhumana wachaza ukuthi uma uthenga ithikithi lokungena kule khonsathi kusho ukuthi uzothola ne-albhamu yakhe entsha. Kule albhamu kukhona amaculo afana noMama I made, i-Ashes to Ashes, iDust to Dust. Kanti mhla zingama-25 kuMfumfu 2015 uCassper Nyovest umemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi amathikithi ekhonsathi asedayiswe wonke!
Nembala kube njengamaphupho akhe ngoba idome ibigcwele phama edilini lo mculo obuhlanganise abantu bazo zonke izinhlanga, iminyaka kanye nabaqhamuka emikhakheni eyehlukene. Kubukeka uCassper eselifezile iphupho lakhe, kanti kuyacaca ukuthi lesi bekuseyisiqalo nje.