INjeje ithi azilime ziye etsheni


IKhabhinethi yaKwaZulu-Natal isiyise uMholi weNjeje eNkantolo ngokuphehla udlame olubhekiswe kwabaseNdiya
KUBUKEKA iqhubeka ngokucija imikhonto phakathi komholi wenhlangano yentsha, Injeje YamaNguni, uMnu uPhumlani Mfeka , umphakathi wamaNdiya kanye nohulumeni waKwaZulu-Natal. Lokhu kulandela umlayezo othunyelwe nguMnu uMfeka kosomabhizini abathize bamaNdiya nokuhunyushwe nguhulumeni njengenkulumo enenzondo negqugquzela udlame olubhekiswe kwabohlanga lwamaNdiya.
KuSMS iBAYEDE eliyibonile uMnu uMfeka uthe: “Thina singama-Afrika sesithule isikhathi eside ebe amaNdiya eqhubeka exhaphaza ehlukumeza engamela yonke into ezweni lobabamkhulu. Njengobabamkhulu ngowe-1949 nangowe-1985, sesingamane nathi manje sife kunokuthi sibe luphawu lobubha ezweni lethu, igazi kufanele lemboze yonke iKZN ukuze igazi lokhokho bethu lizothola ubulungiswa noma sife silwela lokho. Lokhu kuqonela kwamaNdiya KUFANELE kuphele.”
Ngokuthola kweBAYEDE kanye nalokho okwabekwa ezithebeni zenkantolo, lo mlayezo uMfeka kawuthumelanga kosomabhizini abathile bamaNdiya kepha uwuthumele nakuMhlonishwa uWillies Mchunu. Lokhu kufakazelwe yilokho uMchunu emaphepheni afungelwe athulwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ngomhla zili-17 kuMfumfu 2015.
Ngokwamaphepha afungelwe kwathi angayithola uMchunu iSMS wabe eselwethula udaba kuNdunankulu WesiFundazwe, uMhlonishwa uMchunu nowaphakamisa ukuthi lolu daba alukhulunywe emhlanganweni weKhabhinethi. Ngokuthola kweBAYEDE iKhabhinethi lahlangana lanquma ukuba udaba alufakwe eNkantolo ngenhloso yokuvimbela uMnu uMfeka neNjenje ukuba baqhubeke nalokho uhulumeni akuhumusha njengezinkulumo ezidala uhlevana.
Emaphepheni aseNkantolo uMchunu uzethule njengelungu leKhabhinethi elihlala eKomitini elibhekelele uKuphilisana Kwemiphakathi (Social Cohesion). Esethulweni sakhe uMchunu uthe njengohulumeni kabangabazi ukuthi izinkulumo zikaMfeka zizodala udungunyane nokuthi uMfeka kaqali ukukhuluma ngalolu hlobo. Uphinde wakuveza ukuthi ukwesaba kukahulumeni kusekutheni lesi sifundazwe sisanda kudlula odlameni obelubhekiswe kwabokufi ka ngakho izinkulumo zikaMfeka zingase zokhele umlilo ziphindise isifundazwe emuva.
Emuveni kokulalela isicelo esiphuthumayo esiqoshwe enkantolo njengodaba oluphakathi kwamalungu eSigungu Sokuphatha kanye noMnu uPhumlani Mfeka, iNkantolo ibe isivumelana nesicelo esiphuthumayo esilethwe nguhulumeni. Esinqumeni sesikhashana, inkantolo iyalele uMnu uMfeka ukuba ahoxise konke lokho akushoyo okuvusa uhlevane.
INjeje ithi iyameseka umholi wayo
Ebuzwa ukuthi uzolandela yini imiyalo yenkantolo, uMfeka uthe: “Awu kuyamangaza ukuthi abaHlonishwa bagijime kangaka uma udaba luthinta amaNdiya ekubeni aboHlanga behlale benezinkinga ezesabekayo kepha kungekho umuntu ogijima aye enkantolo ukuyolungisa isimo sabo. Odabeni lokuthi bafuna ukungibopha, cha ngithi sengimi ngabo, sengikulindele ukuboshwa nokunye okwedlula lokho. Ngizimisele ukuba yimvu yomhlatshelo ukuze kugqame izimfuno nezikhalo zaboHlanga.”
Khona lapho uMfeka ukhwele wadilika kwabathize bezindaba nabasole ngokuzama ukuthela amanzi izimfuno zaboHlanga: “iqaphelile ukuthi lolu daba lokufakwa kwami enkantolo luputshuzelwe isitebele esithize zabezindaba (asigagule ngegama) ukuze kusuka nje ngesonto njengoba umhlaba ubonile ngihlikizwe njengesitha samaNdiya nomuntu ongahambisani nezinhelo zikahulumeni zokubuyisana. Abanye kwabezindaba bengakhulumanga ngisho nanami bangicaphunile bangipha neqembu lepolitiki engingaphansi kwalo. Iqiniso lithi angilona ilungu lahlangano kepha ngicheme naboHlanga abahlukunyezwa ngamaNdiya nsuku zaphuma, abanye bayadlwengulwa, bayaxhashwa bakhacwe nangezinhlamba. Baphi ke oMchunu, bami ngakuphi?” kubuza uMfeka.
Inhlangano yeNjenje uMfeka ongomunye wabaholi bayo nayo ithe ifa lapho kufa khona uMfeka. Esitatimendeni esithumele kwabezindaba iNjenje ithe ‘ifa lapho kufa khona’ umhloli wayo, yathi iyavumelana nalokho akusho nakusho egameni layo.
Olunye uhlaka olweseke uMfeka kube yiMbumba Yabamnyama Bussienss Forum ngomlomo kaMnu uBongani Shange othe uHulumeni kawukho msulwa kulolu daba: “Siyamangala ukuthi kwase kushesha kangaka ukuphendula kukahulumeni ngoba thina sisalinde umbiko owawenziwa ngamakomiti namakhomishana ayejutshwe nguNdunankulu uMchunu ngodaba oluthinta amaNdiya. Olunye nje uphenyo lwaluholwa nguSolwazi uZulu.” kuphetha uMnu uShange.
Ebuzwa ukuthi ngabe kaboni yini ukuthi izinkulumo zakhe zingase zishise izwe uMfeka uthe: “Inkinga enginayo ngeyokuthi akekho osaveze ukuthi kukuphi lapho sikhulume khona iphutha. Abaholi bethu bahlale beseluleka ukuthi umnotho wethu usezandleni zabamhlophe abangogombelakwesabo kodwa akekho othi lokho kuzoshisa izwe. Namuhla ngoba lokho sesikukhomba emaNdiyeni sekukhona ukukhuluma nezinsongo zejele, buphi ubulungiswa lapho.” kuphetha uMfeka.
Kubukeka udungunyane lwaseChatsworth luchumbuza ithumba
ESONTWENI lapho uhulumeni ekhuleke ukuba iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu igweme ukuba ilungu eliphezulu leNhlangano yentsha iNjeje YamaNguni, uMnu uPhumlani Mfeka ukuba enze izinkulmo ezinohlevana ezibhekiswe emphakathini wamaNdiya, sekube khona isehlakalo esingase sibhebhethekise ukungezwani phakathi kwaboHlanga namaNdiya.
Lokhu kulandela ngemuva kokuthi umphakathi waboHlanga ohlala ezakhiweni ezibizwa ngokuthi kuseBottlebrush, eChatsworth uvuke umbhejazana wabhubhisa ngomlilo izimoto zenkampani yonogada i-Omega Security Company ngoba isolwa umnikazi wayo uMnu uDelon Naidoo ngokubalekisa uzakwabo odubule wabulala ibhungu elimnyama.
Ngokusho kukamzala kamufi uMnu uKhanyi Toyona, uMnu uBhekithemba Tyhasile naye othi usinde edutshulwa yilesi sikhulu ulandise iBAYEDE ukuthi bebeyolanda imali yabo ngesikhathi bedutshulwa. Uphinde wathi bebeya kule ndawo nje emuva kokwelulekwa ngumphathi wenkampani uMnu uNaidoo, nathe abahlangane ndawana thize khona eChatsworth ukuze bazothatha imali yabo.
“Empeleni bese kwedlule isikhathi sokuhola singayitholile imali yethu ngoba umqashi wethu uMnu uDelon Naidoo ubesesibalekela. Sithe uma sifika kuleyo ndawo yesivumelwano ubengekho uMnu uNaidoo. Umphathi wethu wayesethi uMnu uNaidoo uthe usesilinde esangweni lesikole. Umphathi ube esesithatha ngemoto esihambisa khona. Sithe uma sifika khona bekungekho Naidoo esangweni kodwa kukhona enye indoda esingayazi. Sithe sisabuza kumphathi ukuthi kanti uphi uNaidoo wavele wavula isicabha semoto wasithuka nokuyilapho ingxabano iqale khona ngoba uvele wakhipha ummese kwathi uma simqonda wahosha isibhamu wadubula uKhanyi amahlandla amaningi. Ngimbonile ezidubula esandleni ngemuva kokudubula uKhanyi. Nami uzamile ukungidubula kodwa wangigeja ngoba ngicele empunzini.’’ kusho uMnu uTyhasile.
UMnu uTyhasile ugxeke uMnu uNaidoo ngokuxhaphaza aboHlanga ngokubasebenzisa ajike angabaholeli. “Baningi abantu abakhalayo kule nkampani abangaholile ngoba bedlala uNaidoo. Thina bekumele asiholele izi-R3 200 umuntu emunye.’’
Kuthiwa lesi sigameko sokudutsulwa kukaMnu uToyana senzeke phambi kwesango lesikole iBrooklyn Height Primary School.
Omunye wezakhamizi zaseChatsworth ozibize ngoMfundisi uMgolombane naye ukuqinisekisile ukuthi uMufi ubulawelwe imali yakhe. Umfundisi uMgolombane ugxeke uMnu uNaidoo ngokuxhaphaza abantu abamnyama ebasebenzisa e“Empeleni baningi abasebenzi abamnyama bale nkampani osekuphele izinyanga besebenza bengaholi abanye sebeze bahamba. Ngokwenqubo yale nkampani abasebenzi uma bengaholanga ngomhla ziyisi-7 bahola ngomhla zili-15 kodwa manje besekuthi njalo uma sekufanele bahole uMnu uNaidoo avele anyamalale.’’ kusho uMfundisi uMgolombane.
UMfundisi uMgolombane uveze ukuthi selokhu kwenzeke lesi sigameko sokubulawa kukaMnu uToyana isimo simanzonzo eChatsworth phakathi komphakathi omnyama nabohlanga lwamaNdiya. Kunokwesabela ukuthi uma lesi simo singanqandwa ngokushesha singase senabele nakwezinye izindawo ezakhele iTheku namaphethelo njengoba kwenzeke nangesikhathi kuhlaselwa abokufika base-Afrika.
Odlameni oluqubuke eChatsworth kushiswe izimoto ezimbili zale nkampani yonogada i-Omega ngoba umphakathi omnyama uthi uyaziphindiselela. UMfundisi uMgolombana uqhube wathi kuthe uMfi uToyana eselele phansi kwathushuka uMnu uNaidoo esezothatha uzakwabo embalekisa ngemoto beshiya umufi edindilize phansi.“Isenzo sikaNaidoo sicasule umphakathi omnyama obe usuvuka indlobane washisa izimoto zale nkampani ezimbili. Kusize ukungenelela kwamaphoyisa ukunqanda isimo ukuba singaphumi esandleni njengoba abanye besebefuna ukuhlasela lonke iNdiya.’’ kuqhuba uMfundisi uMgolombana.
UNaidoo uveza uhlangothi lwakhe
UMnu uNaidoo umvikele uzakwabo ngokudubula abulale uMnu uToyana.“Ubezivikela esigebengwini ebesimhlasela sifuna ukumduna imoto. Lo mphathi ohlala emjondolo ukhuluma umbhedo uma ethi uzakwethu umsukele lo mfana wamdubula. Empeleni lo mphakathi uhlohlwa inyunyana efuna kuhlaselwe amaNdiya. Sinolwazi ngezinhlelo ezihleliwe zokuba kuhlaselwe amaNdiya eChatsworth nakwezinye izindawo ezakhele iTheku.’’ kusho uMnu uNaidoo.
UMnu uNaidoo othe naye kuhlelwe ukuba abulawe nomndeni wakhe uthe bami ngomumo ukuzivikela ekuhlaselweni. “Bathi bafuna kuqale impi yowe-1949 sithi asinankinga uma befuna impi bazoyithola. Ngeke sigoqe izandla sihlaselwa.’’ UMnu uNaidoo uthi lingawa licoshwe zinkukhu ukuthi yena angaphoqwa ukuba athwale izindleko zomngcwabo kaMnu uToyana.
“Ngeke bakubone lokho. Angisoze mina ngisingcwabe lesi sigebengu ebesizama ukuhlasela uzakwethu sifuna ukumduna imoto.’’ kuqhuba uMnu uNaidoo.UMnu uNaidoo ukuqinisekisile ukuthi kusukela kubulawe uMnu uToyana sekufufusa impi yobuhlanga phakathi kwabamnyama nabohlanga lwamaNdiya.“Laba bantu basemjondolo baphihlize ngamatshe izimoto zamaphoyisa nezimoto zezicishamlilo baphinde bashisa nezimoto zami. Manje sebehlele ukuhlasela wonke amaNdiya,’’ kuqhuba uMnu uNaidoo.
UMnu uNaidoo uvumile ukuthi umbalekisile uzakwabo ngesikhathi ehlaselwa yiqulu labantu. “Bekufanele ngimsize uzakwethu ngokumbalekisa. Phela akamsukelanga lo mfana nguye obemhlasela efuna ukumduna manje umphakathi usuyakuguqula lokho sewuthi usukeliwe.’’
UMnu uNaidoo uvumile ukuthi uMnu uToyana ubengamkhokhelanga. “Ngingamkhokhela kanjani umuntu obeselove izinsuku ezili-15. Okokuqala bengithi ngiyamsiza lo mfana ngokumnikeza umsebenzi njengoba ebecelelwe nguyise osebenza egaraji. Lezi zingane ezimnyama zingamavila azifuni ukusebenza kodwa ziyakufuna futhi nokuholelwa zingasebenzile.’’ kuqhuba uMnu uNaidoo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor uThulani Zwane usiqinisekisile isigameko sokushiswa kwezimoto zenkampani i-Omega Security nathe kwenziwe yiqulu labantu abamnyama abahlala ezakhiweni zaseBottlebrush ngoba kubulawe uMnu uToyane.
“Umufi obeneminyaka engma-21 ubudala obeqashwe yinkampani yonogada ube nengxabano nomsolwa. Umufi ukhiphe ummese wagwaza umsolwa esifubeni. Umsolwa naye ukhiphe isibhamu wadubula wabulala umufi ngoba eziphindiselela. Umdubule ehlombe langakwesokudla nangakwesingezansi. Umphakathi wasezakhiweni zakwaBottlebrush obalelwa emakhulwini ama-5 uvuke umbhejazana washisa izimoto ezimbili.’’ kusho uMajor uZwane.
UMajor uZwane uqhube wathi umsolwa oneminyaka engama-43 uphuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibucayi njengoba futhi eqaphwe ngamaphoyisa. UMfundisi uMgolombana ugxeke uhulumeni ngokuhudula izinyawo ekubhuleni umlilo wokungezwani phakathi kwabohlanga lwamaNdiya nabamnyama KwaZulu-Natal ikakhulukazi eThekwini.