Now Reading
Sinkezo yinye emhlanganweni we-ANC
Dark Light

Sinkezo yinye emhlanganweni we-ANC

Njengase mpilweni yomuntu wonke, izinhlangano ziyalithola ithuba lokubuyekeza izinqumo ezazithathiwe

EKWENZENI njalo ziyakwazi ukuchibiyela zenze okuhambisana nesikhathi. Leli yithuba elivelele inhlangano kaKhongolose njengoba kule mpelasonto inomhlangano wayo omkhulukazi wokubuyekeza inqubomgomo. Lo mhlangano owaziwa ngeNational General Council uhlala njalo emuva kweminyaka emihlanu, nayilapho amalungu aleli qembu ethola khona ithuba lokubuyekeza kanjalo nokuchibiyela inqumomgobo. Omthelela walokho ufinyelela naseminyangweni kahulumeni njengoba leli qembu kuyilo eliphethe izintambo zombuso kuzwelonke nasezifundeni kanye nakohulumeni bezindawo.

Kungalesi sizathu-ke kusemqoka ukuba kungagcini nje ngokuthi kube ngamalungu ale nhlangano aba nombono noma ukuphawula ngeNGC, kepha nathi njengamalungu omphakathi kuhle siweluse lo mhlangano ngoba nakanjani okukhulunywayo kuzosithinta.  Akudingi ukuba ube yilungu likaKhongolose ukubabaza inkohlakalo ebuyisela imizamo kahulumeni emuva. Akudingi futhi ukuba yilungu lale nhlangano ukwamukela ukuthi phezu kwezinqinamba liyazama ukwenza okuthize. Ngamafuphi sonke kumele sithathe lo mhlangano njengokubuyekeza, nokubheka ukuthi yikuphi osekuphelelwe yisikhathi nalokho okumele siqinise kukho.  Uhulumeni kanjalo nesizwe esinombono siyazi ukuthi siyafika isikhathi lapho kumele sigudluze ipolitiki yamaqembu, siqhakambise izidingo kanjalo nezimfuno zezwe. KuKhongolose sithi eniyokukhuluma kuleli sonto izidingo kanye nezimfuno zezwe, yikho sithi sinkezonye.

Scroll To Top