Amaswebeswebe ngokusayiniswa kwabadlali


NGESIKHATHI amehlo ethe njo e-Equatorial Guinea, lapho izinkunzi zase-Afrika zikhiphana khona inkani, amaqembu akuleli adlala esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo awazibekile phansi – umbango wabadlali uyashisa bhe!
Njengoba kuvulwe isikhathi sokuthenga nokudayiselana ngabadlali nje, amahlebezi yinto ovuka ngayo, ulale ngayo.
Ngesonto eledlule abebhebhethekisa okomlilo wequbula awokuthi unozinti we-Kaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune useqome izimbangi, i-Orlando Pirates.
Nakuleli sonto maningi akhona, lapha sikubhekela ukuthi yiziphi ezisakhulunyelwa phansi, nokuthi amaqembu acathamela baphi abadlali.
I-Chiefs, esanda kuhanjelwa ngumgadli uKingston Nkhatha, isimbonile engavala ngaye isikhala – naye ngowaseZimbabwe. Kuvela ukuthi Amakhosi ashela umgadli we-Black Aces, uTendai Ndoro, ngoba embona engasivala khaxa isikhala sikaNkhatha.
Nokho azojuluka kwazise ne-Pirates neMamelodi Sundowns kuthiwa bayameshela lo mdlali. Ngaphezu kokufuna uNdoro, i-Chiefs kuthiwa isizimisele ukwenyusa imali ukuze AmaZulu ayidayisele uBongani Ndulula. Ekuqaleni yayibeke u-R2.5 million etafuleni, uSuthu lwawuchitha, luthi mncane kakhulu.
AmaZulu wona azingela isitobha se-Sundowns esesilizwa ngendaba ijezi, uWayne Arendse. USuthu ludinga yonke inhlobo yomdlali elingamthola kwazise lusengcupheni yokudliwa yizembe uma lingazibambi ziqine. Okunye okuvelile wukuthi uSuthu lufuna noMbulelo “OJ” Mabizela, okumanje uhleli ngesinqe esisodwa ku-Black Aces.
I-Pirates isezinhlelweni zokugabisela i-Free State Stars ngemali ngoba ifuna ibanikeze umgadli, uMoeketsi Sekola.
Kuvele nokuthi i-Bucs isihlomule nangoTshepo Gumede we-Platinum Stars osesayine isivumelwano nayo, esizokwenza ajoyine ngoNtulikazi uma sekuphele inkontileka yakhe ne-Stars.
Isihlabani seBafana Bafana, uSibusiso ‘Vila’ Vilakazi ngomunye wabadlali abangase bangabuyeli kuleli uma sebebuya e-Equatorial Guinea.
Lokhu kulandela ukuvela kokuthi kunamaqembu ase-Spain, England nase-Germany afuna azogijima kuwo.