Zisadlana imilala ngesikaSihlalo weTheku ku-ANC


Usuthathe elinye igxathu umbango wesikhundla sikaSihlalo wesifunda iTheku njengoba uKhongolose kulesi sifunda ubheke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi obusha
Lokhu kulandela ukushaya ungqimphothwe kwamalungu emagatsheni e-ANC abekade esekela uMnuz James Nxumalo oyimeya yeTheku ukuba athathe lesi sikhundla sikaSihlalo.
Ngokombiko otholwe yiBAYEDE kuthiwa la malungu e-ANC asehambisana nohlangothi olwesekela uNkk Zandile Gumede.
Kumanje kuthiwa angu-69 kwangu-103 amagatsha e-ANC asehlalile kulesi sifunda ukulungiselela izithunywa eziyowamela engqungqutheleni ebhekeke ukuba ibanjwa noma nini.
Le ngqungquthela yesifunda nebhekwe ngabomvu isihlehle izikhawu ezintathu ngenxa yokulwa nokushuba kwesimo phakathi kwabalandeli be-ANC abesekela izinhlangothi zombili. Emhlanganweni we-BGM ye-ANC obubanjelwe elokishini lase-Lamontville naseMkhambathini kwaXimba kwaphazamiseka ukuhlala kwale mihlangano yamagatsha ngemuva kokuliwa, kujahwana ngobhusha, kuqhuma iqupha nenganono.
Umthombo ongaphakathi ku-ANC upotshozele iBAYEDE ukuthi abantu abahlubuke ohlangothini lukaMnuz Nxumalo bathi bashiye ngoba bengasanelisekile ngezinhloso zalo.
UMnuz Mphumezi Nkumbesi ongumholi ophikweni lwentsha ye-ANC esifundeni futhi ongasohlangathini olwesekela uNkk Gumede uthe amagatsha amaningi okubalwa nawaseMlazi asehambisana noNkk Gumede.
Kusukela ngesonto eledlule bekulindeke ukuba kuqhubeke ukuhlala kwamagatsha ukuze kuphothulwe ukuhlala kwawo ngaphambi kokuba kumenyezelwe usuku lwengqungquthela.
UMnuz Nxumalo ungene kulombango ngemuva kokuhoxa kukaMhlonishwa uBheki Cele.
UMnuz Cele uhoxe ngemuva kokuthi uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, ememezele ukuthi inqubo ye-ANC ayimvumeli umholi osesigungwini esiphezulu ukuba azokhankasela izikhundla emazingeni aphansi.
Izinkomba zithi uNkk Gumede uhamba phambili kodwa abahola umkhankaso kaMnuz Nxumalo nabo bakholelwa ekutheni basahamba ngakho.