Kungavula igebe ukuqhela kukaMchunu
UMhlaziyi wezepolitiki KwaZulu-Natal, uMnuz Protus Madlala, uyavumelana nombono wokuthi uma uMhlonishwa uWillies Mchunu angase ashiye kungavuleka igebe elikhulu epolitikini yesifundazwe, ku-ANC KwaZulu-Natal nakumadlelandawonye ayo okuyi-SACP, Cosatu neSanco
“Ukushiya kukaMacingwana kuzodala elikhulu igebe kwezombusazwe, ikakhulukazi esifundazweni saKwaZulu-Natal,’’ kusho uMNuz Madlala.
“Phela uMacingwana uthathwa njengomuntu ongumhlanganisi wala dlelandawonye. Uthathwa futhi njengomholi onohlonze futhi onesipiliyoni njengoba sekunguyena omdala kunabo bonke ebuholini be-ANC esifundazweni. Ngakho ukuthi khumu kwakhe kwezepolitiki nakuKhabhinethi yesifundazwe kuzosho ukulahlekelwa okukhulu kwesifundazwe,’’ kuqhuba uMnuz Madlala.
Lo mhlaziyi, ongalali endleleni ngalokho akucabangayo, uthe kungenzeka futhi nokuthi nengcindezi yezepolitiki ibe yimbangela yokuthi athathe isinqumo sokuphuma kwezepolitiki. “Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwaba nombango oshisa phansi phakathi kwakhe nosenguNdunankulu wesifundazwe uMhlonishwa uSenzo Mchunu esikhundleni sokuba nguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal,’’ kusaqhuba yena.