Now Reading
Abaholi yibo abangaba yisithiyo ekubuyisaneni
Dark Light

Abaholi yibo abangaba yisithiyo ekubuyisaneni

Kunokungabaza ukuthi abaholi bazodlula emuva kokuzwisana “ubuhlungu”

 

YIZE imizamo yokubuyisana phakathi kwe-IFP ne-NFP ishisa phansi, kukhona ukwesabela ukuthi abaholi bazo zombili lezi zinhlangano kungase kube yibo abavimbezela uhlelo lokubuyisana.

Ngokwemithombo yeBAYEDE eqhamuka kuzo  zombili lezi zinhlangano, ukusaba kusekutheni  isilonda kungenzeka ukuthi ngabe kasikapholi kuMntwana wakwaPhindangene. “Mnewethu, akuyona imfihlo ukuthi uMntwana wayemthanda okaMagwaza-Msibi, emihlanganweni yeqembu wayemvikela. Kanti futhi wayemthatha njengendodakazi yakhe. Njengoba wazi-ke nawe eyezithandani kakulula ukuba iphele,” kusho osebuholini be-IFP ocele ukuba angadalulwa.

Ngakolunye uhlangothi kunokusaba emalungwini e-NFP ukuthi ngeke kube lula ukuthi umholi wabo eseke ukuba kube nokubuyisana phakathi kwalezi zinhlangano zombili. “Umama wethu wethukwa nhlangothi zonke ngesikhathi akha le nhlangano, lokho naye uhlale ekuphawula, ngakho impela siyesaba ukuthi angase angakunambithisisi ukuthi sibuyisane ne-IFP. Sengathi inxeba liselisha,” kuzikhalela osondelene noMhlonishwa Magwaza-Msibi.

See Also

Ubudlelwano balaba baholi bobabili abuyona imfihlo. Omunye ubengumholi weqembu kanti omunye enguSihlalo walo. Umholi we-IFP ubelikhipha ligcwale elokuthi “mntanami” eqondise kokaMagwaza-Msibi. Kanti yena okaMagwaza Msibi ngaphandle kokuba nguSihlalo weqembu ubebuye abe yiMeya yaseZululand nayilapho aduma khona kakhulu. Kepha ukugqabuka kwegoda kubukeka kwashiya laba baholi ababili benemihuzuko ejulile.

Ngokusho kwemithombo yeBAYEDE, amagama abawaphimisayo  emuva kwalokho enza kube nongabazane ukuthi konje amanxeba ayophola. Kepha-ke le yipolitiki, lapho zingekho khona izitha zangunaphakade kanjalo nabangani bangunaphakade. Imizamo yamalungu e-IFP nawe-NFP akhomba ukuthi bakhona abanethemba ukuthi laba baholi bobabili ngelinye ilanga bayokhumelana umlotha nokuyinto abakholwa yikuthi ingaba yinto enhle emaqenjini abo.

Scroll To Top