Now Reading
Intokazi yakwaNtuli iqome kamumva ihhovisi kuDA
Dark Light

Intokazi yakwaNtuli iqome kamumva ihhovisi kuDA

ABAHOLI abaningi abasebancane emaqenjini ezombusazwe bavamise ukubonakala njengezinsika zakusasa zamaqembu abo njengoba kusuke kwaziwa ukuthi uma bephuma esigabeni sobusha basethubeni lokuqokelwa ezikhundleni eziphezulu eqenjini nakuHulumeni. Ikusasa eliqhakazile kwezombusazwe kulaba baholi libuye lincike ekuziphatheni kwabo enhlanganweni abayisebenzelayo. Nokho kubonakala kwehlukile ukwenza kobengumholi wentsha yeDemocratic Alliance (DA), uNks uMbali Ntuli ozakhele igama kwezombusazwe ngesikhathi esahola intsha. Lo mholi ozalwe ngowe-1988, baningi abebembona njengomuntu onekusasa eliqhakazile kwezombusazwe njengoba kwenzeka kwabamanye amaqembu abagcina sebesePhalamende elikhulu noma sebengongqongqoshe.

Muva nje umemezele isinqumo sokuthi useyaphuma kwezombusazwe ngoba useqoke ukuthi ayozinza eHhovisi leDA, abe ngumsebenzi ozobhekana nohlaka lwezokukhankasa ngaphakathi eqenjini. Ngokusho kwakhe, ufinyelele kulesi sinqumo ngenhloso yokwenza iqembu likhule ngamandla KwaZulu-Natal njengoba kubhekwe okhethweni ngowezi-2019. Lesi sikhundla sokuba umsebenzi umehluko waso ukuthi asinawo amandla asabalele, afana nawokuba ngusopolitiki nokuba ilungu lesiShayamthetho, lapho uNks wakwaNtuli ebekwazi ukuxhumana nabantu bemikhakha eyehlukene. Lokho ubekwenza evunyelwa ukusabalala kwamandla abenawo njengoba ebekwazi ukuvela emphakathini njengelungu lekomiti lezemfundo esiShayamthetho.

Uma ehambele imiphakathi noma izikole bekuba ngenye indlela leyo yokukwazi ukuba azidayise aphinde aziwe kubantu kanti neqembu lakhe belithola ithuba lokusabalala ezingxenyeni eziningi ngegama lokuthi okaNtuli uhlola isimo emphakathini. Intsha esezikoleni iningi layo elizobe selinelungelo lokuvota ngowezi-2019, uNks wakwaNtuli ubekwazi ukufinyelela kuyo kalula esebenzisa ukuba ilungu lekomiti lezemfundo. Ubekwenza lokhu eyohlola izimo abafundi abakuzo nanezinye izinkinga ababhekana nazo nsuku zonke. Lokhu bekwenza intsha engabafundi ibone uNks wakwaNtuli neqembu lakhe beyikhathalele imfundo. Okubonakala kwehlukile manje ukuthi njengoba engaseyena usopolitiki futhi engasekho esiShayamthetho, kukhona imigoqo angasezukukwazi ukuyeqa. Ukuya ezikoleni nasezindaweni ezahlukene lapho obekusuke kunemiphakathi ekhala ngokuswela intuthuko, sekuzoba nzima ukuba avele asukeleke ayekhona.

Ngenxa yalezi zizathu ezingenhla, kubonakala kufana nokuthi wehlisiwe esikhundleni esinamandla wabuyela phansi njengoba esezohlale esehhovisi njengomsebenzi ongena ekuseni aphume ntambama. Lokhu kuzobe kungaqali njengoba nangesikhathi esula esikhundleni sokuhola intsha kwabe sekungukucwila kwakhe kupolitiki kazwelonke eNingizimu Afrika. Ngesikhathi ehola lolu phiko kuzwelonke ubehlale eba nemikhankaso ebimenza abonakale exhumene ngqo nentsha futhi nabamaqembu ayizimbangi zeDA bebengabungabazi ubuholi bakhe. Lokhu bekugqama kakhulu uma ezobekwa esigcawini sezinkulumo mpikiswano nabanye abaholi lapho ebekhombisa khona ubuholi nobuhlakani uma ephawula noma ephendula. Okunye obekuqapheleka ngaye ukuthi ubengesabi ukusho izinto angaziboni kahle eqenjini nokuyinto egcine isimakhela amazinyo abushelelezi kwabanye abaholi benhlangano.

Isehlakalo esiqale ukukhombisa ukuthi indlela yakhe ebheke empumelelweni kwezombusazwe ingagcina ifiphala, kube yilapho ephambana khona ngokwemibono noNkk uHelen Zille. Kulesi sigameko babanga isinqumo sangowezi-2014 sokuyobhikishela ekomkhulu likaKhongolose, iLuthuli House eGoli, beyokhalaza ngamathuba emisebenzi eyisigidi eyayithenjiswe obenguMengameli wezwe ne-ANC, uMnu uJacob Zuma. Emhlanganweni owawandulela lowo mbhikisho weDA, uNks wakwaNtuli waphosa umbuzo kuNkk uZille wokuthi ngabe kungumqondo ophusile yini ukumashela ezindlini zelinye iqembu lezombusazwe. OkaNtuli wayengayizwa neze eyale mashi kangangokuthi uNkk uZille waze wahluthuka wamtshela ukuthi “uyiqhalaqhala elinesidina”. Le ngxabano yenze impilo yanzima ebuholini bukaNks wakwaNtuli wagcina esula ekuholeni intsha.

See Also

Mhla esula wathatha indiza walibangisa eCape Town eyobikela uNkk uZille ukuthi usezibeka phansi izintambo ekuholeni intsha. UNkk uZille akafunanga nokumbona noma alalele ukuthi usuka eThekwini nje uzothini uNks wakwaNtuli kuye eCape Town. Kunalokho wamyalela ukuba ashiye umyalezo kumsizi wakhe wasehhovisi lokwamukela izivakashi bese ebuyela emuva eThekwini. Lokhu akugcinanga lapho kodwa naKwaZulu-Natal wazithola enokuphambana ngemibono nobengumholi weqembu esifundazweni, uMnu uSizwe Mchunu. Kwathi noma uMchunu esethatha isinqumo sokujuba uNks wakwaNtuli eMkhanyakude ukuba ayokhulisa iqembu, lokho kwahunyushwa njengokuyomlahla ukuze ehluleke. Nangesikhathi uNkk uZille esezibeka phansi izintambo sekuzongena uMnu uMmusi Maimane, uNks wakwaNtuli wakubeka kwacaca ukuthi akazukumvotela uMaimane ngoba uyisichuse sikaNkk uZille ngakho uncamela uDkt uWillmot James.

Ngaphandle kwazo zonke lezi zigigaba abanye abaholi bagcine bechazeka ngomsebenzi wakhe eqenjini. Kuze kwaba nemizamo yabanye abaholi be-ANCYL ababehola isigungu sesikhashana eThekwini, okubalwa uMnu uThami Shezi ababencenga uNks wakwaNtuli ukuba angene kuKhongolose kodwa wabehlula. Ngesikhathi esekomitini lezemfundo, ubehlale ephakamisa izinkinga ezikhungethe izikole nabafundi okubalwa nokuhlinzekwa kwabo ngezokuthutha. Lokhu kuye kwenza ngowezi-2015 wanconywa phakathi eSishayamthetho, owayenguNdunankulu, uMnu uSenzo Mchunu ethi kuyamakha ukubona uNks Ntuli ekukhuthalele ukubeka phambili usizi olukhungethe abafundi ikakhulukazi abasezindaweni ezisemakhaya. UMchunu waze wathi uyafisa nabanye osopolitiki abasemaqenjini aphikisayo baziphathe njengoNks wakwaNtuli, baphakamise izinkinga zomphakathi ngendlela eyakhayo kuHulumeni hhayi ukudlala ipolitiki eshibhile.

Scroll To Top